Uhulumeni
Incazelo: Ilungiselelo lokwenza imithetho nokunakekela ukugcinwa kwayo. Ohulumeni ngokuvamile bahlukaniswa ngokomthombo nangezinga legunya labo. UJehova uNkulunkulu unguMbusi Wendawo Yonke, onikeza abanye igunya ngokuvumelana nentando yakhe nenjongo. Nokho, uSathane uDeveli, isihlubuki esivelele ngasebukhosini bukaJehova, “ungumbusi walelizwe”—lokhu kungokuvumela kukaNkulunkulu isikhathi esilinganiselwe. IBhayibheli lifanekisa isimiso sembulunga yonke sokubusa kwezombangazwe njengesilo sasendle futhi lithi “udrako [uSathane uDeveli] wasinika [isilo] amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.”—Joh. 14:30; IsAm. 13:2; 1 Joh. 5:19.
Kungenzeka yini ngabantu ukumisa uhulumeni oyoletha injabulo ehlala njalo?
Umbhalo womlando wesintu ubonisani?
UmShu. 8:9: ‘Umuntu uye wabusa omunye kwaba ukulimala kwakhe.’ (Lokhu kunjalo ngisho noma abanye ohulumeni nababusi beye baqalisa benemibono engcono.)
“Yonke impucuko eyake yaba khona iye yagcina ngokuwohloka. Umlando uyindaba yemizamo eyahluleka, noma izifiso ezingazange zifinyelelwe. . . . Ngakho-ke, njengesazi-mlando, umuntu kumelwe aphile ngomqondo wokungavimbeleki kwesiphetho esibuhlungu.”—Henry Kissinger, isazi sesayensi yezombangazwe noprofesa kahulumeni, njengoba acashunwa kuyiThe New York Times, October 13, 1974, k. 30B.
Yini ekhubaza imizamo yabantu kwezobuhulumeni?
Jer. 10:23: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (UNkulunkulu akazange anikeze indalo yakhe engabantu ilungelo lokuziklamela indlela yayo ngaphandle kukaNkulunkulu.)
Gen. 8:21: “Imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.” (Akubona ababusi kuphela kodwa futhi nalabo ababuswayo bonke bazalelwa esonweni, benokuthambekela kobugovu.)
2 Thim. 3:1-4: “Ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, . . . nabangathandi okuhle, . . . nabakhukhumele.” (Izinkinga ezibhekene nesintu namuhla azinakuxazululwa phakade isizwe esisodwa nje; zidinga ukubambisana okuphelele komhlaba wonke. Kodwa izithakazelo zobugovu ziyakuvimbela lokho futhi zikhubaze ngokungathi sína noma ikuphi ukubambisana kwangempela phakathi kwezinhlangano ezihlukahlukene ngaphakathi kwezizwe.)
IBhayibheli futhi lembula ukuthi amandla angaphezu kwawemvelo aphethe izindaba zesintu. “Izwe lonke lisemandleni omubi.” (1 Joh. 5:19, NW) “Asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene . . . nababusi bezwe balobubumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.” (Efe. 6:12) “Bangomoya bamademoni, . . . abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku lukaNkulunkulu uMninimandla onke.”—IsAm. 16:14.
Abantu bangayithola kanjani inkululeko ehlala njalo ekonakaleni nasekucindezeleni kohulumeni?
Ingabe ukubeka abanye abantu ezikhundleni kuyoyixazulula inkinga?
Akulona yini iqiniso ukuthi lapho kunokukhetha kweningi khona abantu abasesikhundleni sokubusa ngokuvamile bayakhishwa esikhundleni ngemva kweminyaka emibalwa? Kungani? Iningi alaneliswa umsebenzi wabo.
IHu. 146:3, 4: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza. Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.” (Ngakho-ke, noma iziphi izinhlelo zokwenza ngcono ababusi abazimisayo ngokushesha zidlulela ezandleni zabanye futhi ngokuvamile zinganakwa.)
Kungakhathaliseki ukuthi umbusi ungubani, uyobe eseyingxenye yalelizwe elisemandleni kaSathane.—1 Joh. 5:19.
Ingabe ukuvukela umbuso kobudlova kuyimpendulo?
Ngisho noma ababusi abonakele bekhishwa futhi imithetho engalungile ilahlwa, uhulumeni omusha uyokwenziwa abantu abangaphelele futhi uyobe useyingxenye yesimiso sezombangazwe iBhayibheli elithi ngokukhanyayo singaphansi kokuphatha kukaSathane.
Math. 26:52: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba.” (UJesu washo lokhu komunye wabaphostoli bakhe ngesikhathi kusetshenziswa igunya likahulumeni ngokungafanele eNdodaneni kaNkulunkulu ngokwayo. Isiphi esinye isizathu esifaneleka kangcono umuntu ayengasilwela, uma lokho kwakuyinto efanelekile yokwenziwa?)
IzAga 24:21, 22: “Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi, ungahlangani nabahlubukayo. Ngokuba ingozi yabo iyakuvuka masinyane; ngubani owazi ukuchithwa kweminyaka yabo na?”
Khona-ke, iyini impendulo ezinkingeni zokonakala nokucindezela?
Dan. 2:44: “UNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso [uhulumeni] ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”
IHu. 72:12-14: “[INkosi kaJehova emisiwe, uJesu Kristu] iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba-yigugu emehlweni ayo.” (Ukukhathalela kwayo ngabantu abanjalo lapho isemhlabeni—ukubaphulukisa kwayo, ukupha izixuku ukudla, ngisho nokudela ukuphila kwayo ngenxa yabo—kuyabonisa ukuthi ngempela iyoba uhlobo lombusi owabikezelwa esiprofethweni.)
Bheka futhi amakhasi 357-362, ngaphansi kwesihloko esithi “UMbuso.”
Kungani kumelwe sikucabangele ngokungathi sína lokho iBhayibheli elikushoyo ngekusasa likahulumeni?
Ababusi abangabantu ababanikezi abantu lokho abakudinga ngokuphuthumayo
Cabangela lezizinto abantu abazidingayo yonke indawo, ohulumeni babantu abangabanikezi zona kodwa uNkulunkulu aye wazithembisa: (1) Ukuphila ezweni elikhululekile ekusongeleni kwempi.—Isaya 2:4; IHu. 46:9, 10. (2) Ukudla okwanele ngabo bonke.—IHu. 72:16. (3) Indawo yokuhlala ethokomele ngabo bonke.—Isaya 65:21. (4) Umsebenzi owanelisayo kubo bonke abawudingayo, ukuze bazondle ngokwabo nemikhaya yabo.—Isaya 65:22. (5) Ukuphila okungaphazanyiswa ukugula nezifo.—IsAm. 21:3, 4. (6) Ukwahlulela ngokulunga; ukukhululeka enzondweni engokwenkolo, eyobuhlanga, eyezomnotho, neyobuzwe.—Isaya 9:7; 11:3-5. (7) Ukujabulela ukulondeka, ngaphandle kwengozi kumuntu ngokwakhe noma impahla yakhe ezigebengwini.—Mika 4:4; IzAga 2:22. (8) Izwe lapho izimfanelo ezaziswa kakhulu zihlanganisa uthando, umusa, ukukhathalela abanye abantu, nokuba neqiniso.—IHu. 85:10, 11; Gal. 5:22, 23.
Sekuyizinkulungwane zeminyaka, ababusi bezombangazwe bethembisa abantu babo izimo ezingcono. Kwaba namiphi imiphumela? Nakuba abantu ezizweni eziningi benezinto eziningi ezibonakalayo, abajabuli, futhi izinkinga ababhekene nazo zixaka ngaphezu kwanoma yinini.
Iziprofetho zeBhayibheli ziye zabonakala zithembeke ngokuphelele
Kusasele ikhulu leminyaka ukuba kwenzeke, iZwi likaNkulunkulu labikezela isikhundla seBabiloni ekubuseni umhlaba, nokuthi amandla alo ayeyonqunywa kanjani ekugcineni, neqiniso lokuthi, lapho selichithiwe, ikomkhulu lalo lalingenakuphinde lakhiwe. (Isaya 13:17-22) Cishe kusasele amakhulu amabili eminyaka, ngisho nangaphambi kokuba uKoresi azalwe, iBhayibheli labikezela ngaye ngegama kanye nendima yakhe ezindabeni zezizwe zonke. (Isaya 44:28; 45:1, 2) Ngaphambi kokuba amaMede namaPheresiya abe umbuso wezwe, isithunzi sawo, ukuba mbaxambili kwawo, nendlela owawuyophela ngayo konke kwakubikezelwe. Eminyakeni engaphezu kwamakhulu amabili kusengaphambili inkambo yombuso wezwe wamaGreki ngaphansi kwenkosi yawo yokuqala kwabikezelwa, kanye nokwehlukana okwalandela kwalowombuso uba izingxenye ezine.—Dan. 8:1-8, 20-22.
IBhayibheli labikezela ngokuningiliziwe ngezimo zezwe zosuku lwethu, futhi lisixwayisa ngokuthi bonke ohulumeni babantu uNkulunkulu uzobaqeda nokuthi uMbuso kaNkulunkulu ezandleni zeNdodana yakhe, uJesu Kristu, uyobusa phezu kwaso sonke isintu.—Dan. 2:44; 7:13, 14.
Ingabe akuyona inkambo yokuhlakanipha ukulandela umthombo wolwazi oye wazibonakalisa uthembekile njalo?
Uhulumeni kaNkulunkulu uwukuphela kwekhambi loqobo ezinkingeni zesintu
Izinkinga ezidinga ukuxazululwa zidinga amandla, amakhono, nezimfanelo okungekho muntu onazo. UNkulunkulu angasikhulula isintu ethonyeni likaDeveli namademoni akhe, futhi uye wathembisa ukwenza kanjalo, kodwa akekho umuntu ongakwenza. UNkulunkulu uye wenza ilungiselelo lokwenza lokho abesayensi yezokwelapha ababengenakukwenza—ukususa isono, ngaleyondlela aqede ukugula nokufa futhi enze kube nokwenzeka ngabantu ukuba babe uhlobo lwabantu abafuna ukuba yilo ngempela. UMdali unolwazi oludingekayo (ngomhlaba nangazo zonke izinqubo zokuphila) lokuxazulula izinkinga zokukhiqizwa kokudla nokuvimbela ukungcola okuyingozi, kodwa imizamo yabantu ngokuvamile idala izinkinga ezengeziwe. IZwi likaNkulunkulu kakade liguqula ukuphila kwabantu ukuze labo abasabela ekuholeni kwalo babe ngabantu abanomusa, abanothando nezimiso eziphakeme zokuziphatha, umphakathi wabantu abenqaba ukulwa nabanye abantu nabaphila ngokuthula koqobo nobuzalwane nakuba bevela kuzo zonke izizwe, izinhlanga, nezilimi.
UMbuso kaNkulunkulu uyosihlanza nini isimiso sezwe samanje? Bheka isihloko esikhulu esithi “Izinsuku Zezenzakalo” nesithi “Izinsuku Zokugcina.”