Ukuzuza Ekufundeni IBhayibheli Nsuku Zonke
“Ubusisiwe umuntu . . . okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.”—IHUBO 1:1, 2.
1. (a) Yiluphi uphawu olugqamile olubonakala kolunye uhlangothi lwesakhiwo sefektri endlunkulu yomhlaba wonke ye-Watch Tower Society? (b) Siyozuza kanjani uma sifaka lowomyalo enhliziyweni ngokomuntu siqu?
“FUNDA IZWI LIKANKULUNKULU IBHAYIBHELI ELINGCWELE NSUKU ZONKE.” Lawomazwi abhalwe ngosonhlamvukazi abonakala kolunye uhlangothi lwesakhiwo eBrooklyn, eNew York, lapho amaBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli kunyatheliswa khona yi-Watchtower Bible and Tract Society. Lowomyalo awuqondisiwe kubantu bezwe nje kuphela ababona loluphawu. OFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi nabo kudingeka bawufake enhliziyweni. Labo abafunda iBhayibheli njalo bese belisebenzisa ngokomuntu siqu bayazuza ekufundiseni, ekusoleni, ekuqondiseni, nasekuyaleni ekulungeni elikunikezayo.—2 Thimothewu 3:16, 17.
2. UMfoweth’ uRussell wakugcizelela kanjani ukubaluleka kokufunda iBhayibheli?
2 OFakazi BakaJehova bazazisa kakhulu izinsiza-kufundisa zabo zeBhayibheli, kuhlanganise ne-Nqabayokulinda, futhi bazisebenzisa njalo. Kodwa bayazi ukuthi ayikho kuzo ethatha isikhundla seBhayibheli ngokwalo. Emuva ngo-1909, uCharles Taze Russell, umongameli wokuqala we-Watch Tower Bible and Tract Society, wabhalela abafundi bakamagazini i-Watch Tower: “Ningalokothi nikhohlwe ukuthi iBhayibheli liyiNdinganiso yethu nokuthi kungakhathaliseki ukuthi izincwadi zethu ezisisizayo zivela kuNkulunkulu ‘zingezokusisiza’ futhi azithathi indawo yeBhayibheli.”
3. (a) Yimuphi umphumela “izwi likaNkulunkulu” elinawo kulabo abalifundayo? (b) AbaseBereya babefunda futhi betadisha imiBhalo kaningi kangakanani?
3 ImiBhalo ephefumulelwe inokujula namandla okungekho enye incwadi enako. “Izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili futhi lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Heberu 4:12) Umfundi uLuka wabatusa ngokufudumele abantu baseBereya ebabiza ngokuthi ‘banengqondo enhle.’ Abazange nje kuphela bamukele ngentshiseko izwi njengoba lalishunyayelwa umphostoli uPawulu nomngane wakhe uSila kodwa futhi ‘babehlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke’ ukuze bathole isisekelo esingokomBhalo salokho okwakufundiswa.—IzEnzo 17:11.
Ukulifunda Nsuku Zonke
4. ImiBhalo ibonisani ngokuqondene nokuthi kufanele silifunde kaningi kangakanani iBhayibheli?
4 IBhayibheli alisho ngokuqondile ukuthi kufanele silifunde kaningi kangakanani. Nokho, linawo umbhalo weseluleko sikaJehova esasiya kuJoshuwa ‘sokufunda encwadini yomthetho ngezwi eliphansi imini nobusuku’ ukuze enze ngokuhlakanipha futhi aphumelele ekufezeni isabelo sakhe ayesinikezwe uNkulunkulu. (Joshuwa 1:8, qhathanisa ne-NW.) Lisitshela ukuthi noma ubani owayebusa njengenkosi phezu kuka-Israyeli wasendulo kwakumelwe afunde imiBhalo “zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.” (Duteronomi 17:19) Liqhubeka lithi: “Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi . . . Kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.” (IHubo 1:1, 2) Futhi, iVangeli elilotshwe uMathewu lisitshela ukuthi lapho uJesu Kristu enqaba imizamo kaSathane yokumlinga, wacaphuna emiBhalweni YesiHeberu ephefumulelwe, ethi: “Kulotshiwe ukuthi, ‘Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.’” (Mathewu 4:4) Sikudinga kaningi kangakanani ukudla okungokwenyama? Nsuku zonke! Ukudla ukudla okungokomoya kubaluleke nakakhulu ngoba kuthinta amathemba ethu okuphila okuphakade.—Duteronomi 8:3; Johane 17:3.
5. Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kungasisiza kanjani ukuba ‘sihambe ngokufanele uJehova’ lapho ukholo lwethu luvivinywa?
5 Ngamunye wethu kudingeka aqiniswe nsuku zonke iZwi likaNkulunkulu. Nsuku zonke—ekhaya, emsebenzini, esikoleni, emigwaqweni, lapho sithenga, enkonzweni yethu—ukholo lwethu lubekelwa izinselele. Siyobhekana kanjani nazo? Ingabe siyoyikhumbula kalula imiyalo nezimiso zeBhayibheli? Kunokuba likhuthaze umuzwa wokuzethemba, iBhayibheli liyaxwayisa: “Lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele ukuba angawi.” (1 Korinte 10:12) Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kuyosisiza ukuba ‘sihambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele’ kunokuba sivumele izwe lisenze sifane nalo.—Kolose 1:9, 10; Roma 12:2.
Isidingo Sokufunda IBhayibheli Ngokuphindaphindiwe
6. Kungani kuzuzisa ukufunda iBhayibheli ngokuphindaphindiwe?
6 Ukufunda iBhayibheli kuhluke kakhulu ekufundeni incwadi enendaba eqanjiwe. Indaba eqanjiwe ethandwa kakhulu yenzelwe ukufundwa kanye; lapho umuntu eseyazi leyondaba nendlela ephela ngayo, kusuke sekwanele. Ngokuphambene, kungakhathaliseki ukuthi sesilifunde izikhathi eziningi kangakanani iBhayibheli, sizuza kakhulu ngokuphinde silifunde. (IzAga 9:9) Kumuntu oqondayo, imiBhalo ihlale inencazelo entsha. Iziprofetho eziphathelene nezinsuku zokugcina zimhlaba umxhwele ngisho nangokwengeziwe ngenxa yalokho akubonile, wakuzwa, futhi wabhekana nakho yena siqu ezinyangeni zamuva. (Daniyeli 12:4) Njengoba andisa okuhlangenwe nakho kwakhe siqu ekuphileni futhi ebhekana nezinkinga, umfundi weBhayibheli oqondayo usiqaphela ngokugcwele iseluleko okungenzeka wayedlulise amehlo nje kuso esikhathini esingaphambili. (IzAga 4:18) Uma ehlaselwa ukugula okungathi sína, izithembiso zeBhayibheli eziphathelene nokususwa kobuhlungu nokubuyiselwa kwempilo ziba nencazelo ejule kakhudlwana kuye kunanini ngaphambili. Lapho abangane abaseduze namalungu omkhaya befa, isithembiso sovuko siba yigugu nakakhulu.
7. Yini engasisiza lapho siqala umthwalo wemfanelo omusha ekuphileni, futhi ngani?
7 Kungenzeka ukuthi wena siqu usufundé iBhayibheli iminyaka eminingi futhi wasebenzisa iseluleko salo. Kodwa mhlawumbe manje usuqala imithwalo yemfanelo emisha ekuphileni. Ingabe uhlela ukushada? Ingabe usuzoba umzali? Ingabe uye waphathiswa umthwalo wemfanelo wokuba umdala noma inceku ekhonzayo ebandleni? Ingabe uye waba umshumayeli wevangeli wesikhathi esigcwele, waba namathuba engeziwe okushumayela nokufundisa? Yeka indlela obekungazuzisa ngayo ukuphinde ulifunde lonke iBhayibheli ucabanga ngaleyomithwalo yemfanelo emisha!—Efesu 5:24, 25; 6:4; 2 Thimothewu 4:1, 2.
8. Izimo ezishintshile zingasibonisa kanjani isidingo sokufunda okwengeziwe ngezinto ebesicabanga ukuthi siyazazi kakade?
8 Kungenzeka ukuthi esikhathini esidlule uye wenza kahle ekubonakaliseni izithelo zomoya. (Galathiya 5:22, 23) Kodwa kungenzeka ubhekene nezimo ezishintshile ezidinga ukuba ufunde okwengeziwe ngalezozimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu. (Qhathanisa namaHeberu 5:8.) Othile owayengumbonisi ojikelezayo owakuthola kudingekile ukuba ashiye inkonzo yakhe ekhethekile ukuze anakekele abazali bakhe asebekhulile wathi: “Ngangicabanga ukuthi ngangenza kahle ngokwanele ekubonakaliseni izithelo zomoya. Manje ngizwa sengathi sengiqala phansi.” Ngokufanayo, amadoda nabafazi abanabangane bomshado abanokugula okungokomzimba noma okungokomzwelo okungathi sína bangase bathole ukuthi lapho bebanakekela, ukucindezeleka ngezinye izikhathi kwenza basabele ngendlela ebadumazayo. Ukufunda iBhayibheli njalo kuwumthombo wenduduzo nosizo olukhulu.
Isikhathi Ukufundwa KweBhayibheli Okungase Kwenziwe Ngaso
9. (a) Yini engasiza umuntu omatasa kakhulu ukuba athole isikhathi sokufunda iBhayibheli nsuku zonke? (b) Kungani ukufunda iZwi likaNkulunkulu kubaluleke ngokukhethekile kubadala?
9 Yiqiniso, kubantu abamatasa kakhulu kakade, ukuthola isikhathi sokwenza okuthile okwengeziwe njalo kuyinselele. Nokho, singazuza esibonelweni sikaJehova. IBhayibheli lembula ukuthi wenza izinto ‘ngezikhathi [ezimisiwe, NW].’ (Genesise 21:2; Eksodusi 9:5; Luka 21:24; Galathiya 4:4) Ukuqonda ukubaluleka kokufunda iZwi likaNkulunkulu njalo kungasisiza ukuba simise isikhathi sokukwenza esimisweni sethu sansuku zonke. (Efesu 5:15-17) Abadala ikakhulukazi kudingeka babekele eceleni isikhathi sokufunda iBhayibheli njalo ukuze iseluleko abasinikezayo sisekelwe ngokuqondile ezimisweni zeBhayibheli futhi ukuze umoya abawubonisayo uveze “ukuhlakanipha okuvela phezulu.”—Jakobe 3:17; Thithu 1:9.
10. Labo abafunda iBhayibheli nsuku zonke basithola nini isikhathi sokulifunda?
10 Abaningi abaphumelelayo esimisweni sabo sokufunda iBhayibheli komuntu siqu balifunda ekuseni kakhulu ngaphambi kokuba baqale imisebenzi yabo yosuku. Abanye bathola ukuthi lokhu bakwazi ukukwenza kangcono njalo ngesinye isikhathi. Amakhasethi eBhayibheli (lapho etholakala) asiza abasebenzisa izinto zokuhamba ukuba basisebenzise kahle isikhathi abasichitha endleleni, futhi abanye oFakazi bawalalela lapho benza imisebenzi yasekhaya evamile. Izimiso eziye zasebenza koFakazi abahlukahlukene eYurophu, e-Afrika, eNyakatho Melika, eNingizimu Melika, nasemazweni aseMpumalanga ziboniswe emakhasini 20 no-21, esihlokweni esithi “Isikhathi Abalifunda Ngaso Nendlela Abazuza Ngayo.”
11. Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kungafinyelelwa kanjani nakuba isikhathi esitholakalayo sisincane?
11 Okubaluleke kakhulu akusona isilinganiso sesikhathi osinikela esimisweni sakho sokufunda iBhayibheli isikhathi ngasinye okwenza ngaso kodwa ukulifunda kwakho njalo. Ungase ukuthole kuzuzisa ukulifunda isikhathi esingangehora noma ngaphezulu uzinzile, wenza ukucwaninga okwengeziwe futhi ugxile kakhudlwana ekwazisweni. Kodwa ingabe isimiso sakho siyavuma ukuba ukwenze njalo lokho? Kunokuba uvumele izinsuku zidlule ungazange ulifunde nhlobo iBhayibheli, bekungebe ngcono yini ukuba nsuku zonke ufunde imizuzu engu-15 noma ngisho nemihlanu? Zenzele isinqumo sokuba ufunde iBhayibheli nsuku zonke. Khona-ke yenezela lokho kufunda ngokwenza ukucwaninga okujule kakhudlwana lapho kungenzeka.
Izindlela Ezihlukahlukene Zokufunda IBhayibheli
12. Yisiphi isimiso sokufunda iBhayibheli amalungu amasha omkhaya waseBethel nabafundi baseGilead abanaso?
12 Kunezindlela eziningi zokufunda iBhayibheli. Kuyazuzisa ukulifunda kusukela kuGenesise kuya kusAmbulo. Wonke amalungu omkhaya waseBethel embulungeni yonke akhonza endlunkulu yomhlaba wonke noma kwelinye lamagatsha eNhlangano kudingeka afunde lonke iBhayibheli phakathi nonyaka wokuqala wenkonzo yawo yaseBethel. (Lokho ngokuvamile kuhilela ukufunda izahluko ezintathu kuya kwezinhlanu, kuye ngobude bazo, noma amakhasi amane kuya kwamahlanu, usuku ngalunye.) Abafundi base-Watchtower Bible School of Gilead nabo kumelwe bafunde iBhayibheli kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni ngaphambi kokuba bathweswe iziqu. Kwethenjwa ukuthi lokhu kuyobasiza ukuba benze ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kube ingxenye yokuphila kwabo.
13. Yimuphi umgomo oFakazi abasanda kubhapathizwa okutuswa ukuba bazibekele wona?
13 Kuyazuzisa ukuba oFakazi abasanda kubhapathizwa bazibekele umgomo wokulifunda lonke iBhayibheli. Ngo-1975, ngenkathi ilungiselela ubhapathizo, insizwa yaseFrance yabuzwa umdala ukuthi inaso yini isimiso esiqondile sokufunda iBhayibheli. Kusukela ngalesosikhathi iye yalifunda lonke iBhayibheli unyaka ngamunye, ngokuvamile ilifunda ekuseni ngaphambi kokuba iye emsebenzini. Ngokuqondene nemiphumela, ithi: “Ngiye ngamazi kangcono kakhulu uJehova. Ngibona indlela yonke into ayenzayo ehlobene ngayo nenjongo yakhe nendlela asabela ngayo lapho kuvela izithiyo. Ngesikhathi esifanayo, ngiyabona ukuthi uJehova ulungile futhi muhle kuzo zonke izenzo zakhe.”
14. (a) Ukuze uqale isimiso esiqhubekayo sokufunda iBhayibheli komuntu siqu, yini edingekayo? (b) Yini eyosisiza ukuba sikhumbule uhlaka lwencwadi yeBhayibheli ngayinye lapho siyifunda?
14 Ingabe usulifunde lonke iBhayibheli? Uma kungenjalo, manje isikhathi esihle sokuba uqale. Yenza isimiso esiqondile, bese unamathela kuso. Nquma ukuthi uzofunda amakhasi amangaki noma izahluko ezingaki usuku ngalunye, noma mane nje unqume ukuthi singakanani isikhathi oyosisebenzisa futhi nini. Akubona bonke abantu abayoliqeda iBhayibheli ngonyaka, kodwa into ebalulekile ukufunda iZwi likaNkulunkulu njalo, wenza kanjalo nsuku zonke uma kungenzeka. Njengoba uqhubeka ufunda iBhayibheli, ungase uthole ukuthi ukusebenzisa izincwadi ezithile okubhekiselwa kuzo kuwusizo ekugxiliseni engqondweni yakho uhlaka lwalokho okufundayo. Uma i-Insight on the Scriptures itholakala ngolimi lwakho, khona-ke ngaphambi kokuba uqale ukufunda incwadi ethile yeBhayibheli, bukeza uhlaka olufingqiwe lwamaphuzu avelele ayo njengoba luvezwe ku-Insight.* Phawula ikakhulukazi izihloko ezibhalwe ngamagama agqamile kuloluhlaka. Noma sebenzisa ngendlela efanayo ukubukeza okwenabe kakhudlwana okusencwadini ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo.”a
15. (a) Yimaphi amacebiso anikezwe emakhasini 16 no-17 angakusiza ukuba uthuthukise ukufunda kwakho iBhayibheli? (b) Kunokuba ufunde inani elithile lamakhasi ngendlela yokugcina icala, iyiphi into ebalulekile okufanele siyinakekele kakhulu?
15 Ukufunda iBhayibheli ngokuphindelela kuyazuzisa, kodwa ungamane nje ube umfundi ogcina icala. Ungafundi inani elithile lamakhasi usuku ngalunye ukuze nje uthi wena ulifunda lonke iBhayibheli minyaka yonke. Njengoba kuboniswe ebhokisini elithi “Amacebiso Okuthuthukisa Ukufunda Kwakho IBhayibheli” (amakhasi 16 no-17), ziningi izindlela ongafunda ngazo iBhayibheli futhi ulijabulele. Kungakhathaliseki ukuthi usebenzisa yiphi indlela, qiniseka ukuthi wondla kokubili ingqondo yakho nenhliziyo yakho.
Thola Umqondo Walokho Okufundayo
16. Kungani kubalulekile ukuzinika isikhathi sokuzindla ngalokho esikufundayo?
16 Lapho efundisa abafundi bakhe, uJesu wagcizelela ukubaluleka kokuba bakuqonde lokho ayekusho. Okwakubalulekile, kwakungekhona nje ukukubamba ngekhanda, kodwa ‘kwakuwukuthola umqondo wako ngezinhliziyo zabo’ ukuze bakusebenzise ekuphileni kwabo. (Mathewu 13:14, 15, 19, 23) Okubalulekile kuNkulunkulu yilokho umuntu ayikho ngempela ngaphakathi, futhi lokho yikho okumelelwa yinhliziyo. (1 Samuweli 16:7; IzAga 4:23) Ngakho, ngaphezu kokuqiniseka ukuthi siyakuqonda lokho izindima zeBhayibheli ezikushoyo, kudingeka sizindle ngazo, sicabangele lokho ezikushoyo ekuphileni kwethu siqu.—IHubo 48:9; 1 Thimothewu 4:15.
17. Yiziphi izici ezithile esingazindla ngazo kulokho esikufunda emiBhalweni?
17 Zama ukubona izimiso eziyisisekelo ekulandiseni kweBhayibheli ukuze uzisebenzise ezimweni obhekana nazo. (Qhathanisa noMathewu 9:13; 19:3-6.) Njengoba ufunda ngezimfanelo zikaJehova ezimangalisayo futhi uzindla ngazo, sebenzisa lelothuba ukuba uqinise ubuhlobo bakho bomuntu siqu naye, ukuba wakhe ngaphakathi kuwe umuzwa onamandla wokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu. Lapho ufunda amazwi aphathelene nenjongo kaJehova, cabangela lokho ongakwenza ukuze wenze ngokuvumelana nawo. Lapho ufunda iseluleko esiqondile, kunokuba umane uzitshele ukuthi, ‘Ngiyakwazi lokho,’ zibuze, ‘Ingabe ngiyakwenza lokho esikushoyo? Uma kunjalo, zibuze, ‘Yiziphi izindlela engingakwenza ngazo “ngokugcwele ngokwengeziwe?”’ (1 Thesalonika 4:1) Njengoba ufunda izimfuneko zikaNkulunkulu, qaphela nezibonelo ezingokoqobo eziseBhayibhelini zalabo ababephila ngokuvumelana nalezizimfuneko nezalabo abangazange. Cabangela isizathu esenza ukuba baphishekele inkambo abayiphishekela nalokho okwaba umphumela. (Roma 15:4; 1 Korinte 10:11) Lapho ufunda ngokuphila kukaJesu Kristu, khumbula ukuthi uJesu uyilowo uJehova amnikeze ubukhosi phezu kwawo wonke umhlaba; sebenzisa lelothuba ukuba uqinise ngaphakathi kuwe ukulangazelela izwe elisha likaNkulunkulu. Futhi, hlaziya izindlela ongalingisa ngazo iNdodana kaNkulunkulu ngokugcwele.—1 Petru 2:21.
18. Ukufunda iBhayibheli singakulinganisela kanjani nokusebenzisa kwethu izincwadi zokutadisha ezilungiselelwa ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo’?
18 Yiqiniso, ukufunda iBhayibheli akumelwe kuthathe indawo yokusebenzisa kwakho izincwadi zokutadisha ezinhle kakhulu ezenziwa zitholakale ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo.’ Nalokho kuyilungiselelo likaJehova—eliyigugu kakhulu. (Mathewu 24:45-47) Qiniseka ukuthi ukufunda iZwi likaNkulunkulu ngokwalo njalo kuthola indawo evelele ekuphileni kwakho. Uma kungenzeka, “FUNDA IZWI LIKANKULUNKULU IBHAYIBHELI ELINGCWELE NSUKU ZONKE.”
[Umbhalo waphansi]
a Enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani kuzuzisa ukufunda iBhayibheli nsuku zonke?
◻ Kungani kudingeka sifunde iBhayibheli ngokuphindaphindiwe?
◻ Esimisweni sakho siqu, yisiphi isikhathi esikahle sokufunda iBhayibheli nsuku zonke?
◻ Njengoba ufunda iBhayibheli ngokuphindaphindiwe, yini engenza isimiso sakho sihlukahluke?
◻ Kungani kubaluleke kakhulu ukuzindla ngalokho esikufundayo?
[Ibhokisi ekhasini 16, 17]
Amacebiso okuthuthukisa ukufunda kwakho iBhayibheli
(1) Abantu abaningi bafunda izincwadi zeBhayibheli ngendlela ngokuvamile ezilandelana ngayo, kusukela kuGenesise kuya kusAmbulo. Ungazifunda nangokulandelana ezazilotshwe ngakho ekuqaleni. Khumbula ukuthi iBhayibheli liyiqoqo lezincwadi eziphefumulelwe ezingu-66, umtapo waphezulu. Ukuze kube nokuhlukahluka, ungase ufune ukufunda izincwadi ezithile ezikhuluma ngomlando, bese kuba ezithile eziqukethe isiprofetho, kulandele ezithile eziyizincwadi zeseluleko, kunokuba umane ulandele amakhasi nje. Kuqaphele osukufundile, futhi qiniseka ukuthi ulifunda lonke iBhayibheli.
(2) Ngemva kokuba usufunde ingxenye ethile yemiBhalo, zibuze ukuthi yembulani ngoJehova, injongo yakhe, indlela yakhe yokwenza izinto; indlela okufanele ithinte ngayo ukuphila kwakho siqu; indlela ongayisebenzisa ngayo ukuze usize omunye umuntu.
(3) Usebenzisa njengesiqondiso ishadi elithi “Main Events of Jesus’ Earthly Life” (Izenzakalo Eziyinhloko Zokuphila KukaJesu Kwasemhlabeni) elingaphansi kwesihloko esithi “Jesus Christ” ku-Insight on the Scriptures (nakwethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”), funda ukulandisa okufanayo kwengxenye ngayinye yamaVangeli, ngokulandelana. Yenezela lokhu ngokubheka izingxenye ezihambelana naleyondaba encwadini ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.
(4) Lapho ufunda ukulandisa kokuphila nenkonzo kaPawulu encwadini yezEnzo Zabaphostoli, funda nezincwadi eziphefumulelwe ezihlobene nayo. Ngakho, lapho kuphawulwa amadolobha ahlukahlukene noma izindawo uPawulu ayeshumayela kuzo, yima futhi ufunde izincwadi kamuva azibhalela amaKristu akanye nawo kulezozindawo. Kuyasiza futhi ukubheka izindawo ayehamba kuzo ebalazweni, njengalelo elisekhasini elingemuva kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha.
(5) Kanye nokufunda kwakho u-Eksodusi kuya ku-Duteronomi, funda incwadi yamaHeberu ukuze uthole incazelo yemifuziselo eminingi yeziprofetho. Ngaphansi kwesithi “Law” ku-Insight on the Scriptures, bheka ishadi elithi “Some Features of the Law Covenant.”
(6) Lapho ufunda izincwadi zesiprofetho, hlela isikhathi sokubukeza umlando ohlobene nazo eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, lapho ufunda incwadi ka-Isaya, bukeza lokho okushiwoyo kwezinye izindawo ngenkosi u-Uziya, uJothamu, u-Ahazi, noHezekiya, abaphawulwe ku-Isaya 1:1. (2 AmaKhosi, izahluko 15-20; 2 IziKronike, izahluko 26-32) Noma lapho ufunda uHagayi noZakariya, hlela isikhathi sokubukeza okutholakala encwadini ka-Ezra.
(7) Khetha incwadi yeBhayibheli, funda ingxenye yayo (mhlawumbe isahluko), bese wenza ukucwaninga, usebenzisa i-Watch Tower Publications Index noma i-Watchtower Library efakwe ku-computer uma itholakala ngolimi lwakho. Sebenzisa lokho kwaziswa ekuphileni kwakho siqu. Kusebenzise ezinkulumweni nasenkonzweni yasensimini. Ngemva kwalokho dlulela kwenye ingxenye.
(8) Uma ikhona incwadi ye-Watch Tower ekhulumela incwadi ethile yeBhayibheli noma ingxenye yayo, yibheke njalo lapho ufunda leyongxenye yeBhayibheli. (Ngokwesibonelo: ngokuqondene nesiHlabelelo seziHlabelelo, bheka INqabayokulinda yesiNgisi ka-December 1, 1957, amakhasi 720-34; ngokuqondene noHezekeli, bheka ethi “The Nations Shall Know That I Am Jehovah”—How?; ngokuqondene noDaniyeli, bheka ethi “Intando Yakho Mayenziwe eMhlabeni” noma ethi Our Incoming World Government—God’s Kingdom; ngokuqondene noHagayi noZakariya, bheka ethi Paradise Restored to Mankind—By Theocracy!; ngokuqondene nesAmbulo, bheka ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!)
(9) Njengoba ufunda, bheka izikhombo ezithile eziseceleni. Phawula izindima ezingu-320 ezisemiBhalweni YesiHeberu ezicashunwe ngokuqondile emiBhalweni YamaKristu YesiGreki kanye namakhulukhulu ezinye izindima okubhekiselwe kuzo, kanye nendlela ezisebenza ngayo enikeziwe. Izikhombo eziseceleni zikhomba ekugcwalisekeni kweziprofetho ezilotshwe eBhayibhelini, emininingwaneni yemilando yokuphila neyokuma kwezwe, nasemiqondweni efanayo engacacisa amazwi okungenzeka ukuthola kunzima ukuwaqonda.
(10) Lapho usebenzisa uHlelo Lwezikhombo lwe-Nguqulo Yezwe Elisha, uma lutholakala ngolimi lwakho, hlola imibhalo yaphansi nezihloko zesithasiselo ezihlobene nalokho okufundayo. Lezi zinikeza isisekelo sokuhumusha okusetshenzisiwe nezinye izindlela amagama abalulekile angase ahunyushwe ngazo. Ungase futhi ufune ukuqhathanisa nokuhunyushwa kwamavesi athile kwezinye izinguqulo zeBhayibheli.
(11) Ngemva kokufunda isahluko ngasinye, bhala ukubukezwa okufushane komqondo oyinhloko kulesosahluko. Kusebenzise njengesisekelo sokubukeza nokuzindla kwakamuva.
(12) Njengoba ufunda iBhayibheli, phawula imibhalo ekhethiwe ofuna ukuyikhumbula ngokukhethekile, noma uyikopishele emakhadini bese uwabeka lapho uyowabona khona nsuku zonke. Yibambe ngekhanda; zindla ngayo; yisebenzise. Ungazami ukubamba eminingi kakhulu ngesikhathi esisodwa, mhlawumbe ungabamba owodwa kuphela noma emibili isonto ngalinye; bese ukhetha eyengeziwe esikhathini esizayo lapho ufunda iBhayibheli.
[Izithombe ekhasini 15]
Ingabe uyalifunda iBhayibheli noma ulalele amakhasethi alo nsuku zonke?