Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 87
  • Ungubani Umphik’ ukristu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungubani Umphik’ ukristu?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Indlela Yokubona Umphik’ ukristu
  • Umphikukristu
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Ngubani Umphik’ ukristu?
    I-Phaphama!—2001
  • Ungubani Umphik’ ukristu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ukudalulwa Komphik’ukristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 87
Umfundisi ushumayela kuyithelevishini

Ungubani Umphik’ ukristu?

Impendulo yeBhayibheli

Umphik’ ukristu akuyena nje umuntu oyedwa ngoba iBhayibheli lithi “sekunabaphik’ ukristu abaningi.” (1 Johane 2:​18) Kunalokho igama elithi “umphik’ ukristu” elivela egameni lesiGreki elisho ukuthi “ngokumelene noKristu,” libhekisela kunoma ubani owenza lokhu okulandelayo:

  • Owenqaba ukuthi uJesu unguKristu (uMesiya) noma owenqaba ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu​—1 Johane 2:​22.

  • Omelana noKristu, oGcotshiweyo kaNkulunkulu.​—IHubo 2:​1, 2; Luka 11:23.

  • Ozenza uKristu.​—Mathewu 24:24.

  • Oshushisa abalandeli bakaKristu, njengoba uKristu ebheka lokho okwenziwa kubalandeli bakhe njengokungathi kwenziwa kuye.​—IzEnzo 9:5.

  • Othi ungumKristu ebe eqa umthetho noma ekhohlisa abanye.​—Mathewu 7:​22, 23; 2 Korinthe 11:13.

IBhayibheli aligcini nje ngokubiza umuntu ngamunye owenza lezi zinto ngokuthi umphik’ ukristu, kodwa liphinde libhekisele kulabo bantu njengeqembu ngokuthi ‘umphik’ ukristu.’ (2 Johane 7) Umphik’ ukristu wavela okokuqala ngesikhathi sabaphostoli futhi uye waqhubeka ekhona kusukela ngaleso sikhathi. Yilokho kanye okwabikezelwa isiprofetho seBhayibheli.​—1 Johane 4:3.

Indlela Yokubona Umphik’ ukristu

  • Bafundisa abantu izinto ezingamanga ngoJesu. (Mathewu 24:​9, 11) Ngokwesibonelo, labo abafundisa imfundiso kaZiqu-zintathu noma ukuthi uJesu unguNkulunkulu uMninimandla onke empeleni baphikisa lokho okwafundiswa uJesu, owathi: “uBaba mkhulu kunami.”​—Johane 14:28.

  • Abaphik’ ukristu bayakwenqaba lokho uJesu akusho mayelana nendlela uMbuso kaNkulunkulu osebenza ngayo. Ngokwesibonelo, abanye abaholi benkolo bathi uKristu uqondisa izinto esebenzisa ohulumeni babantu. Kodwa lemfundiso iphikisana nalakho uJesu akusho, wathi: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.”​—Johane 18:36.

  • Bathi uJesu uyiNkosi yabo, kodwa abayilaleli imiyalo yakhe, kuhlanganise nalowo othi kufanele sishumayele izindaba ezinhle zoMbuso.​—Mathewu 28:19, 20; Luka 6:​46; IzEnzo 10:42.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela