Kumelwe Siphuphe
INGABE unawo amaphupho? Kuphephile ukuthatha ngokuthi unawo, kwazise sonke siyaphupha lapho silele, ngisho noma singase sithi akunjalo. Kuye kwalinganiselwa ukuthi amaphesenti angaphezu kuka-95 awo wonke amaphupho awakhunjulwa. Yimaphi wena owakhumbulayo? Empeleni, esivame ukuwakhumbula yilawo esiba nawo ngaphambi nje kokuphaphama.
Abacwaningi bokuphupha baye bathola ukuthi ubuthongo buyinqubo eqhubekayo eba namandla kakhulu emahoreni ambalwa okuqala bese kamuva iba lula. Ukuphupha kwenzeka ikakhulukazi phakathi nezikhathi zokunyakaza kwamehlo okusheshayo, okubizwa ngokuthi ubuthongo be-REM (rapid eye movement). Lezi zidedelana nobuthongo obungebona obe-REM. Umjikelezo ngamunye wobuthongo obungebona obe-REM nobe-REM uthatha imizuzu engaba ngu-90, futhi lemijikelezo iphindeka kahlanu noma kasithupha ngobusuku, kuthi owokugcina wenzeke ngaphambi nje kokuba siphaphame.
Kuyiphutha ukucabanga ukuthi ubuchopho bakho abusebenzi kakhulu ebuthongweni. Kuye kwatholakala ukuthi ubuchopho busebenza kakhulu emaphusheni kunakwezinye izikhathi lapho uphapheme, ngaphandle kwama-neuron athile akuyi-brain stem ahlobene nokunaka nenkumbulo. Kubonakala sengathi wona ayaphumula ebuthongweni be-REM. Kodwa amangqamuzana emizwa asebuchosheni ewonke ayaqhubeka exhumana.
Ubuchopho bethu buyisitho somzimba esiyinkimbinkimbi ngokumangalisayo esinezinkulungwane zezigidi zezakhi ezikhipha izimpawu ezingaba yikhulu kuya kwamabili noma amathathu ngomzuzwana. Ubuchopho bomuntu obubodwa bunezakhi eziningi ukudlula abantu abasemhlabeni. Abanye abacwaningi balinganisela ukuthi bunezakhi ezingaba izinkulungwane eziyizigidi ezingu-20 kuya kwezingu-50. Ubunkimbinkimbi babo buqinisekisa lokho umlobi weBhayibheli uDavide akusho ngomzimba womuntu: “Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa.”—IHubo 139:14.
Izwe Lamaphupho
Lapho siphapheme, izinzwa zethu ezinhlanu zidamane zithumela ukwaziswa nemifanekiso ebuchosheni, kodwa lokhu akwenzeki lapho silele. Ubuchopho buzakhela imifanekiso ngaphakathi bungatholanga lutho oluvela ngaphandle ezinzweni. Ngakho, esikubonayo emaphusheni nezinto esizenzayo kuwo ngezinye izikhathi kufana nokubona izinto ezingekho. Lokhu kwenza sikwazi ukwenza izinto eziphambene nemithetho yemvelo, njengokundiza njengoPeter Pan noma ukuwa eweni singalimali. Isikhathi singase sisonteke kuthi osekwadlula kubonakale sengathi okwanamuhla. Noma uma sizama ukubaleka, kube sengathi asikwazi ukulawula ukushukuma kwethu—imilenze yethu ayifuni ukusabela. Yebo, imibono egxilile nokuhlangenwe nakho esingase sibe nakho ngenkathi siphapheme kungawathonya amaphupho ethu. Abaningi abaye babhekana nezigemegeme zempi ezesabisayo abanakuzikhohlwa kalula, futhi abanye abanakuwukhohlwa umuzwa wokuhlaselwa isigebengu. Izenzakalo ezinjalo ezisiphazamisayo lapho siphapheme zingavela emaphusheni ethu, zibangele amaphupho amabi. Izinto ezivamile ezisuke zisengqondweni yethu lapho silala zingavela emaphusheni ethu.
Ngezinye izikhathi lapho sizama ukuxazulula inkinga, sithola ikhambi sisebuthongweni. Lokhu kungase kubonise ukuthi akukhona ukuthi ngaso sonke isikhathi uma silele siyaphupha. Ngezinye izikhathi siyacabanga.
Incwadi emayelana namaphupho nobuchopho bethu iyaphawula: “Uhlobo oluvame kakhulu lokusebenza kwengqondo ebuthongweni alukona ukuphupha kodwa ukucabanga. Ukucabanga ebuthongweni akuhambisani nokulutheka kwezinzwa futhi akuyona inqaba. Kuyinhlalayenza, ngokuvamile kumayelana nezenzakalo ezingokoqobo zangayizolo noma ngakusasa, futhi kuvame ukuba okuyisicefe, kungakhiqizi, futhi kuphindaphinde.”
Abanye abantu banomuzwa wokuthi abaphupha ngakho kunemiyalezo ekhethekile kubo. Ukuze bachazelwe lamaphupho, bagcina ibhukwana eceleni kombhede ukuze bakwazi ukuwabhala lapho bephaphama. Maqondana nokuba usizo kwezincwadi ezizama ukwenza izimpawu zamaphupho zibe nencazelo, ethi The Dream Game, ka-Ann Faraday, ithi: “Izincwadi zamaphupho obheka kuzo izincazelo zezihloko nezimpawu zamaphupho ziyize ngokufanayo, kungakhathaliseki ukuthi zisekelwe emasikweni noma kuyinkolelo-mbono ethile yesimanje yokusebenza kwengqondo.”
Njengoba kubonakala sengathi ngokuyinhloko amaphupho asuka ngaphakathi ebuchosheni, akukhona okunengqondo ukucabanga ukuthi asiphathele imiyalezo ekhethekile. Kufanele siwabheke njengokusebenza okuvamile kobuchopho okubusiza ukuba buhlale busesimweni esinempilo.
Kodwa kuthiwani ngalabo abathi baphupha ngokufa kwesihlobo noma umngane othile kwathi ngakusasa bathola ukuthi lowo muntu wayeshonile? Ingabe lokho akubonisi ukuthi amaphupho angabikezela ikusasa? Esihlokweni esilandelayo, sizocabangela lokho okubangela amaphupho aprofethayo.