Ukuhlubuka
Incazelo: Ukuhlubuka kuwukuyeka noma ukulahla ukukhulekela nokukhonza uNkulunkulu, eqinisweni kuwukumbuka kuJehova uNkulunkulu. Ezinye izihlubuki zithi ziyamazi futhi ziyamkhonza uNkulunkulu kodwa zenqaba izimfundiso noma izimfuneko ezibekwe eZwini lakhe. Ezinye zithi ziyalikholelwa iBhayibheli kodwa zenqaba inhlangano kaJehova.
Ingabe kumelwe silindele ukuthi izihlubuki ziyovela ebandleni lobuKristu?
1 Thim. 4:1: “Kepha uMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni.”
2 Thes. 2:3: “Makungabikho-muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba [usuku lukaJehova] aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa.”
Ezinye izimpawu zokubona izihlubuki—
Zifuna ukwenza abanye babe abalandeli bazo, ngaleyondlela zibangele ukwehlukana kwamahlelo
IzE. 20:30: “Naphakathi kwenu kuzakuvuka amadoda akhuluma okudukisayo, ahunge abafundi ukubalandela.”
2 Pet. 2:1, 3: “Nakinina kuzakuba-khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, . . . nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili.”
Bangase bathi bayakholelwa kuKristu kodwa bawuthathe kalula umsebenzi wokushumayela nokufundisa awabela abalandeli bakhe
Luka 6:46: “Ningibizelani ngokuthi: Nkosi, Nkosi, ningakwenzi engikushoyo, na?”
Math. 28:19, 20: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize . . . nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.”
Math. 24:14: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.”
Bangase bathi bakhonza uNkulunkulu kodwa baphike abameleli bakhe, inhlangano yakhe ebonakalayo
Juda 8, 11: “Ngokunjalo-ke nalabo abaphuphayo bangcolisa inyama, bayeyisa imibuso, bahlambalaza ubukhosi. Maye kubo, ngokuba . . . babhubha ekuphikeni kukaKora!”
Num. 16:1-3, 11, 19-21: “UKora . . . kanye . . . nabathile babantwana bakwaIsrayeli, abangamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, izikhulu zenhlangano, . . . babahlanganyela oMose noAroni, bathi kubo: Sekwanele okwenu, lokhu inhlangano yonke ingcwele, bonke bayo, noJehova ekubo; niziphakamiselani, pho, phezu kwebandla likaJehova na? . . . [UMose wathi:] Wena nalo lonke iviyo lakho nimhlanganyele uJehova; noAroni uyini yena ukuba nikhonone ngaye na? UKora wahlanganisela kubo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana; inkazimulo kaJehova yabonakala kuyo yonke inhlangano. UJehova wayesekhuluma kuMose nakuAroni, wathi: Zahlukaniseni nalenhlangano ukuba ngibaqede ngokuphazima kweso.”
Akukhona kuphela ukuthi balahla ukholo lweqiniso kodwa babe ‘sebeshaya’ ababekanye nabo, besebenzisa ukugxeka obala nezinye izindlela zokukhubaza umsebenzi wabo; imizamo yezihlubuki ezinjalo ingeyokudilizela phansi, akuyona eyokwakha
Math. 24:45-51: “Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na? . . . Kodwa uma leyonceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele, iqale ukushaya izinceku ezikanye nayo, idle, iphuze nezidakwa, inkosi yaleyonceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangehora engalaziyo, iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi.”
2 Thim. 2:16-18: “Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu, nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo, abaphakathi kwabo ngoHimenewu noFiletu abadukileyo mayelana neqiniso, bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile, bechitha ukukholwa kwabanye.”
Ingabe amaKristu athembekile ayozamukela izihlubuki phakathi kwawo, zona siqu noma ngokufunda izincwadi zazo?
2 Joh. 9, 10: “Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; . . . Uma kufika umuntu kini engalethi lokhokufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli.”
Roma 16:17, 18: “Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo; . . . ngamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.”
Ingabe kukhona ukulimala okungathi sína okungabangelwa ukwanelisa ukulangazela komuntu mayelana nemicabango yezihlubuki?
IzAga 11:9: “Ngomlomo umuntu ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe.”
Isaya 32:6: “Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula, nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi, yenze ukungamesabi uNkulunkulu, ikhulume okuphambene noNkulunkulu, yenze ukuba olambileyo abe-nephango, nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.” (Qhathanisa noIsaya 65:13, 14.)
Kungokungathi sína kangakanani ukuhlubuka?
2 Pet. 2:1: “Bazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo.”
Jobe 13:16: “OngenaNkulunkulu [“oyisihlubuki,” NW] akezi phambi kwakhe [uNkulunkulu].”
Heb. 6:4-6: “Akunakwenzeka ukuba labo asebaké bakhanyiswa banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele, banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo, babuye bahlubuka—akunakwenzeka ukuba babuye bavuswe, baphenduke, lokhu sebezibethelela iNdodana kaNkulunkulu, bayithela ngehlazo obala.”