Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • rs k. 394-k. 400
  • UNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu
  • Ukubonisana NgemiBhalo
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uma Umuntu Ethi—
  • Inkolo
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • UNkulunkulu—Ungubani?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Umyalezo Okumelwe Siwumemezele
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ubani Ongasitshela?
    Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
Bheka Okunye
Ukubonisana NgemiBhalo
rs k. 394-k. 400

UNkulunkulu

Incazelo: UMuntu Omkhulu Kakhulu, ogama lakhe lokumehlukanisa linguJehova. Ulimi lwesiHeberu lusebenzisa amagama amelele elithi “Nkulunkulu” aveza umqondo wamandla, nowobukhosi, ukwesabeka, nobuhle. Ngokuhlukile kuNkulunkulu weqiniso, kunonkulunkulu bamanga. Abanye balaba baye bazibiza ngokwabo njengonkulunkulu; abanye baye benziwa izinto zokukhulekelwa yilabo ababakhonzayo.

Ingabe zikhona izizathu ezizwakalayo zokukholelwa kuNkulunkulu?

IHu. 19:1: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.”

IHu. 104:24: “Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.”

Roma 1:20: “Okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe.”

Umagazini iNew Scientist wathi: “Umbono wabantu abaningi uyaphikelela—ngokuthi izazi zesayensi ‘ziyayiphikisa’ inkolo. Kungumbono ngokuvamile wokulindela izazi zenkolo ukuba zibe ezingakholwa; ukuthi uDarwin wakucisha ngokuphelele ukuba khona kukaNkulunkulu; nokuthi ukulandelana kwemiqondo emisha engokwesayensi neyezobuchwepheshe kusukela lapho kuye kwakuthuthukisa ukuba nokwenzeka kovuko. Lona umbono oyiphutha kakhulu.”—May 26, 1977, k. 478.

Ilungu leFrench Academy of Sciences lathi: “Ukuhleleka kwemvelo akuzange kusungulwe umqondo womuntu noma kumiswe amandla athile okuhlakanipha. . . . Ukuba khona kokuhleleka kusikisela ukuba khona kokuhlakanipha kokuhlela izinto. Lokho kuhlakanipha akunakuba okomunye ngaphandle kukaNkulunkulu.”—Dieu existe? Oui (Paris, 1979), Christian Chabanis, ecaphuna uPierre-Paul Grassé, k. 94.

Izazi zesayensi ziye zakhomba izakhi zamakhemikhali ezingaphezu kwe-100. Ukwakheka kwazo ngokwama-athomu kubonisa ukuhlobana kwezakhi okuyinkimbinkimbi ngokwezibalo. Uhlelo lwezakhi zamakhemikhali lubonisa umklamo osobala. Umklamo omangalisa kanjalo wawungeke ube ngengozi, ube umkhiqizo wenhlanhla.

Umfanekiso: Uma sibona umshini wokuthatha izithombe, umsakazo, noma icomputer, sivuma ngokushesha ukuthi kumelwe ukuba yakhiqizwa umklami othile ohlakaniphile. Bekungaba okunengqondo-ke yini, ukuthi izinto eziyinkimbinkimbi ngokwengeziwe—iso, indlebe, nengqondo yomuntu—akuvelanga kuMklami ohlakaniphile?

Bheka futhi amakhasi 87-89, ngaphansi kwesihloko esithi “Indalo.”

Ingabe ukuba khona kobubi nokuhlupheka kubonisa ukuthi akekho uNkulunkulu?

Cabangela izibonelo: Ingabe iqiniso lokuthi imimese iye yasetshenziselwa ukubulala libonisa ukuthi akekho owayiklama? Ingabe ukusetshenziswa kwezindiza ekuphonsweni kwamabhomu ngezikhathi zempi kuwubufakazi bokuthi azinaye umklami? Noma kunalokho indlela lezizinto ezisetshenziswa ngayo ebangela usizi kubantu?

Ingabe akulona iqiniso ukuthi izifo eziningi ziwumphumela wemikhuba yomuntu ngokwakhe yokuphila ngokungazinaki nokonakalisa kwakhe indawo emzungezile onakalisele nabanye? Ingabe izimpi ezilwiwa ngabantu aziyona imbangela eyinhloko yokuhlupheka kwesintu? Akulona yini futhi iqiniso ukuthi, lapho izigidi zihlupheka ngenxa yokuntuleka kokudla, kunokungaphezu kokwanele kwamanye amazwe, okwenza ukuba enye yezinkinga eziyinhloko kube ukuhaha kwabantu? Zonke lezizinto azinikezi ubufakazi bokuthi uNkulunkulu akekho, kodwa obokuthi abantu bawasebenzisa kabi ngokudabukisayo amandla abawanikwe uNkulunkulu kanye nomhlaba ngokwawo.

Ingabe uNkulunkulu ngempela unendaba ngalokho okwenzeka kithina bantu?

Yebo, kunjalo! Cabangela lobufakazi: IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu wanikeza umuntu isiqalo esiphelele. (Gen. 1:27, 31; Dut. 32:4) Nokho, ukuqhubeka komuntu ejabulela umusa kaNkulunkulu kwakuxhomeke ekulaleleni uMenzi wakhe. (Gen. 2:16, 17) Ukuba umuntu wayelalele, wayeyoqhubeka ejabulela ukuphila kobuntu okuphelele—ngaphandle kokugula, ukuhlupheka, nokufa. UMdali wayeyonikeza umuntu ukuqondisa okudingekile futhi asebenzise amandla aKhe ukuba avikele isintu kunoma iyiphi inhlekelele. Kodwa umuntu wakwenqaba ukuqondisa kukaNkulunkulu; wakhetha inkambo yokuzibusa. Ngokuzama ukwenza lokho ayengadalelwanga khona, uye wazilethela inhlekelele. (Jer. 10:23; UmSh. 8:9; Roma 5:12) Nokho, phakathi namakhulu eminyaka uNkulunkulu ubefuna ngokubekezela, labo, ngenxa yothando ngaye nezindlela zakhe, abazimisele ukumkhonza. Ubeka phambi kwabo ithuba lokujabulela zonke izibusiso abebencishwe zona ngenxa yokungapheleli komuntu nokubusa kabi. (IsAm. 21:3-5) Ilungiselelo uNkulunkulu alenza ngeNdodana yakhe ukuba ahlenge isintu esonweni nokufa liwubufakazi obumangalisayo bothando lukaNkulunkulu olukhulu ngesintu. (Joh. 3:16) UNkulunkulu futhi ubeke isikhathi esimisiwe lapho eyobhubhisa labo abonakalisa umhlaba futhi abangele abathandi bokulunga ukuba bajabulele ukuphila ngokuvumelana nenjongo yakhe yasekuqaleni.—IsAm. 11:18; IHu. 37:10, 11; bheka futhi izihloko ezinkulu esithi “Ukuhlupheka” nesithi “Ububi.”

Ingabe uNkulunkulu ungumuntu woqobo?

Heb. 9:24: “UKristu . . . wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.”

Joh. 4:24: “UNkulunkulu unguMoya.”

Joh. 7:28: “Ongithumileyo uqinisile [“ungokoqobo,” NW],” kusho uJesu.

1 Kor. 15:44: “Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya.”

Ingabe uNkulunkulu unemizwa efanayo naleyo esiyihlanganisa nabantu abaphilayo?

Joh. 16:27: “UBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu.”

Isaya 63:9: “Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, . . . ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga.”

1 Thim. 1:11, NW: “UNkulunkulu othokozayo.”

Ingabe uNkulunkulu waba nesiqalo?

IHu. 90:2: “Kungakaveli izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe, kuthi kusukela phakade kuze kube-phakade wena-Nkulunkulu ukhona.”

Ingabe lokho kunengqondo? Izingqondo zethu azinakukuqonda ngokugcwele. Kodwa lokho akusona isizathu esizwakalayo sokukwenqaba. Cabangela izibonelo: (1) Isikhathi. Akekho umuntu ongakhomba umzuzu othile njengokuqala kwesikhathi. Futhi kuyiqiniso ukuthi, ngisho noma ukuphila kwethu kuphela, isikhathi asipheli. Asiwenqabi umqondo wokuthi kunesikhathi ngenxa nje yokuthi kunezici ezithile zaso esingaziqondi ngokugcwele. Kunalokho, siqondisa ukuphila kwethu ngaso. (2) Umkhathi. Izazi zezinkanyezi azikutholi lapho kuqala khona noma lapho kuphela khona umkhathi. Lapho ziqhubeka zihlolisisa indawo yonke, kuba ilapho zithola okwengeziwe. Azikwenqabi okuboniswa ubufakazi; eziningi zibhekisela emkhathini njengongenasiphelo. Into efanayo iyasebenza nasebukhoneni bukaNkulunkulu.

Ezinye izibonelo: (1) Izazi zezinkanyezi zisitshela ukuthi ukushisa kwelanga enkabeni yalo kungu-15 000 000° Celsius (27 000 000° F.). Ingabe siyawenqaba lowomqondo ngenxa yokuthi asinakukuqondisisa ngokugcwele ukushisa kwezinga elinjalo? (2) Zisitshela ukuthi ubungako boMthala wethu bukhulu kangangokuthi umsebe wokukhanya ogijima amakhilomitha ayizi-300 000 ngomzuzwana (186 000 mi/sec) ungadinga iminyaka eyizi-100 000 ukuwudabula. Ingabe izingqondo zethu ziyaliqonda ngempela ibanga elingako? Kodwa siyakwamukela ngoba ubufakazi besayensi buyakusekela.

Ikuphi okunengqondo ngokwengeziwe—ukuthi indawo yonke ingumkhiqizo woMdali ophilayo nohlakaniphile? noma ukuthi kumelwe ukuba wavela nje ngenhlanhla emthonjeni othile ongaphili ngaphandle kokuqondisa kothile ohlakaniphile? Abanye abantu bathatha lombono wamuva ngoba uma bekholelwa ngenye indlela kungasho ukuthi kumelwe bavume ukuba khona koMdali abangenakuziqonda ngokugcwele izimfanelo zakhe. Kodwa kuyinto eyaziwayo ukuthi izazi zesayensi azikuqondi ngokugcwele ukusebenza kwamagenes asemangqamuzaneni aphilayo nanqumayo ukuthi lamangqamuzana azokhula kanjani. Futhi azikuqondi ngokugcwele ukusebenza kwengqondo yomuntu. Nokho, ubani ongaphika ukuthi lezizinto zikhona? Ingabe ngempela kumelwe silindele ukuqonda yonke into ngoMuntu omkhulu kangangokuthi angabangela ukuba kube khona indawo yonke, nayo yonke imiklamo yayo eyinkimbinkimbi nobukhulu obumangalisayo?

Ingabe kubalulekile ukusebenzisa igama likaNkulunkulu?

Roma 10:13: “Bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”

Hez. 39:6: “Bazi ukuthi nginguJehova.”

UJesu wathi kuYise: “Ngibazisile [abalandeli bakhe beqiniso] igama lakho, ngizakubazisa lona.”—Joh. 17:26.

Bheka futhi amakhasi 245, 246, ngaphansi kwesithi “UJehova.”

Ingabe kubalulekile ukuthi imuphi uNkulunkulu esimkhonzayo, uma nje sinenkolo ethile?

1 Kor. 10:20: “Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu.”

2 Kor. 4:4: “Okukubona abangakholwa unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.” (Lapha uDeveli kubhekiselwa kuye ngokuthi “unkulunkulu.” Bheka eyoku-1 Johane 5:19; isAmbulo 12:9.)

Math. 7:22, 23: “Abaningi bayakuthi kimi [kuJesu Kristu] ngalolosuku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na? Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina-benzi bokubi.” (Ngisho nokuzisholo komuntu ukuthi ungumKristu akusona isiqinisekiso sokuthi ukhonza uNkulunkulu weqiniso ngokwamukelekayo.)

Bheka futhi amakhasi 99, 101, ngaphansi kwesihloko esithi “Inkolo.”

Uma uJehova ‘enguNkulunkulu yedwa weqiniso,’ uluhlobo luni ‘lukaNkulunkulu’ uJesu?

UJesu ngokwakhe wabhekisela kuYise ngokuthi “wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo [“weqiniso,” NW].” (Joh. 17:3) UJehova ngokwakhe wathi: “Ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.” (Isaya 44:6) Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu eqiniso, ethi “kukhona uNkulunkulu munye, uYise.” (1 Kor. 8:5, 6) Ngakho uJehova ungohlukile; akekho omunye ohlanganyela isikhundla sakhe. UJehova umi njengohluke ngokuphelele kuzo zonke izinto ezikhulekelwa njengezithixo, abantu abenziwe izithixo, noSathane. Konke lokho kungonkulunkulu bamanga.

UJesu kukhulunywa ngaye emiBhalweni ‘njengonkulunkulu,’ ngisho nangokuthi “uNkulunkulu onamandla.” (Joh. 1:1, NW; Isaya 9:6) Kodwa akukho lapho ekhulunyelwa njengonguMninimandla onke, njengoba kunjalo ngoJehova. (Gen. 17:1) UJesu kuthiwa ‘uwukubengezela kwenkazimulo [kaNkulunkulu],’ kodwa uYise unguMthombo waleyonkazimulo. (Heb. 1:3) UJesu akasifuni nangayiphi indlela isikhundla sikaYise. Wathi: “Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.” (Luka 4:8) ‘Unesimo sikaNkulunkulu,’ futhi uYise uye wayala ukuba “ngegama likaJesu amadolo onke aguqe,” kodwa konke lokhu kwenzelwa ukuba “kube-yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.”—Fil. 2:5-11; bheka futhi amakhasi 251-255.

Uma Umuntu Ethi—

‘Angikholelwa kuNkulunkulu’

Ungase uphendule: ‘Ingabe indlela obuzizwa ngayo sonke isikhathi? . . . Ngaphambi kokufinyelela kulesosiphetho, ingabe wake wahlola ubufakazi obuthile owabuthola bukukhuthaza?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Lena indaba engithakazelisa kakhulu futhi ngiye ngayicabangela kakhulu. Amanye amaphuzu engiye ngawathola ewusizo kakhulu ilawa: . . . (Ekhasini 394, bheka isihlokwana esithi “Ingabe zikhona izizathu ezizwakalayo zokukholelwa kuNkulunkulu?” Bheka futhi amakhasi 87-89, ngaphansi kwesithi “Indalo.”)’

Noma ungase uthi: ‘Usho ukuthi awukholelwa ukuthi ukhona uMdali, noma ukuthi nje uye wabona ubuzenzisi obuningi emasontweni kangangokuthi awunalukholo kulokho akufundisayo?’ Uma kuyilokhu kwamuva, ungase unezele: ‘Kukhona umehluko omkhulu phakathi kwamasonto eLobukholwa nobuKristu beqiniso. Kuyiqiniso ukuthi eLobukholwa liye labacindezela abantu, kodwa ubuKristu abuzange. ELobukholwa liye lalwa izimpi, kodwa ubuKristu abuzange. ELobukholwa liye lahluleka ukunikeza ukuqondisa okufanelekile kokuziphatha, kodwa ubuKristu abuzange. IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, alilisekeli eLobukholwa. Ngokuphambene, liyalisola eLobukholwa.’

Okunye ongakusho: ‘Ngiye ngaba nezingxoxo ezithakazelisayo nabanye abazizwa njengawe. Abanye babo bathi bayehluleka ukuhlanganisa ukukholelwa kuNkulunkulu nokuhlupheka nobubi obusemhlabeni. Ingabe ileyondlela ozizwa ngayo? (Uma kunjalo, sebenzisa okunye kokwaziswa okusemakhasini 395, 396, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ingabe ukuba khona kobubi nokuhlupheka kubonisa ukuthi uNkulunkulu akekho?”)’

‘Ngikholelwa kuphela yilokho engikubonayo, futhi angikaze ngimbone uNkulunkulu’

Ungase uphendule: ‘Lowombono wandile ezinsukwini zethu. Futhi kunesizathu sawo. Siphila emphakathini ogcizelela ukuba nezinto ezibonakalayo. Kodwa ungumuntu okuthandayo ukubhekana namaqiniso, akunjalo?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Ingabe zikhona ezinye izinto esingenakuzibona ngamehlo ethu kodwa esikholelwayo ukuthi zikhona ngoba kunezizathu ezizwakalayo zalokho? Kuthiwani ngomoya esiwuphefumulayo? Singase siwuzwe uma ushaya kamnandi. Singase sisho ukuthi ugcwalisa amaphaphu ethu, ngisho noma singawuboni. Ngenxa yokuthi sibona imiphumela, kunesizathu esihle sokukholelwa kuwo, akunjalo?’ (2) ‘Futhi asiwaboni amandla adonsela phansi. Kodwa uma siwisa okuthile sibona ubufakazi bokuthi lamandla ayasebenza. Futhi asiliboni iphunga, kodwa amakhala ethu ayalihogela. Asiwaboni amaza omsindo, kodwa izindlebe zethu ziyawezwa. Ngakho-ke siyakholelwa ezintweni esingaziboni—uma kunesizathu esihle sokwenza kanjalo, akunjalo?’ (3) ‘Khona-ke, ingabe bukhona ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ongabonakali ukhona ngempela? (Sebenzisa ukwaziswa okusekhasini 394, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ingabe zikhona izizathu ezizwakalayo zokukholelwa kuNkulunkulu?”)’

‘Nami nginowami umbono ngoNkulunkulu’

Ungase uphendule: ‘Ngiyajabula ukuzwa ukuthi ungumuntu oye wayicabangela lendaba nokuthi uyakholelwa kuNkulunkulu. Ngicela ukukubuza, Uyini umbono wakho ngoNkulunkulu?’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: ‘Ngiyaqiniseka ukuthi uyaqaphela ukuthi kubalulekile ukuqiniseka ngokuthi noma ikuphi esikukholelwayo kuyavumelana nalokho uNkulunkulu ngokwakhe akushoyo. Ngingakubonisa iphuzu elilodwa nje eBhayibhelini ngalendaba? (IHu. 83:18)’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela