Izidakamizwa (Imilaliso)
Incazelo: Kunezincazelo ezihlukahlukene zegama elithi “izidakamizwa.” Ngokomqondo ezikhulunyelwa ngawo lapha, izidakamizwa zingokuthile okungekhona ukudla, okushintsha isimo futhi okungabhekwa njengokudingekile ngokwezokwelapha kodwa okusetshenziswa ngomzamo wokubalekela izinkinga zokuphila, ukuba nomuzwa wokuphupha, noma umuzwa wokuba kahle noma wokuthokoza.
Ingabe iBhayibheli ngempela liyakwenqabela ukusetshenziswa kwezidakamizwa ngenxa yenjabulo?
Alizibizi ngamagama izinto ezinjengeheroin, cocaine, LSD, PCP (angel dust), insangu, nogwayi. Kodwa liyazinikeza iziqondiso ezidingekayo ukuze sazi okumelwe sikwenze nokumelwe sikugweme ukuze sijabulise uNkulunkulu. Ngokufanayo, iBhayibheli alisho ukuthi akulungile ukusebenzisa isibhamu ukuze ubulale othile, kodwa liyakwenqabela ukubulala.
Luka 10:25-27: “Ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na? . . . Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” (Ingabe umuntu ngempela uthanda uNkulunkulu ngomphefumulo wakhe wonke nangengqondo yakhe yonke uma ekwenza umkhuba ukwenza izinto ezinciphisa ukuphila kwakhe ngokungadingekile futhi abangele ingqondo yakhe ifiphale? Ingabe ubonisa uthando ngomakhelwane wakhe uma entshontshela abanye ukuze asekele umkhuba wakhe wezidakamizwa?)
2 Kor. 7:1: “Lokhu sinalezozithembiso [zokuba noJehova njengoNkulunkulu wethu noBaba wethu], bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.” (Kodwa singalindela yini ukuvunyelwa uNkulunkulu uma ngamabomu senza izinto ezingcolisa imizimba yethu?)
Thithu 2:11, 12: “Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda [“sibe ngabazibambayo,” JB; ‘siphile ukuphila kokuzithiba,’ TEV], nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesisikhathi samanje.” (Ingabe ukusebenzisa imilaliso okukhinyabeza ingqondo yomuntu noma okubangela umuntu alahlekelwe ukuzithiba kuyavumelana nalesoseluleko?)
Gal. 5:19-21: “Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: . . . nokuthakatha, . . . nokuxokozela, nokunjalo . . . abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” (Incazelo yezwi nezwi yegama lesiGreki elithi phar·ma·kiʹa, lapha elihunyushwe ngokuthi “ukuthakatha,” lithi “druggery.” IAn Expository Dictionary of New Testament Words, kaW. E. Vine, lapho ikhulumela leligama lesiGreki, ithi: “Ebuthakathini, ukusetshenziswa kwezidakamizwa, ezingaxutshiwe noma ezinamandla, ngokuvamile kwakuhambisana namazwi okuloya nokunxusa emandleni angabonakali, nokunikezwa izintelezi ezihlukahlukene, iziphandla, njll., okuthiwa kulungiselelwe ukugcina isiguli siphephile emandleni amademoni, kodwa eqinisweni ukuze isiguli sihlatshwe umxhwele ngamandla ayimfihlo omthakathi.” [London, 1940, Umq. IV, kk. 51, 52] Ngokufanayo namuhla, abaningi abasebenzisa izidakamizwa bahilelekile emikhubeni yemimoya noma bahlanganyela nalabo okuthi ngenxa yokungazi noma ngenxa yokudumazeka babe izisulu zamademoni. Qhathanisa noLuka 11:24-26.)
Thithu 3:1: “Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla.” (Ezindaweni eziningi, ukuba nezidakamizwa ezithile noma ukuzisebenzisa kuwukweqa umthetho.)
Njengoba ezinye zezidakamizwa zingamsiza umuntu ukuba azizwe engcono, ingabe ziyingozi ngempela?
2 Thim. 3:1-5: “Ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba . . . abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, . . . labo-ke wobagwema.” (Ngokusobala iBhayibheli liyaxwayisa ngokufuna injabulo kuze kube sezingeni lokuba siyibeke ngaphambi kokusebenzisa izimiso zokulunga zeZwi likaNkulunkulu nokuvunyelwa nguye.)
Eminye IMILALISO iqeda izinhlungu futhi ingase iveze umuzwa wokwaneliseka, kodwa nayo futhi iyimilutha futhi ingase ibangele ukufa ngenxa yokweqisa. Ukubhema IZINCIBILIKISI ezithile ezinjengophethiloli kungase kuveze umuzwa wokwesasa, kodwa futhi kungase kuphumele ekukhulumeni okusontekile, ukuphazamiseka kokubona, ukulahlekelwa ukulawula imisipha, ngaphandle kokulimala kwengqondo, isibindi, nezinso okungenakwelapheka. IZIDUNGANGQONDO zibangela umuzwa wokuba “mnandi” futhi zibonakale ziqeda ukukhathala, kodwa futhi zibangela ukuphazamiseka kokulinganisela ibanga, zikhubaze ukucabanga okunengqondo, zingabangela nezinguquko zobuntu ezingenakwelapheka, futhi ziveze ukuthambekela kokuzibulala noma ukubulala abantu.
Kuthiwani ngensangu—ingabe ayinangozi? Abanye odokotela baye bathi inayo
UDavid Powelson, M.D., owayeyinhloko yodokotela bengqondo, eCowell Hospital, eYunivesithi yaseCalifornia, eBerkeley, ngesinye isikhathi wake wakhuthaza ukuvunyelwa ngokomthetho ukusetshenziswa kwensangu. Kamuva, ngemva kokuba sekunobufakazi obengeziwe, wabhala: “Manje sengikholelwa ukuthi insangu iyisidakamizwa esiyingozi kakhulu okumelwe silwe naso: 1. Uma usaqala ukuyisebenzisa iyakhohlisa. Oyisebenzisayo unikezwa umuzwa wenkohliso wokuzizwa emnandi; akakuzwa ukuwohloka kokusebenza kwengqondo yakhe nokomzimba. 2. Ukusetshenziswa kwayo okuqhubekayo kuholela ekucabangeni kokudumazeka. Ngemva kokusetshenziswa ngokuqhubekayo unyaka kuya kwemithathu, izimo zokucabanga okubangelwa isifo ziqala ukuthatha isikhundla senqubo yokucabanga evamile.”—Executive Health Report, October 1977, k. 8.
UDr. Robert L. DuPont, owayengumqondisi weNational Institute on Drug Abuse eUnited States, esikhathini esidlule wayecashunwa njengobukela phansi ingozi yensangu, muva nje uye waphawula: “Impikiswano yangempela iyingozi yempilo elethwa yilolubhememe [lokusetshenziswa kwensangu isizukulwane sentsha], ingozi okungenani yezinhlobo ezimbili. Eyokuqala iyimiphumela yokudakwa, esukela ethonyeni eliyingozi ekushayeleni kuya ekunganakini ngakho konke. Enye ingxenye ingeyempilo ngokuphelele. Lapha ukukhathalela kusukela ekuhlaselweni njalo kwemithanjana yomoya emaphashini okungapheli phakathi kwabasebenzisi bensangu kuze kube sengozini yokuba nemiphumela elimazayo kumahormone, imiphumela esimisweni sokuzivikela ngisho nekhensa.”—Montreal Gazette, March 22, 1979, k. 9.
IScience Digest yanikeza lemininingwane: “Ukubhema insangu njalo, ngokuhamba kwesikhathi kungase kwandise igebe phakathi kwalapho kuhlangana khona imizwa engqondweni okungokudingekile emisebenzini ebalulekile enjengenkumbulo, umzwelo nokuziphatha. Ukuze imizwa yenze imisebenzi yayo, kumelwe ikwazi ukuxhumana yodwa.” Khona-ke, sikhulumela imiphumela yokuhlola okwakuhilela izilwane, lesihloko siyaqhubeka: “Imiphumela eyaphawuleka kakhulu yenzeka ezingxenyeni zokwehlukana komzimba, ezihambisana nemizwelo; ihippocampus, ingxenye yengqondo ephathelene nokwakheka kwenkumbulo; neamygdala, okuyingxenye ephathelene nezenzo ezithile zokuziphatha.”—March 1981, k. 104.
Ingabe ukusebenzisa insangu kubi ngaphezu kokusebenzisa uphuzo oludakayo?
Uphuzo oludakayo luwukudla futhi umzimba uyaluncibilikisa ukuze lunikeze amandla; lokho okungadingeki umzimba uyakukhipha. Nokho, isazi sokusebenza kwezidakamizwa emzimbeni sathi: “Insangu iyisidakamizwa esinamandla kakhulu, futhi iphutha elikhulu kakhulu esilenzayo liwukuyiqhathanisa notshwala.” “Ngokuqhathanisa izingxenye ezincane zalokhu, iTHC [ensangwini] inamandla ngokuphindwe ngezi-10 000 kune-alcohol ngokuqondene namandla ayo okudakisa ngokusesilinganisweni . . . iTHC isuswa kancane emzimbeni, futhi kudingeka izinyanga eziningi zokuswabuluka emiphumeleni yayo.” (Executive Health Report, October 1977, k. 3) UMdali uyazi ukuthi senziwe kanjani, futhi iZwi lakhe livumela ukusetshenziswa kophuzo oludakayo ngokusesilinganisweni. (IHu. 104:15; 1 Thim. 5:23) Kodwa futhi ukulahla ngokunamandla ukuphuza utshwala ngokweqile, njengoba nje elahla ukuminza.—IzAga 23:20, 21; 1 Kor. 6:9, 10.
Kungani oFakazi BakaJehova bebheka ukubhema ugwayi njengesono esingathi sína kangaka?
Kubonisa ukungasihloniphi isipho sokuphila
IzE. 17:24, 25: “UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo . . . yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke.”
“Ubufakazi bokuthi usikilidi unciphisa ubude bokuphila buningi kakhulu; ukuhlangana kwawo nokubangela ukuncipha kobude bokuphila kuye kwaqinisekiswa njenganoma ikuphi kwezokwelapha.”—Science 80, September/October, k. 42.
Imibiko ibonisa ukuthi eUnited States inani labafayo minyaka yonke ngenxa yokubhema liye labalwa njengeliyizi-300 000; eBrithani, 50 000; eCanada, 50 000. “Abantu abangaphezu kwesigidi bayafa minyaka yonke ngenxa yezifo ezihlangene nokubhema kanti aMazwe Asathuthuka, asebenzisa ama-52% kagwayi, aba nesilinganiso esikhula ngokushesha salabo abafayo.”—The Journal (Toronto), September 1, 1983, k. 16.
OwayenguNobhala waseU.S. weZempilo, eZemfundo, neZenhlalakahle, uJoseph Califano, wathi: “Namuhla akungabazeki ukuthi ukubhema ngempela kuwukuzibulala kancane kancane.”—Scholastic Science World, March 20, 1980, k. 13.
Akuhambisani nalokho uNkulunkulu afuna ukuba amaKristu amkhonze ngakho
Roma 12:1: “Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube-ngukukhonza kwenu kokuqonda.”
Udokotela-jikelele ohlinzayo eUnited States, uC. Everett Koop, wathi: “Ukubhema usikilidi kuchazwa ngokusobala njengembangela yokufa engagwemeka kakhulu emphakathini wethu.” (The New York Times, February 23, 1982, k. A1) “Ukuhlola kwezokwelapha kubonisa ukuthi . . . isilinganiso sobude bokuphila komuntu obhemayo singaphansi ngeminyaka emithathu kuya kwemine kunesomuntu ongabhemi. Isilinganiso somuntu oyixhwele likagwayi—umuntu obhema amaphakethe kasikilidi amabili noma ngaphezulu ngosuku—singase sibe sifushane ngeminyaka eyisishiyagalombili kunesalowo ongabhemi.” (The World Book Encyclopedia, 1984, Umq. 17, k. 430) Ingabe kungokufanelekile ngomuntu ukuba anikele ngokuphila kwakhe ekukhonzeni uNkulunkulu abe esekubhubhisa kancane kancane lokho kuphila?
“Ukubhema kuwohloza ikakhulukazi inhliziyo namaphaphu, kangangokuthi ezinye izici zokwelapha ezivikelayo ziba zincane kakhulu ngokuqhathaniswa uma umuntu ebhema.” (University of Southern California News Service, February 18, 1982) “Ukubhema cishe kuyimbangela eyodwa enkulu kakhulu yokungaphili kahle engagwenywa emhlabeni.” (Dr. H. Mahler, umqondisi-jikelele weWorld Health Organization, kuyiWorld Health, February/March 1980, k. 3) Ingabe kuwukungaziphikisi ngomuntu ukuzinikela kuNkulunkulu ngenxa yenkonzo engcwele bese kuthi ngamabomu onakalise impilo yakhe?
Ukubhema kuwukweqa imfuneko yaphezulu yokuba sithande umakhelwane wethu
Jak. 2:8: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”—Qhathanisa noMathewu 7:12.
“Ukuhlola kwamuva . . . kwembula ukuthi abafazi abangabhemi bamadoda abhemayo bafa ngesilinganiso seminyaka emine ngaphambi kwabesifazane abanabayeni abangabhemi.” (The New York Times, November 22, 1978, k. C5) “Ukubhema ngesikhathi sokukhulelwa kungabangela ukukhubazeka okukhulu kombungu esizalweni kangangokuthi umbungu ufe, noma usana lufe ngokushesha nje ngemva kokuzalwa.” (Family Health, May 1979, k. 8) Okunjalo ukuphatha amalungu omkhaya ngokungenaluthando kuwubufakazi obusobala bokuthi umuntu akenzi njengomKristu.—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 5:8.
“Ukuhlola kuye kwabonisa ukuthi njengoba umuntu obhema ngokusesilinganisweni ebhema usikilidi wakhe ngokoqobo ingxenye encane yesikhathi osuke uvutha ngaso, ongabhemi eqinisweni angase aphoqeleleke nakuba engathandi ukuphefumula icarbon monoxide, itiyela nenicotine eningi njengomuntu obhemayo ohlezi eceleni kwakhe.” (Today’s Health, April 1972, k. 39) Umuntu ongenaluthando kanjalo ngomakhelwane wakhe akabunikezi futhi ubufakazi bokuthanda uNkulunkulu.—Bheka eyoku-1 Johane 4:20.
Kungani uNkulunkulu enza izitshalo lemilaliso eyenziwa ngazo uma kungalungile ukuyisebenzisa?
Izinto ezisetshenziswa kabi ngokuvamile zingasetshenziswa futhi ngokufanelekile. Kunjalo ngezitho zomuntu zokuzala. Kunjalo ngewayini. Insangu yakhiwa ngamahlamvu omisiwe nezihloko ezikhipha imbali zesitshalo sensangu, okunikeza imicu emihle yokwenza izintambo nendwangu. Amahlamvu kagwayi, asetshenziswa kabi ngababhemayo, angasetshenziswa futhi ekwakheni izibulali-magciwane nezibulali-zinambuzane. Ngokuqondene neminingi imikhiqizo yomhlaba, kusekuningi okusazofundwa ngokuqondene nokuthi ingasetshenziswa kanjani ngokunenzuzo. Ngisho nokhula lunenzuzo ekuvikeleni ukuguguleka komhlabathi nasekwenzeni imvundela uma inhlabathi ingalinyiwe.
Yini umuntu angayenza uma eye wazama ukuhlukana nokubhema noma okunye ukusetshenziswa kwezidakamizwa kodwa wangaphumelela?
Okokuqala, ngokutadisha iBhayibheli nangokuzindla udinga ukuhlakulela isifiso esinamandla sokujabulisa uNkulunkulu nokuphila esimisweni sakhe esisha sezinto sokulunga. Uma usondela kuye, uyosondela kuwe, akunikeze usizo oludingekayo.—Jak. 4:8.
Kubalulekile ukuqiniseka ngobubi balemikhuba nokuhlakulela inzondo yoqobo ngabo. (IHu. 97:10) Lokhu kungenziwa ngokubukeza amaqiniso ahlelwe kulengxenye yencwadi nangokuzindla, hhayi ngenjabulo yamanje yesikhashana engase itholakale ngalemikhuba, kodwa ngalokho okuthokozisa uNkulunkulu nokuthi imiphumela yalemikhuba emibi ihlazisa kanjani.
Uma uzwa ukuqalekela ugwayi okunamandla noma ukusebenzisa omunye weminye imilaliso, thandaza ngobuqotho kuNkulunkulu ucele usizo. (Luka 11:9, 13; qhathanisa neyabaseFilipi 4:13.) Kwenze ngaso lesosikhathi. Futhi, thatha iBhayibheli lakho ulifunde kakhulu, noma thintana nomKristu ovuthiwe. Mtshele ukuthi kwenzekani ucele usizo lwakhe.