Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • rs k. 263-k. 267
  • Ukubuya KukaKristu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuya KukaKristu
  • Ukubonisana NgemiBhalo
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhanyisa Ukuba-Khona KukaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ukuba Khona KukaMesiya Kanye Nokubusa Kwakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Kungenzeka Yini UKristu Abuye Ngaphandle Kokubonwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ukuza KukaJesu Noma Ukuba Khona KukaJesu—Yikuphi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
Ukubonisana NgemiBhalo
rs k. 263-k. 267

Ukubuya KukaKristu

Incazelo: Ngaphambi kokuba ahambe emhlabeni, uJesu Kristu wathembisa ukubuya. Izenzakalo ezivusa amadlingozi ngokuqondene noMbuso kaNkulunkulu ziphathelene nalesosithembiso. Kumelwe kuphawulwe ukuthi kunomehluko phakathi kokuza kanye nokuba khona. Ngakho-ke, nakuba ukuza komuntu (okuhambisana nokufika kwakhe noma ukubuya) kwenzeka ngesikhathi esithile esiqondile, ukuba khona kwakhe ngemva kwalokho kungase kunwebeke inkathi ethile yeminyaka. EBhayibhelini igama lesiGreki elithi erʹkho·mai (elisho “ukuza”) liyasetshenziswa futhi ngokuqondene nokuqondisa kukaJesu ukunakekela kwakhe emsebenzini obalulekile ngesikhathi esithile phakathi nokuba khona kwakhe, okungukuthi, emsebenzini wakhe njengomahluleli kaJehova empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.

Ingabe izenzakalo ezihambisana nokuba khona kukaKristu zenzeka ngesikhashana esifushane noma enkathini ethile yeminyaka?

Math. 24:37-39: “Njengasemihleni kaNowa, kuyakuba-njalo ukufika [“ukuza,” RS, TEV; “ukuba-khona,” Yg, Ro, ED; ngesiGreki, pa·rou·siʹa] kweNdodana yomuntu. Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba-njalo ukufika [“ukuba-khona,” NW] kweNdodana yomuntu.” (Izenzakalo ‘zosuku lukaNowa’ ezikhulunyelwa lapha zenzeka esikhathini esiyiminyaka eminingi. UJesu waqhathanisa ukuba khona kwakhe nalokho okwenzeka emuva ngalesosikhathi.)

KuMathewu 24:37 kusetshenziswe igama lesiGreki elithi pa·rou·siʹa. Ngokwezwi nezwi lisho “ukuba kanye na-.” IGreek-English Lexicon kaLiddell noScott (Oxford, 1968) inikeza “ukuba-khona, kwabantu,” njengencazelo yayo yokuqala yelithi pa·rou·siʹa. Umqondo waleligama uboniswe ngokukhanyayo kwabaseFilipi 2:12, lapho uPawulu eqhathanisa ukuba khona kwakhe (pa·rou·siʹa) nokungabibikho (a·pou·siʹa). Ngakolunye uhlangothi, kuMathewu 24:30, othi “iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu” njengomahluleli kaJehova empini yeArmagedoni, kusetshenziswe igama lesiGreki elithi er·khoʹme·non. Abanye abahumushi basebenzisa elithi ‘ukuza’ kuwo womabili lamagama esiGreki, kodwa labo abanakekela ngokwengeziwe baveza umehluko phakathi kwawo womabili.

Ingabe uKristu uyobuya ngendlela ebonakalayo emehlweni abantu?

Joh. 14:19: “Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina [abaphostoli bakaJesu abathembekile], ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.” (UJesu wayethembise abaphostoli bakhe ukuthi wayezokuza futhi abathathe baye ezulwini babe kanye naye. Babeyombona ngoba babeyoba izidalwa zomoya njengaye. Kodwa izwe lalingeke limbone futhi. Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 6:16.)

IzE. 13:34: “Maqondana nokumvusa [uJesu] kwakhe [uNkulunkulu] kwabafileyo ukuba engasayikubuyela ekuboleni.” (Izidumbu zabantu ngokwemvelo ziyonakala. Kungakho eyoku-1 Korinte 15:42, 44 isebenzisa igama elithi “ukubola” ekukhulumeleni “umzimba wemvelo.” UJesu akanakuphinde abe nomzimba onjalo.)

Joh. 6:51: “Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesisinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.” (Ngemva kokuba esewunikele, uJesu akawuthathi futhi. Ngalokho akasincishi isintu izinzuzo zomhlatshelo wokuphila kwakhe kobuntu okuphelele.)

Bheka futhi amakhasi 292, 293, ngaphansi kwesithi “Ukuhlwithwa.”

Kusho ukuthini ukuza kukaJesu “kanjalo” njengalokho anyukela ezulwini?

IzE. 1:9-11: “Wakhushulwa bebuka [abaphostoli bakaJesu]; ifu lamsusa emehlweni abo. Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, athi: Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswé kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo [“ngendlela efanayo,” NW], njengalokho nimbonile eya ezulwini.” (Phawula ukuthi lapha kuthi “kanjalo,” noma “ngendlela efanayo,” hhayi ngomzimba ofanayo. Kwakuyiyiphi-ke “indlela” yokwenyuka kwakhe? Njengoba ivesi lesi-9 libonisa, wanyamalala emehlweni, ukwemuka kwakhe kwabonwa ngabafundi bakhe kuphela. Izwe lilonke lalingakwazi okwakwenzeka. Kuyoba ngokufanayo-ke nangokubuya kukaKristu.)

Kushiwoni ‘ngokuza namafu’ kwakhe ‘nokumbona kwamehlo onke’?

IsAm. 1:7: “Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye.” (NoMathewu 24:30; Marku 13:26; Luka 21:27)

Yini eboniswa “amafu”? Ukungabonakali. Uma indiza isemafwini amnyama noma ingalé kwamafu, abantu abaphansi ngokuvamile abakwazi ukuyibona, nakuba bengase bakuzwe ukuduma kwayo. UJehova watshela uMose: “Ngiza kuwe ngefu elinzima.” UMose akazange ambone uNkulunkulu, kodwa lelofu labonisa ukuba khona kukaJehova okungabonakali. (Eks. 19:9; bheka futhi uLevitikusi 16:2; Numeri 11:25.) Uma uKristu ayengavela ngokubonakalayo emazulwini, kusobala ukuthi akuwona “amehlo onke” ayeyombona. Uma, ngokwesibonelo, evela phezu kweAustralia, ubengeke abonakale eYurophu, eAfrika, naseMelika, akunjalo?

Kungayiphi-ke indlela ‘amehlo onke ayombona’ ngayo? Ayobona ngezenzakalo emhlabeni ukuthi ukhona ngokungabonakali. Futhi ebhekisela ekuboneni okungekhona okwenyama, uJohane 9:41 uyabika: “Wathi kubo [abaFarisi] uJesu: Ukuba beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha manje nithi: Siyabona; isono senu sihlezi.” (Qhathanisa nabaseRoma 1:20.) Ngemva kokubuya kukaKristu, abanye abantu babonisa ukholo; bayasiqaphela isibonakaliso sokuba khona kwakhe. Abanye bayabenqaba ubufakazi, kodwa lapho uKristu ethatha isinyathelo njengomahluleli kaNkulunkulu kwababi, ngisho nabo bayobona ngokubonakaliswa kwamandla akhe ukuthi ukubhujiswa akuveli kubantu kodwa kuvela ezulwini. Bayokwazi okwenzekayo ngoba baxwayiswa kusengaphambili. Ngenxa yokubehlelayo, ‘bayakulila.’

Obani ‘labo abamgwazayo’? Amabutho amaRoma akwenza ngokoqobo lokhu ngesikhathi sokubulawa kukaJesu. Kodwa sekukudala afa. Ngakho lokhu kumelwe kubhekisele kubantu abaphatha kabi, noma ‘bagwaze,’ ngendlela efanayo abalandeli bakaKristu beqiniso phakathi ‘nezinsuku zokugcina.’—Math. 25:40, 45.

Kungashiwo yini ngempela ukuthi umuntu ‘ufikile’ noma ukuthi ‘ukhona’ uma engabonakali?

Umphostoli uPawulu wakhuluma ngokungabi ‘bikho ngomzimba nokho ekhona ngomoya’ ebandleni laseKorinte.—1 Kor. 5:3.

UJehova wakhuluma ‘ngokwehla’ kwakhe ayosanganisa ulimi lwabakhi bombhoshongo waseBabele. (Gen. 11:7) Wathi futhi ‘wayezokwehla’ akhulule uIsrayeli ebugqilini baseGibithe. Futhi uNkulunkulu waqinisekisa uMose, “Ngiyakuhamba mina uqobo” ayohola uIsrayeli aye eZweni leSithembiso. (Eks. 3:8; 33:14) Kepha akekho umuntu owake wabona uNkulunkulu.—Eks. 33:20; Joh. 1:18.

Iziphi ezinye zezenzakalo iBhayibheli elizihlanganisa nokuba khona kukaKristu?

Dan. 7:13, 14: “Kwafika namafu ezulu onjengendodana yomuntu [uJesu Kristu]; yafika komdala wezinsuku [uJehova uNkulunkulu], yasondezwa phambi kwakhe. Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi, bayikhonze.”

1 Thes. 4:15, 16: “Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina, esisekhona sisasele kuze kube-sekufikeni kweNkosi, asiyikubandulela nempela abaleleyo, ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala.” (Ngakho-ke, labo abayobusa noKristu bayovuswa ukuze babe naye ezulwini—okokuqala labo ababefe eminyakeni edlule bese kuba yilabo abafa ngemva kokubuya kweNkosi.)

Math. 25:31-33: “Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo; kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi, imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.”

2 Thes. 1:7-9: “Aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe, elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu, abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade, basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe.”

Luka 23:42, 43, NW: “Sase sithi [isoni esinozwela esasibethelwe eceleni kukaJesu]: ‘Jesu, ngikhumbule, nxa usufiké embusweni wakho.’ Wathi kuso: ‘Ngiqinisile ngithi kuwe namuhla, Uyokuba nami ePharadesi.’” (Ngaphansi kokubusa kukaJesu, wonke umhlaba uyokuba yipharadesi; abafileyo abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayovuswa benethuba lokujabulela ukuphila okuphelele emhlabeni phakade.)

Bheka futhi amakhasi 181-186, ngaphansi kwesihloko esithi “Izinsuku Zokugcina.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela