Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • rs k. 383-k. 384
  • Umphikukristu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umphikukristu
  • Ukubonisana NgemiBhalo
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngubani Umphik’ ukristu?
    I-Phaphama!—2001
  • Ungubani Umphik’ ukristu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ukudalulwa Komphik’ukristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ungubani Umphik’ ukristu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
Ukubonisana NgemiBhalo
rs k. 383-k. 384

Umphikukristu

Incazelo: Elithi umphikukristu lisho ukumelana noma ukuba sesikhundleni sikaKristu. Leligama libhekisela kubo bonke abaphika okushiwo yiBhayibheli ngoJesu Kristu, bonke abaphikisana noMbuso wakhe, nabo bonke abaphatha kabi abalandeli bakhe. Lihlanganisa futhi abantu ngabanye, izinhlangano, nezizwe ezikhohlisa ngokuthi zimelela uKristu noma ezizinikeza ngokungafanele indima kaMesiya.

Ingabe iBhayibheli libhekisela kumphikukristu oyedwa kuphela?

1 Joh. 2:18: “Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokho nezwa ukuthi umphikukristu uyeza, nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.”

2 Joh. 7: “Abakhohlisi abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama; lowo ungumkhohlisi nomphikukristu.” (Phawula ukuthi “abaphikukristu abaningi” beyoku-1 Johane 2:18 lapha kubhekiselwa kubo bebonke ngokuthi “umphikukristu.”)

Ingabe ukuza komphikukristu kubekelwe isikhathi esithile esizayo?

1 Joh. 4:3: “Lowomoya ongamvumi uJesu akasiye okaNkulunkulu; lowo ungowomphikukristu enizwé ngaye ukuthi uyeza, nakalokhu usefikile ezweni.” (Lokho kwalotshwa ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E.)

1 Joh. 2:18: “Nakalokhu sekukhona abaphikukristu abaningi; ngalokho siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.” (Ngokuthi “isikhathi sokugcina” ngokusobala uJohane wayesho ukuphela kwenkathi yabaphostoli. Abanye abaphostoli base befile, noJohane ngokwakhe wayesemdala kakhulu.)

Abanye balabo abachazwa njengomphikukristu—

Abantu abaphika ukuthi uJesu unguMesiya ngempela

1 Joh. 2:22: “Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye ophika ukuthi uJesu unguKristu [noma, uMesiya, ogcotshiweyo] na? Nguye ongumphikukristu.”

Bonke abaphika ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ehlukile

1 Joh. 2:22: “Nguye ongumphikukristu ophika uYise neNdodana.”

Qhathanisa noJohane 10:36; Luka 9:35.

Izihlubuki

1 Joh. 2:18, 19: “Sekukhona abaphikukristu abaningi . . . Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi.”

Labo abaphikisa abalandeli bakaKristu beqiniso

Joh. 15:20, 21: “Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela . . . Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami.”

Abantu ngabanye nezizwe eziphikisana noKristu njengeNkosi noma abakhohlisa ngokuthi bafeza indima kaMesiya

IHu. 2:2: “Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe [uKristu, noma uMesiya].”

Bheka futhi isAmbulo 17:3, 12-14; 19:11-21.

Math. 24:24: “Kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela