Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 10/22 k. 4-k. 10 isig. 3
  • Izwe Elisha Elanelisa Bonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwe Elisha Elanelisa Bonke
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amakhambi Afika Kanyekanye
  • Ezinye Izinkinga Ziyalungiswa
  • Akulona Iphupho Elingenakufezeka
  • Izwe Elisha Liyokwanelisa
  • Indlela Izidingo Zethu Eziyogcwaliswa Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ukuba Yisikhonzi Sikahulumeni KaNkulunkulu
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Uhulumeni KaNkulunkulu Wokuthula
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Uhulumeni
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 10/22 k. 4-k. 10 isig. 3

Izwe Elisha Elanelisa Bonke

NAKUBA kungase kube nzima ukukukholelwa, izwe elisha liseduze ngempela. Lizofika ngesikhathi ukuze lisindise umhlaba wethu ngaphambi kokuba amandla awo okusekela ukuphila abhujiswe ngokuphelele. Futhi lelizwe elisha lizosusa zonke izingozi ezisongela ukuba khona kwabantu. Lizokwenza kanjani lokhu?

Ngemva kokukhomba ekubeni bucayi kwesimo sezwe, isazi-mlando uArnold J. Toynbee sabuza eminyakeni eminingi edlule: “Yini okufanele siyenze ukuze sisindiswe?” Ephendula umbuzo wakhe siqu, wathi: “Kwezombangazwe, yakhani isimiso sokubambisana sikahulumeni wezwe esigunyazwa umthetho-sisekelo.”

Nokho, nakuba liyiso “isimiso sokubambisana,” izwe elisha elizayo ngeke litholakale “kwezombangazwe.” Ngeke lisebenzise isimiso sokubusa ngentando yeningi nanoma imiphi eminye imiqondo yabantu yezombangazwe. Lelizwe elisha liyofinyelela imigomo yalo ngoba uhulumeni owodwa kuphela oyobusa phezu kwalo. Ngochungechunge lwezinyathelo ezimangalisayo, lohulumeni wembulunga yonke uyoziqeda ngokushesha zonke izinkinga ezibhekene nesintu namuhla. Kanjani? Ngokususa izimbangela zalezinkinga nezithiyo ezivame kakhulu ukubhuntshisa imizamo yokuzilungisa.

Eqinisweni, lokho kuyofezwa kanjani? Akukhona yini ukuthi abantu abangaphelele bayobe besabusa, abantu abaye bazibonakalisa bonakele futhi bengenakukwazi ukuxazulula izinkinga zomuntu? Nokho, ake ucabange uma bekunababusi abaphelele balohulumeni wezwe, bekhathalela ngokungenabugovu izithakazelo zezikhonzi zabo. Khona-ke cabangela indlela izinkinga ebezingaxazululwa ngayo.

Amakhambi Afika Kanyekanye

Lapho sekunohulumeni wembulunga yonke wababusi abaphelele, isizwe ngasinye ngeke sisaba nohlobo lwaso olukhethekile lokubusa. Izikhulu zikahulumeni, amanxusa, nezinye izazi zezombangazwe ngeke besaba negunya phezu kwezizwe eziningi, imindeni, nezinhlanga zesintu. Izinhloko-dolobha eziningi zendawo nezezizwe, kanye nezakhiwo zazo nezindawo zokuhlala ezingokomthetho, ngeke zidingeke. Lokhu kuyophelisa ukunakekelwa okubizayo kwezithabathaba ezinjalo, kanye nezindleko zokuhamba kwezikhulu eziya ezimbizweni, emihlanganweni yamakomiti, nasezingqungqutheleni zezizwe nezeziphathimandla. Futhi, bayobe bengasekho bonke ohulumeni bezikhulu ezisaphazayo, kanye namasekela azo amaningi, onobhala, nomabhalane, kuhlanganise nemicikilisho evimbela intuthuko.

Ukuthula kuyoba into engokoqobo ngoba ukushisekela ubuzwe okuhlukanisayo kuyobe kungasekho, kuthathelwe indawo igunya elibumbene lembulunga yonke. Amabutho, imikhumbi yempi, nezindiza zempi, kuhlanganise nazo zonke izikhali zako, abaqondisi bezempi abaphakeme, nezikhulu ezingaphansi, ngeke kusadingeka ukuze kuvikele ukubusa kwesizwe ngasinye. Futhi ngeke kusaba khona noma iziphi izimiso zezinhloli. Ngaphansi kukahulumeni wembulunga yonke onababusi abaphelele, ziyobe zingekho izimakethe ezithengisa ngokukhululekile noma ngokungemthetho lapho kungase kuthengwe khona noma kuthengiswe izikhali; futhi ngeke kusaba khona noma yimaphi amakoloni alwelwayo. Bonke abantu bomhlaba bayoba umkhaya owodwa ongahlukaniseki. Ngakho-ke, ukushisekela ubuzwe kuyonyamalala.

Cabangela ezinye izinzuzo eziyozuzwa abantu ngaphansi kukahulumeni owodwa ongahlukene onababusi abaphelele. Osomabhizinisi abanamandla, njengabenzi bezikhali, ngeke besaba nendlela yokuthonya izazi zezombangazwe ukuze baqhubeke bekhiqiza futhi bethengisa imikhiqizo yabo ebhubhisayo. Ngeke besaba khona abantu abanethonya abayizihlakaniphi abasizakala ngeziphathi-mandla emithethweni ethile noma ezindlekweni ezithinta izithakazelo zendawo ngokuphelele; ngeke lusaba khona uchungechunge olungahlelekile lweminyango kahulumeni ekhethekile eyenza okuphambene nalokho esungulelwa khona, ichitha izimali ezinkulu emisebenzini eyize ezuzisa abambalwa kuphela; ngeke kube khona ukungabambisani ekuqedeni izinkinga zokungcola ngezizathu zobugovu zezentengiselwano (zokugcina inzalo iphezulu); ngeke kube khona ukubhuntshiswa kwemithetho yokuvikela izinhlobo zezilwane ezisongelwa ngokuqothulwa ngezithakazelo ezinamandla ezikhethekile.

Ezinye Izinkinga Ziyalungiswa

Uhulumeni wezwe onjalo ophelele ngeke uvumele ukungabi nabulungisa. Lapho usubusa, uyoqikelela ukuthi izenzo zobugebengu zisingathwa ngendlela efanele, yobulungisa. Ngakho-ke, izakhamuzi ziyokhululeka ekwesabeni ukuthi ababulali abayingozi ngokwengeziwe bangaqalisa futhi ukuzitika ngokubulala.

Futhi kuthiwani ngenxanxathela esemhlabeni jikelele yeqembu lobugebengu obuhleliwe namabhizinisi anamandla ezidakamizwa? Uhulumeni wezwe ophelele ungakuqeda ngokuphelele lokhu. Imithetho yesizwe enqabela ukubuyiselwa kwezigebengu ezweni ezinecala kulo ngeke isaba isiphephelo ngezigebengu ezinjalo zakwamanye amazwe. Kuyoba yinto yesikhathi esidlule ukusetshenziswa ngokuhlakanipha kwezindlela zokuphunyula emithethweni yendawo nezokuba nobungane obunethonya nabezombangazwe okwenziwa yilabaphuli bomthetho. Isenzo esisodwa sokuqeda ubugebengu siyosusa futhi emhlabeni ezinye izinto eziningi ezikhungathekisayo emphakathini, njengokugembula, izimpi zamaqembu, izincwadi nezithombe ezingcolile, ubufebe, nokushushumbisa. Yeka ukulungisa okuphumelelayo nokongayo!

Yebo, zonke izinkinga eziyinkimbinkimbi, eziphicene, nezinameva ezikhungathekisa izingqondo eziningi ezihlakaniphile zesintu namuhla ziyoxazululwa ngokuphelele ezweni elisha elinjalo. Futhi ngayinye iyolungiswa phakade—ngokuwujuqu. Izizukulwane zamuva ngeke kusadingeka zihlushwe yizo futhi.

Akulona Iphupho Elingenakufezeka

‘Kodwa,’ ungase ubuze, ‘bayovelaphi ababusi abaphelele ukuze babuse ezweni elisha elinjalo?’ UMdali womuntu uyobaletha! Ingabe lokhu kubonakala kungakholeki? Nokho, ake ucabange: Ukuba ubunamandla okwenza kanjalo, ubungeke yini uqede zonke izimo emhlabeni ezibangela ukucindezeleka okukhulu kangaka? Yebo ubungakwenza! Khona-ke, ingabe kufanele sicabange ukuthi uMdali wethu uyokwenza okuncane kunalokho?

Iqiniso liwukuthi, uMdali wethu onothando uhlose ukudala izwe elisha, futhi indlela yokuliletha iwuhulumeni wezwe olungile. Lokhu yilokho iNdodana yakhe, uJesu Kristu, afundisa abantu ukuba bakuthandazele ngalamazwi: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.

LowoMbuso uwuhulumeni ongokoqobo, uhulumeni wezwe. INkosi yawo, uJesu Kristu, “iyakubusa kusukela elwandle kuze kube-selwandle, kusukela emfuleni kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.” (IHubo 72:8) Futhi ngokushesha uzobathathela isikhundla bonke ohulumeni babantu, njengoba iZwi likaNkulunkulu lithembisa lapho lithi: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso [uhulumeni obuswa iNkosi kaNkulunkulu, uJesu Kristu] ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso [yosuku lwanamuhla], wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.

Njengoba lohulumeni wezwe omiswa uNkulunkulu wezulu uyophathwa ababusi abangaphezu kwabantu, uyofeza zonke izinto ezinhle ababusi abangabantu abangakwazi ukuzenza. IBhayibheli lichaza uhulumeni kaNkulunkulu njengokubusa kwasezulwini okuyoba neNkosi, uJesu Kristu, isizwa abantu bomoya abangu-144 000. Bonke lababusi bayobe bengabantu abanokwethenjelwa ababonisa ubuqotho obungenasici ngesikhathi besaphila emhlabeni ngaphambi kokuba bavuselwe ekuphileni ezulwini. Bonke bayobe besesimweni esihle ngokukhethekile sokusebenzela ukuzuzisa isintu ngoba baba nazo izidingo zabantu lapho besaphila emhlabeni.—IsAmbulo 14:1-3.

Cabanga ngezinkinga eziqedwa yilokhu. Njengoba bengenakufa, lababusi bomoya abasoze bakhathala noma bafa. (1 Korinte 15:50, 53) Futhi abanakonakaliswa izilingo zokuphendukezela ubulungisa noma ukubonisa ukukhetha ngenxa yokunikezwa izipho. Phela, yini umuntu angayishushumbisa ayifumbathise umuntu womoya ongenakufa? Imali, ibhokisi lotshwala obubizayo, uhambo lokuya esiqhingini esihle, noma amathikithi okuya embukisweni othile noma ikhonsathi? Lezinto ezibonakalayo zingalinga abantu kodwa hhayi lezidalwa zomoya. Ngakho abantu ababuswa yilababusi ngeke babhekane nokonakala kohulumeni okuvame kangaka namuhla.

Izwe Elisha Liyokwanelisa

Ingabe ungumuntu osekhulile? Cabanga ngalo lonke ulwazi, ingqondo yakho noma amakhono, nokuhlangenwe nakho oye wakuzuza eminyakeni edlule. Kodwa ingabe uye waphawula ukuthi nakuba amakhono akho engqondo engase abe mahle, amakhono akho angokomzimba aba buthakathaka kancane kancane ngaso sonke isikhathi? Umzimba wakho awusasabeli eziyalweni zengqondo yakho njengoba wake wenza. Yebo, ukusabela kwezinzwa zakho kuyehla, amandla akho ayaphela, futhi ukukhuthazela kwakho kuyancipha. Ukubona nokuzwa kwakho kuya kuthuntubala nemisipha yakho iya iwohloka ngokwengeziwe kuyilapho izinhlungu zikuhlasela kaningi ngokwengeziwe.

Kodwa zama ukucabanga ngokuhlakanipha okuzuzwe eminyakeni eminingi yokuphila okusemzimbeni omusha ongcono ngisho nangaphezu kwalowo owawunawo lapho useminyakeni yama-20—yebo, amakhono akho angokomzimba esebenza kahle njengengqondo yakho. Cabanga ngezinto eziningi obungazenza ngomzimba wakho onempilo! Phela, uma unomzimba onjalo ophilile osabela engqondweni yakho evuthiwe, ubuyothola ukuthi noma imuphi umsebenzi owenzayo ujabulisa kakhulu. Okuhlangenwe nakho kwakho bekuyokwenza ukwazi ukwenza izinto ngokuphumelela kakhulu ngokwengeziwe, okuyinto ebiyonezela kakhulu ekwanelisekeni kwakho. Futhi uma ungumuntu osemusha, cabanga ngenjabulo yokugcina ubusha bakho nobungqabavu kuyilapho uzuza ukuhlakanipha, ulwazi, nokuhlangenwe nakho phakade.

Manje, cabangela lendaba ngokuqhubekayo, futhi ucabange ngozakwenu nabangane, abahlobo nezihlobo, bonke bekulesimo esifanayo. Ake ucabange ngalokho nonke ebeningakufeza uma kuziwa ezakhiweni, ukwakha, noma ubuciko. Oh, yeka ukuthi lokhu bekuyoba amathemba amangalisa kanjani kubantu abaneziphiwo, njengezingcweti, izazi zomculo, abaklami, abenza izindawo zibukeke, abalimi, nezazi zezitshalo! Imisebenzi yabo ibingamangalisa. Imidwebo yobunyoninco, amakhaya, izingadi, amapaki—yebo, ukukhiqizwa kwezinsimbi ezinhle zomculo nobuciko bokuchwephesha kuzo kumane nje kungokunye okumbalwa.

Enye yezinjongo zalohulumeni wezwe elisha ukuvuselela uhlanga lwesintu ekupheleleni ngokomzimba. Ukubona kwakho, ukuzwa, nezinye izinzwa kuyobe kusebenza ngokweqophelo lakho eliphezulu. Isikhathi esingakanani? Nokho, uma uhulumeni wabantu ubungakunikeza ukwelapha okuqinisekisa ukuvuselelwa ngamaphesenti angu-50 kwayo yonke imisebenzi yomzimba wakho unyaka owodwa ngemadlana nje, ubungeke yini ube ngowokuqala ofuna ukukuthola? Lohulumeni omusha wezwe uqinisekisa ukuvuseleka okugcwele, okuphelele mahhala—hhayi unyaka owodwa, emihlanu, noma engu-50, kodwa phakade.

Ungalilahli njengelingakholeki lelithemba elimangalisayo elizojatshulelwa ngokuqinisekile abantu kuwo kanye lomhlaba. Cabangela ezinye zezibusiso eziyojatshulelwa abathanda uNkulunkulu, ezisemakhasini 7 kuya ku-10.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7-10]

Okuyolethwa Yizwe Elisha

Ukupheliswa Kobugebengu Nobudlova

“Ababi bayakunqunywa ezweni.”—IzAga 2:22.

Okuyolethwa Yizwe Elisha Ukuqedwa Kwempi

“Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”—Isaya 2:4.

Inala Yezinto Ezinhle Zokudliwa Yibo Bonke

“Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.”—IHubo 72:16.

Izindlu Ezinhle Nomsebenzi Ojabulisayo Ngabo Bonke

“Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo . . . Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye.”—Isaya 65:21, 22.

Ukuthula Phakathi Kwabantu Nezilwane

“Impisi iyakuhlala newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi, . . . nomntwana omncane uyakukuqhuba.”—Isaya 11:6.

Ngeke Kusaba Khona Ukugula, Ukuguga, Noma Ukufa

“Azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:4.

Ukuvuswa Kwabafileyo Abathandekayo

“Ihora liyeza okuyothi ngalo bonke labo abasemathuneni okukhunjulwa balizwe izwi layo [likaJesu] futhi baphume.”—Johane 5:28, 29, NW.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela