Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gm isahl. 14 kk. 184-189
  • IBhayibheli Nawe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli Nawe
  • IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yamukela Usizo
  • Sebenzisa Iseluleko SeBhayibheli
  • Yamukela Igunya Lalo
  • Akekho Ophelele
  • Phila NgeZwi LikaNkulunkulu
  • IZwi LikaNkulunkulu Liyiqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Libambe Ngokuqinile IZwi LikaNkulunkulu
    Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
  • Ukuzuza Ekufundeni IBhayibheli Nsuku Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Umthombo Wokuhlakanipha Ophakeme
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
Bheka Okunye
IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
gm isahl. 14 kk. 184-189

Isahluko 14

IBhayibheli Nawe

Abagxeki banamuhla bathi iBhayibheli alilona elingokwesayensi futhi liyaziphikisa, bathi limane nje liyiqoqo lezinganekwane. Ngakolunye uhlangothi, uJesu wathi: “Izwi lakho [Nkulunkulu] liyiqiniso.” (Johane 17:17) Ubufakazi busekela uJesu kunokusekela abagxeki. Amaqiniso abonisa ukuthi iBhayibheli lineqiniso ngokomlando. Ngaphezu kwalokho, ukuvumelana kwalo okuphawulekayo, iziprofetho zalo eziyiqiniso, ukuhlakanipha kwalo okujulile, nethonya lalo elihle ekuphileni kwabantu konke kubonisa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu elilotshiwe. Njengoba umphostoli uPawulu abhala: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:16.

1. (Hlanganisa nesethulo.) (a) Amaqiniso abonisani ngeBhayibheli? (b) Iqiniso lokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe lisho ukuthini?

IQINISO lokuthi iBhayibheli liyizwi likaNkulunkulu, hhayi elomuntu, lisho okukhulu kakhulu. Lisho ukuthi uNkulunkulu ngempela uye wakhulumisana nabantu. Uye waphendula eminingi yemibuzo yethu futhi uye wabonisa ikhambi kweziningi zezinkinga zethu. Lisho futhi ukuthi amathemba ekusasa achazwe eBhayibhelini angokoqobo. UMbuso kaNkulunkulu ngempela uyabusa futhi ngesikhathi esifanele uyothatha isinyathelo sokususa emhlabeni konke ukungalungi, ukucindezela, nokuhlupheka.

2. Ulwazi lokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu kufanele lukushukumisele ukuba wenzeni?

2 Manje, umbuzo uwukuthi: Yini ozoyenza ngalokhu kwaziswa? Okungenani, ulwazi lokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu kufanele lukukhuthaze ukuba ulifunde. Umhubi wathembisa injabulo kulabo abenza kanjalo lapho ebhala: “Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi . . . kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.”—IHubo 1:1, 2.

Yamukela Usizo

3, 4. (a) Njengoba iBhayibheli ngokwalo libonisa, kufanele senzeni uma sithola izinto esingaziqondi eBhayibhelini? (b) Obani ngaso sonke isikhathi abazimisele ukusiza abantu baqonde iBhayibheli kangcono?

3 Cishe, ekufundeni kwakho iBhayibheli, uyothola izinto ongaziqondi. (2 Petru 3:16) Isenzakalo esalotshwa encwadini yeBhayibheli yezEnzo sibonisa ukuthi lokhu kufanele kulindelwe. Ngokushesha ngemva kokufa kukaJesu, umTiyopiya wayefunda eziprofethweni zencwadi yeBhayibheli kaIsaya. Umvangeli ongumKristu uFiliphu wahlangana nalendoda futhi wabuza: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo?” UmTiyopiya wayengakuqondi, ngakho wamema uFiliphu ukuba amsize akuqonde.—IzEnzo 8:30, 31.

4 Owesifazane othile eUnited States wayesesimweni esifanayo. Wayelifunda njalo iBhayibheli, kodwa kwakunezimfundiso zeBhayibheli eziningi ezibalulekile ayengazange aziqonde lapho efunda yedwa. Kwakungemva kokuba eye waba nezingxoxo noFakazi BakaJehova lapho afunda khona ngamaqiniso eBhayibheli ayisisekelo, kuhlanganise nokubaluleka koMbuso kaNkulunkulu nezibusiso eziningi loMbuso oyozilethela isintu. Uma ubamema, oFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza nawe ukuba ukwazi ukukuqonda kangcono lokho okufunda eBhayibhelini.

Sebenzisa Iseluleko SeBhayibheli

5. NgokweBhayibheli, iyiphi inkambo eletha injabulo?

5 Sikhuthazwa ukuba singalifundi nje kuphela iBhayibheli kodwa futhi ukuba sikusebenzise lokho esikufundayo. (IHubo 119:2) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liyakhuthaza: “Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowomuntu ophephela kuye.” (IHubo 34:8) Eqinisweni, lisimema ukuba simvivinye uNkulunkulu. Zama ukuphila ngokwezimiso zikaNkulunkulu, ubonisa ukuthi uthemba ukuthi uNkulunkulu uyakwazi okungcono kakhulu ngawe. Kungalesosikhathi kuphela lapho uyobona khona ukuthi lena ngempela iyindlela efanele. Labo abamethemba kanjalo uNkulunkulu ngempela bayajabula.

6. Ingabe kungenzeka ukuphila ngokwezindinganiso zeBhayibheli namuhla? Chaza.

6 Abanye bathi akekho umuntu ongaphila ngezimiso zeBhayibheli kulelizwe elingathembekile, lokuziphatha okubi, nelinobudlova. Nokho, iqiniso liwukuthi abaningi bayakwenza. Obani? Insizwa ethile eAfrika yathola iqembu labantu abanjalo. Yabhala: “Bengilokhu ngiqaphela eminyakeni embalwa edlule ukuthi lapha eZimbabwe yinina, boFakazi BakaJehova, abazama ngempela ukulandela isibonelo sikaKristu siqu . . . Niwukuphela kweqembu, kuze kube manje, eliye laphumelela ukungiqinisekisa ngothando lukaNkulunkulu nangamandla evangeli laKhe, ngokuphila kwenu hhayi nje kuphela ngezinkulumo nangezincwadi zenu. Niphila ngevangeli futhi niyalishumayela nakuba abantu abaningi kakhulu beshumayela ivangeli kodwa bengaphili ngalo.”

Yamukela Igunya Lalo

7. Imiphi imikhuba evamile namuhla ephambene nalokho iBhayibheli elikushoyo?

7 Umphostoli uPawulu wathi iBhayibheli ‘lilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni.’ (2 Thimothewu 3:16) Nokho, ngezinye izikhathi, lokho iBhayibheli elikushoyo akuthandeki. Ngokwesibonelo, iBhayibheli liyazilahla izenzo zobungqingili, kodwa ubungqingili bubhekwa ngokuvamile njengomkhuba wokuphila owamukelekayo. (Roma 1:24-27; 1 Korinte 6:9-11; 1 Thimothewu 1:9-11) IBhayibheli futhi lithi ukuphila komntwana ongakazalwa kubalulekile futhi akufanele kubulawe ngamabomu, kodwa cishe unyaka ngamunye kukhishwa izisu eziyizigidi ezingama-50 emhlabeni kabanzi. (Eksodusi 21:22, 23; IHubo 36:9; 139:14-16; Jeremiya 1:5) Kuthiwani uma thina siqu sikuthola kunzima ukwamukela lokho iBhayibheli elikushoyo ezindabeni ezinjalo?

8, 9. Lapho okokuqala sikuthola kunzima ukwamukela iphuzu elithile eBhayibhelini, yini okufanele siyikhumbule, futhi izindinganiso zikabani okufanele sizamukele ngaso sonke isikhathi?

8 Nokho, amaKristu aye afunda ukuthi ngaso sonke isikhathi kuwukuhlakanipha ukulandela iZwi likaNkulunkulu. Ngani? Ngoba ukulandela lokho iBhayibheli elikushoyo ngaso sonke isikhathi, ekugcineni kusebenzela inzuzo yabo bonke. (IzAga 2:1-11) Iqiniso liwukuthi, abantu balinganiselwe kakhulu ngokuqondene nokuhlakanipha. Abakwazi ukubikezela imiphumela yezenzo zabo. Umprofethi uJeremiya wavuma: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.”—Jeremiya 10:23.

9 Sidinga kuphela ukubheka izwe elisizungezile ukuze sibone ukuthi lesiphetho siyiqiniso. Izinkinga eziningi ezikhathaza izwe ziyimiphumela eqondile yokungasilandeli kwabantu iseluleko seZwi likaNkulunkulu. Umlando wesintu omude, ogcwele izinkinga uye wabonisa ukuthi abantu abanakuzinqumela ngokuphumelelayo ezindabeni zokuziphatha. UNkulunkulu uhlakaniphe ngokungenamkhawulo ngaphezu kwethu. Kungani singamukeli lokho akushoyo, esikhundleni sokuncika ekuhlakanipheni kwethu siqu?—IzAga 28:26; Jeremiya 17:9.

Akekho Ophelele

10, 11. (a) Yimaphi amaqiniso ngendlela esenziwe ngayo nangezwe esiphila kulo adala izinkinga lapho sizama ukuphila ngokwezindinganiso zeBhayibheli? (b) Hlobo luni lwabangane iBhayibheli elisikhuthaza ukuba sibafune, futhi singabatholaphi abangane abanjalo?

10 IBhayibheli lisiqaphelisa enye indawo lapho sidinga khona usizo. Sonke sinokuthambekela esakuzuza ngefa kokona. “Imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.” (Genesise 8:21; Roma 7:21) Lenkinga ishubiswa iqiniso lokuthi siphila ezweni elingazilandeli izimiso zeBhayibheli. Ngakho, sidinga usizo hhayi kuphela lokuqonda iBhayibheli kodwa futhi nolokusebenzisa izinto esizifundayo. Kungakho iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sihlangane nabanye abafuna ukuphila ngokwezindinganiso zikaNkulunkulu. Umhubi wabhala: “Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi, angihlali nababi. . . . Ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.” Futhi elinye ihubo lithi: “Kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.”—IHubo 26:5, 12; 133:1.

11 Ukuhlangana ndawonye kuyisici esibalulekile sokukhulekela koFakazi BakaJehova. Banemihlangano eminingana isonto ngalinye, kanye nemihlangano emikhulu eqhutshwa ngezikhathi ezithile, lapho befunda khona iBhayibheli ndawonye futhi baxoxe ngendlela izimiso zalo ezisebenza ngayo ekuphileni kwabo. Bakha “inhlangano yabazalwane” yomhlaba wonke umuntu ngamunye kuyona akhuthazwa futhi asizwe ukuba alondoloze lezizindinganiso zeBhayibheli eziphakeme. (1 Petru 2:17, qhathanisa neNW.) Kungani ungayi komunye wemihlangano yabo futhi ubone indlela umphakathi onjalo ongakusiza ngayo nawe?—Heberu 10:24, 25.

Phila NgeZwi LikaNkulunkulu

12. Yiziphi izibusiso eziza ngokwazi ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu?

12 Ngakho, ukwazi ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu kuletha izibusiso nemithwalo yemfanelo. Siyabusiswa ngoba sithola isiqondiso sokuziphatha kwethu kwansuku zonke esingatholakali kwenye indawo. Ngaphezu kwalokho, sifunda ngothando lukaNkulunkulu ekusinikezeni iNdodana yakhe siqu ukuba isihlenge ukuze sikwazi ukuba nethemba lokuphila okuphakade. (Johane 3:16) Siyaqaphela ukuthi uJesu manje ubusa njengeNkosi futhi ngokushesha uzothatha isinyathelo sokususa ububi emhlabeni. Futhi silindele ngokuqiniseka “amazulu amasha nomhlaba omusha” kokulunga okuthenjiswe uNkulunkulu ngokwakhe.—2 Petru 3:13.

13. Imiphi imithwalo yemfanelo esiba nayo lapho samukela iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu?

13 Nokho, khumbula ukuthi sinomthwalo wemfanelo wokufunda iBhayibheli nokukuthatha ngokungathi sína lokho elikushoyo. UNkulunkulu ngokwakhe uyasinxusa: “Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami.” (IzAga 3:1) Ngisho nakuba abaningi bebheka iBhayibheli njengezwi lomuntu, kufanele ngesibindi ‘senze uNkulunkulu atholakale eneqiniso, nakuba wonke umuntu engatholakala engumqambi-manga.’ (Roma 3:4, NW) Vumela ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kuqondise ukuphila kwakho. “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho . . . Mazise yena ezindleleni zakho zonke.” (IzAga 3:5, 6) Ukulalela ngokuhlakanipha iZwi likaNkulunkulu ngalendlela kuyothinta ukuphila kwakho ngendlela enhle kokubili manje naphakade.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 187]

Kufanele singa-lifundi nje kuphela iBhayibheli kodwa futhi sikusebenzise lokho esikufundayo

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 188]

Ukulandela lokho iBhayibheli elikushoyo ngaso sonke isikhathi kusebenzela inzuzo yethu enhle kakhulu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela