Ukuza KukaJesu Noma Ukuba Khona KukaJesu—Yikuphi?
“Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?”—MATHEWU 24:3.
1. Iyiphi indima imibuzo eyayinayo enkonzweni kaJesu?
UKUSEBENZISA kukaJesu imibuzo ngobuciko kwakwenza izilaleli zakhe zicabange, zicabangele izinto ngombono omusha. (Marku 12:35-37; Luka 6:9; 9:20; 20:3, 4) Singabonga ngokuthi wayephendula nemibuzo. Izimpendulo zakhe zikhanyisa amaqiniso ebesingeke siwazi noma siwaqonde ngenye indlela.—Marku 7:17-23; 9:11-13; 10:10-12; 12:18-27.
2. Yimuphi umbuzo okufanele sigxilise ukunakekela kwethu kuwo manje?
2 KuMathewu 24:3, sithola omunye wemibuzo ebaluleke kakhulu uJesu ake wayiphendula. Njengoba ukuphela kokuphila kwakhe kwasemhlabeni kwakusondela, uJesu wayesanda kuxwayisa ngokuthi ithempeli laseJerusalema laliyobhujiswa, kuphawule ukuphela kwesimiso sobuJuda. Ukulandisa kukaMathewu kuyanezela: “Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, abafundi basondela kuye ngasese, bethi: ‘Sitshele, Ziyokwenzeka nini lezizinto, futhi siyoba yini isibonakaliso sokuba khona [“sokuza,” IBhayibheli LesiZulu Elivamile] kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?’”—Mathewu 24:3.
3, 4. Yimuphi umehluko ophawulekayo okhona endleleni amaBhayibheli ahumusha ngayo igama eliyinhloko kuMathewu 24:3?
3 Izigidi zabafundi beBhayibheli ziye zazibuza, ‘Abafundi babewubuzelani lowo mbuzo, futhi impendulo kaJesu kufanele ingithinte kanjani?’ Empendulweni yakhe uJesu wakhuluma ngokuhluma kwamaqabunga okubonisa ukuthi ihlobo “liseduze.” (Mathewu 24:32, 33) Ngakho, amasonto amaningi afundisa ukuthi abaphostoli babefuna isibonakaliso ‘sokuza’ kukaJesu, isibonakaliso esasiyofakazela ukuthi ukubuya kwakhe kuseduze. Akholelwa ukuthi ‘ukuza’ kuyoba isikhathi sokuba ayise amaKristu ezulwini abese eletha ukuphela kwezwe. Ingabe ukholelwa ukuthi lokhu kunembile?
4 Esikhundleni sokuhumusha ngokuthi “ukuza,” ezinye izinguqulo zeBhayibheli, kuhlanganise ne-New World Translation of the Holy Scriptures, zisebenzisa igama elithi “ukuba khona.” Kungenzeka yini ukuthi lokho abafundi ababekubuza nalokho uJesu akusho lapho ephendula kuhlukile kulokho okufundiswa emasontweni? Yini ngempela eyabuzwa? Futhi iyiphi impendulo uJesu ayinikeza?
Yini Ababeyibuza?
5, 6. Yini esingaphetha ngayo ngalokho abaphostoli ababekucabanga lapho bebuza umbuzo esiwufunda kuMathewu 24:3?
5 Ngokwalokho uJesu akusho ngethempeli, cishe abafundi babecabanga ngelungiselelo lobuJuda lapho befuna ‘isibonakaliso sokuba khona [noma, “sokuza”] kwakhe nesokuphela kwesimiso sezinto [ngokwezwi nezwi, “inkathi”].’—Qhathanisa nelithi “izwe” kweyoku-1 Korinte 10:11 neyabaseGalathiya 1:4, eBhayibhelini LesiZulu Elivamile.
6 Ngalesi sikhathi abaphostoli babengakaziqondi ngokugcwele izimfundiso zikaJesu. Ngaphambili babecabange ukuthi “umbuso kaNkulunkulu uzozibonakalisa ngaso lesosikhathi.” (Luka 19:11; Mathewu 16:21-23; Marku 10:35-40) Futhi ngisho nangemva kwengxoxo yaseNtabeni Yeminqumo, kodwa ngaphambi kokuba bagcotshwe ngomoya ongcwele, babuza ukuthi uJesu wayesebuyisela uMbuso ku-Israyeli ngaleso sikhathi yini.—IzEnzo 1:6.
7. Kungani abaphostoli babengabuza uJesu ngendima yakhe yesikhathi esizayo?
7 Nokho, babazi ukuthi wayezohamba, ngoba wayesanda kuthi: “Ukukhanya kusazoba phakathi kwenu isikhashana. Hambani lapho nisenokukhanya.” (Johane 12:35; Luka 19:12-27) Ngakho kungenzeka ukuthi bazibuza kufanele, ‘Uma uJesu ezohamba, siyokubona ngani ukubuya kwakhe?’ Lapho evela njengoMesiya, abaningi abazange bamqaphele. Futhi esikhathini esingangonyaka kamuva, yayilokhu iphakeme njalo imibuzo ngokuthi wayeyokufeza yini konke uMesiya okwakumelwe akwenze. (Mathewu 11:2, 3) Ngakho abaphostoli babenesizathu sokubuza ngesikhathi esizayo. Kodwa futhi, ingabe babefuna isibonakaliso sokuthi wayeyokuza ngokushesha noma babefuna okunye okuhlukile?
8. Cishe yiluphi ulimi abaphostoli ababelukhuluma noJesu?
8 Ake uzicabange uyinyoni ulalele ingxoxo yaseNtabeni Yeminqumo. (Qhathanisa nomShumayeli 10:20.) Mhlawumbe wawungase umuzwe uJesu nabaphostoli bekhuluma isiHeberu. (Marku 14:70; Johane 5:2; 19:17, 20; IzEnzo 21:40) Nokho, cishe babelwazi nolimi lwesiGreki.
Lokho UMathewu Akubhala—NgesiGreki
9. Izinguqulo eziningi zanamuhla zikaMathewu zisekelwephi?
9 Imithombo yokwaziswa ehlehlela ekhulwini lesibili C.E. ibonisa ukuthi uMathewu waqale wabhala iVangeli lakhe ngesiHeberu. Ngokusobala kamuva walibhala ngesiGreki. Imibhalo yesandla eminingi yesiGreki iye yafinyelela esikhathini sethu futhi iye yaba isisekelo sokuhumushela iVangeli lakhe ezilimini zanamuhla. Yini uMathewu ayibhala ngesiGreki ngengxoxo yaseNtabeni Yeminqumo? Yini ayibhala ‘ngokuza’ noma ‘ngokuba khona’ abafundi ababebuze ngakho nangalokho uJesu aphawula ngakho?
10. (a) Yiliphi igama lesiGreki elisho ‘ukuza’ uMathewu ayevame ukulisebenzisa, futhi lingaba naziphi izincazelo? (b) Yiliphi elinye igama lesiGreki elithakazelisayo?
10 Ezahlukweni zokuqala ezingu-23 zikaMathewu, izikhathi ezingaphezu kuka-80, sithola isenzo esivamile sesiGreki esisho “ukuza,” esithi erʹkho·mai. Ngokuvamile sidlulisela umqondo wokusondela, njengakuJohane 1:47: “UJesu wabona uNathanayeli eza ngakuye.” Kuye ngokuthi sisetshenziswe kanjani, isenzo esithi erʹkho·mai singasho ‘ukufika,’ ‘ukuhamba,’ ‘ukufinyelela,’ noma ‘ukuya.’ (Mathewu 2:8, 11; 8:28; Johane 4:25, 27, 45; 20:4, 8; IzEnzo 8:40; 13:51) Kodwa kuMathewu 24:3, 27, 37, 39, uMathewu wasebenzisa igama elihlukile, ibizo elingatholakali kwenye indawo emaVangelini: pa·rou·siʹa. Njengoba kunguNkulunkulu owaphefumulela ukubhalwa kweBhayibheli, kungani ashukumisela uMathewu ukuba akhethe leli gama lesiGreki kulamavesi lapho eloba iVangeli lakhe ngesiGreki? Lisho ukuthini, futhi kungani kufanele sifune ukwazi?
11. (a) Uyini umqondo welithi pa·rou·siʹa? (b) Izibonelo ezivela emibhalweni kaJosephus ziyifakazela kanjani indlela esiliqonda ngayo elithi pa·rou·siʹa? (Bheka umbhalo waphansi.)
11 Ngokungagwegwesi, elithi pa·rou·siʹa lisho “ukuba khona.” I-Expository Dictionary of New Testament Words kaVine ithi: “Elithi PAROUSIA, . . . [ngokwezwi nezwi], ukuba khona kanye [nabo], para, nelithi ousia, ukuba (elivela kwelithi eimi, elisho ukuba), libonisa kokubili ukufika kanye nokuba khona okulandelayo. Ngokwesibonelo, encwadini ebhalwe kuyi-papyrus intokazi ethile ikhuluma ngesidingo se-parousia yayo endaweni ethile ukuze isingathe izindaba eziphathelene nempahla yayo.” Ezinye izichazamazwi zichaza ukuthi elithi pa·rou·siʹa libonisa ‘ukuvakasha kombusi.’ Ngakho, akuwona nje umzuzu wokufika, kodwa ukuba khona okuqala ekufikeni kuqhubeke. Ngokuthakazelisayo, yileyo ndlela isazi-mlando esingumJuda uJosephus, esasiphila ngesikhathi sabaphostoli, esalisebenzisa ngayo elithi pa·rou·siʹa.a
12. IBhayibheli ngokwalo lisisiza kanjani ukuba siqinisekise incazelo yelithi pa·rou·siʹa?
12 Incazelo ethi “ukuba khona” ifakazelwa ngokucacile yizincwadi zasendulo, kodwa amaKristu anesithakazelo esiyinhloko endleleni iZwi likaNkulunkulu elisebenzisa ngayo elithi pa·rou·siʹa. Impendulo iyafana—ukuba khona. Lokho sikubona ezibonelweni ezisezincwadini zikaPawulu. Ngokwesibonelo, wabhalela abaseFilipi: “Ngendlela ebenilalela ngayo ngaso sonke isikhathi, kungekhona phakathi nokuba khona kwami kuphela, kodwa manje ngokuzithandela nakakhulu phakathi nokungabikho kwami, qhubekani nikhandlekela ukusindiswa kwenu.” Wakhuluma nangokuba nabo ukuze bethabe “ngokuba khona [pa·rou·siʹa] [kwakhe] futhi kanye [nabo].” (Filipi 1:25, 26; 2:12) Ezinye izinguqulo zifundeka kanje “ukuba kwami nani futhi” (Weymouth; New International Version); “lapho nginani futhi” (Jerusalem Bible; New English Bible); nangokuthi “lapho niba nami futhi phakathi kwenu.” (Twentieth Century New Testament) Kweyesi-2 Korinte 10:10, 11, uPawulu waqhathanisa “ukuba khona kwakhe ngesiqu” kanye ‘nokungabikho.’ Ngokusobala kulezi zibonelo wayengakhulumi ngokusondela kwakhe noma ukufika; wasebenzisa elithi pa·rou·siʹa ngomqondo wokuba khona.b (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 16:17.) Nokho, kuthiwani ngezimo ezibhekisela kuyi-pa·rou·siʹa kaJesu? Ingabe zinomqondo ‘wokuza’ kwakhe, noma ingabe zibonisa ukuba khona okuqhubekayo?
13, 14. (a) Kungani kumelwe siphethe ngokuthi i-pa·rou·siʹa ithatha isikhathi esithile? (b) Yini okumelwe ishiwo ngobude be-pa·rou·siʹa kaJesu?
13 AmaKristu agcotshwe ngomoya osukwini lukaPawulu ayenesithakazelo kuyi-pa·rou·siʹa kaJesu. Kodwa uPawulu wawaxwayisa ukuba ‘anganyakaziswa engqondweni yawo.’ Okokuqala kumelwe kuvele “umuntu ongenamthetho,” oye wabonakala engabefundisi beLobukholwa. UPawulu wabhala ukuthi “ukuba khona kongenamthetho kungokokusebenza kukaSathane ngayo yonke imisebenzi yamandla nezibonakaliso zamanga.” (2 Thesalonika 2:2, 3, 9) Ngokusobala, i-pa·rou·siʹa, noma ukuba khona, ‘komuntu ongenamthetho’ kwakungekhona nje ukufika komzuzwana; kwakuyothatha isikhathi esithile, phakathi naso okwakuyovezwa izibonakaliso zamanga. Kungani lokhu kubalulekile?
14 Cabangela ivesi elingaphambi nje kwalelo: “Ongenamthetho uyokwambulwa, iNkosi uJesu eyomqeda ngomoya womlomo wayo futhi imenze ize ngokubonakaliswa kokuba khona kwayo.” Njengoba nje ukuba khona ‘komuntu ongenamthetho’ kwakuyothatha inkathi ethile yesikhathi, ukuba khona kukaJesu kwakuyothatha isikhathi esithile futhi kwakuyofinyelela umvuthwandaba ekubhujisweni kwaleyo “ndodana yokubhujiswa” engenamthetho.—2 Thesalonika 2:8.
Izici Zolimi LwesiHeberu
15, 16. (a) Yiliphi igama ngokuyinhloko elisetshenziswa ezinguqulweni eziningi ezihumushela uMathewu esiHeberwini? (b) Lisetshenziswe kanjani elithi bohʼ emiBhalweni?
15 Njengoba kuphawuliwe, ngokusobala uMathewu wabhala iVangeli lakhe okokuqala ngolimi lwesiHeberu. Ngakho, yiliphi igama lesiHeberu alisebenzisa kuMathewu 24:3, 27, 37, 39? Izinguqulo zikaMathewu ezihunyushelwe esiHeberwini sanamuhla zinohlobo lwesenzo esithi bohʼ, kokubili embuzweni wabaphostoli nasempendulweni kaJesu. Lokhu kungaholela ekubeni ufundeke ngezindlela ezinjengale: “Siyoba yini isibonakaliso [se-bohʼ] yakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” nangokuthi, “Njengoba zazinjalo izinsuku zikaNowa, iyoba njalo [i-bohʼ] yeNdodana yomuntu.” Lisho ukuthini elithi bohʼ?
16 Nakuba sinemiqondo ehlukahlukene, isenzo sesiHeberu esithi bohʼ ngokuyisisekelo sisho “ukuza.” I-Theological Dictionary of the Old Testament ithi: ‘Njengoba sivela izikhathi ezingu-2 532, esithi bohʼ singesinye sezenzo ezisetshenziswe kakhulu emiBhalweni YesiHeberu futhi singesokuqala ohlwini lwezenzo eziveza ukunyakaza.’ (Genesise 7:1, 13; Eksodusi 12:25; 28:35; 2 Samuweli 19:30; 2 AmaKhosi 10:21; IHubo 65:2; Isaya 1:23; Hezekeli 11:16; Daniyeli 9:13; Amose 8:11) Ukube uJesu nabaphostoli babesebenzise igama elinezincazelo ezibanzi kangako, umqondo wawungase uphikiswe. Ingabe-ke balisebenzisa?
17. (a) Kungani izinguqulo zesiHeberu zanamuhla zikaMathewu zingase zingakubonisi kahle lokho uJesu nabaphostoli abakusho? (b) Singawutholaphi kwenye indawo umbono wokuthi yiliphi igama okungenzeka uJesu nabaphostoli balisebenzisa, futhi kungasiphi esinye isizathu lomthombo usithakazelisa? (Bheka umbhalo waphansi.)
17 Khumbula ukuthi izinguqulo zesiHeberu zanamuhla ziyizinguqulo ezingase zingakuvezi ngokunembile lokho uMathewu akubhala ngesiHeberu. Iphuzu liwukuthi kungenzeka ukuthi uJesu wasebenzisa elinye igama ngaphandle kwelithi bohʼ, elihambisana nomqondo welithi pa·rou·siʹa. Lokhu sikubona encwadini ka-1995 ethi Hebrew Gospel of Matthew, kaProfesa George Howard. Lencwadi yagxila ekuhlaselweni kobuKristu kwekhulu le-14 udokotela ongumJuda uShem-Tob ben Isaac Ibn Shaprut. Lowo mbhalo wakhipha umbhalo wesiHeberu weVangeli likaMathewu. Kunobufakazi bokuthi esikhundleni sokuba uhunyushwe ususelwa esiLatinini noma esiGrekini sesikhathi sikaShem-Tob, lombhalo kaMathewu wawumdala kakhulu futhi wawulotshwe ngesiHeberu kusukela ekuqaleni.c Ngenxa yalokho ungase usisondeze kulokho okwashiwo eNtabeni Yeminqumo.
18. Yiliphi igama elithakazelisayo lesiHeberu elisetshenziswa uShem-Tob, futhi lisho ukuthini?
18 KuMathewu 24:3, 27, 39 uMathewu kaShem-Tob akasebenzisi isenzo esithi bohʼ. Kunalokho, usebenzisa ibizo elihlobene naso elithi bi·ʼahʹ. Lelo bizo livela emiBhalweni YesiHeberu kuHezekeli 8:5 kuphela, lapho lisho khona ‘intuba.’ Esikhundleni sokubonisa isenzo sokuza, elithi bi·ʼahʹ lapho libhekisela ekuqaleni kwesakhiwo; lapho usendleleni engenayo noma emnyango, usuke ususesakhiweni. Futhi, izincwadi zenkolo ezingelona iBhayibheli eziphakathi kwemiQulu Yasolwandle Olufile ngokuvamile zisebenzisa elithi bi·ʼahʹ ngokuqondene nokufika noma ukuqala kwezikhundla zabapristi. (Bheka eyoku-1 IziKronike 24:3-19; Luka 1:5, 8, 23.) Futhi inguqulo ka-1986 yesiHeberu ye-Peshitta yesiSiriya sasendulo (noma, isi-Aramu) isebenzisa elithi bi·ʼahʹkuMathewu 24:3, 27, 37, 39. Ngakho kunobufakazi bokuthi ezikhathini zasendulo ibizo elithi bi·ʼahʹ kungenzeka lalinomqondo othé ukuhluka kowesenzo esithi bohʼ esisetshenziswe eBhayibhelini. Kungani lokhu kuthakazelisa?
19. Uma uJesu nabaphostoli basebenzisa elithi bi·ʼahʹ, yini esingaphetha ngayo?
19 Abaphostoli embuzweni wabo, noJesu empendulweni yakhe, kungenzeka basebenzisa leli bizo elithi bi·ʼahʹ. Ngisho noma abaphostoli babemane becabanga ngokufika kukaJesu kwesikhathi esizayo, uKristu kungenzeka ukuthi wasebenzisa elithi bi·ʼahʹ ukuze ahlanganise okungaphezu kwalokho ababekucabanga. Kungenzeka uJesu wayebhekisela ekufikeni kwakhe ezoqala isikhundla esisha; ukufika kwakhe kwakuyoba ukuqala kwendima yakhe entsha. Lokhu kwakuyofanelana nencazelo yelithi pa·rou·siʹa, uMathewu alisebenzisa kamuva. Kuyaqondakala ukuthi ukusetshenziswa kanjalo kwelithi bi·ʼahʹ kwakuyosekela lokho oFakazi BakaJehova osekuyisikhathi eside bekufundisa, ukuthi “isibonakaliso” esiyinhlanganisela esanikezwa uJesu sasiyobonisa ukuthi ukhona.
Ukulindela Umvuthwandaba Wokuba Khona Kwakhe
20, 21. Yini esingayifunda emazwini kaJesu ngezinsuku zikaNowa?
20 Ukuhlola kwethu ukuba khona kukaJesu kufanele kukuthinte ngokuqondile ukuphila kwethu namathemba ethu. UJesu wanxusa abalandeli bakhe ukuba bahlale bephapheme. Wanikeza isibonakaliso ukuze ukuba khona kwakhe kuqashelwe, nakuba abaningi babengeke banake: “Njengoba nje zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu. Ngoba njengoba babenjalo ngalezozinsuku zangaphambi kwesikhukhula, bedla futhi bephuza, amadoda eshada futhi abesifazane bendiswa, kwaze kwaba usuku uNowa angena ngalo emkhunjini; futhi abanakanga kwaze kwafika isikhukhula, sabakhukhula bonke, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.”—Mathewu 24:37-39.
21 Ezinsukwini zikaNowa, abantu abaningi baleso sizukulwane babeqhubeka nje nezindaba zabo ezivamile. UJesu wabikezela ukuthi kwakuyoba njalo ‘nasekubeni khona kweNdodana yomuntu.’ Abantu ababezungeze uNowa kungenzeka babenomuzwa wokuthi akukho lutho olwaluyokwenzeka. Uyakwazi okwenzeka. Lezo zinsuku, ezathatha isikhathi esithile, zaholela emvuthwandaba, “kwafika isikhukhula, sabakhukhula bonke.” ULuka ulandisa indaba efanayo uJesu afanisa kuyo ‘izinsuku zikaNowa nezinsuku zeNdodana yomuntu.’ UJesu wayala: “Kuyoba ngendlela efanayo nangalolosuku lapho iNdodana yomuntu isizokwambulwa.”—Luka 17:26-30.
22. Kungani kufanele sibe nesithakazelo ngokukhethekile esiprofethweni sikaJesu esikuMathewu isahluko 24?
22 Konke lokhu kukhethekile kithi ngoba siphila esikhathini lapho sibona khona izenzakalo uJesu azibikezela—izimpi, ukuzamazama komhlaba, izifo eziwumshayabhuqe, ukuntuleka kokudla, nokushushiswa kwabafundi bakhe. (Mathewu 24:7-9; Luka 21:10-12) Izinto ezinjalo bezilokhu zibonakala kusukela empini eyashintsha umlando eyaqanjwa ngokuphawulekayo ngokuthi iMpi Yezwe I, nakuba abantu abaningi bezibheka njengengxenye evamile yomlando. Nokho, amaKristu eqiniso ayakuzwa okushiwo yilezi zenzakalo ezibalulekile, njengoba nje abantu abaqaphile beqonda ngokuhluma kwamaqabunga omkhiwane ukuthi ihlobo liseduze. UJesu waxwayisa: “Kanjalo nani, lapho nibona lezizinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.”—Luka 21:31.
23. Amazwi kaJesu akuMathewu isahluko 24 akhetheke kobani, futhi ngani?
23 UJesu waqondisa ingxenye enkulu yempendulo yakhe yaseNtabeni Yeminqumo kubalandeli bakhe. Yibo ababeyohlanganyela emsebenzini osindisa ukuphila wokushumayela izindaba ezinhle emhlabeni wonke ngaphambi kokuba kufike ukuphela. Yibo ababeyoqonda “isinengiso esibangela incithakalo . . . simi endaweni engcwele.” Yibo ababeyosabela ‘ngokubaleka’ ngaphambi kosizi olukhulu. Futhi yibo ababeyothintwa ngokuyinhloko amazwi anezelwa: “Ukuba lezozinsuku azifinyezwanga, akukho nyama ebiyosinda; kodwa ngenxa yabakhethiweyo lezozinsuku ziyofinyezwa.” (Mathewu 24:9, 14-22) Kodwa asho ukuthini lawo mazwi asangulukisayo, futhi kungani kungase kuthiwe asinika isisekelo sokuba nenjabulo, ithemba, nentshiseko eyengeziwe manje? Isifundo esilandelayo sokuhlola uMathewu 24:22 sizonikeza izimpendulo.
[Imibhalo yaphansi]
a Izibonelo zikaJosephus: ENtabeni YaseSinayi umbani nokuduma “kwasho ukuthi uNkulunkulu wayekhona [pa·rou·siʹa].” Ukubonakaliswa kwamandla okuyisimangaliso etabernakele “kwabonisa ukuba khona [pa·rou·siʹa] kukaNkulunkulu.” Ngokubonisa inceku ka-Elisha izinqola ezazimzungezile, uNkulunkulu “wabonisa inceku yakhe amandla akhe nokuba khona [pa·rou·siʹa] kwakhe.” Lapho isikhulu esingumRoma uPetronius sizama ukushweleza kumaJuda, uJosephus wathi ‘uNkulunkulu wabonisa ukuba khona kwakhe [pa·rou·siʹa] kuPetronius’ ngokuthumela imvula. UJosephus akazange asebenzise elithi pa·rou·siʹa ekusondeleni noma ekufikeni komzuzwana. Lalisho ukuba khona okuqhubekayo, ngisho nokungabonakali. (Eksodusi 20:18-21; 25:22; Levitikusi 16:2; 2 AmaKhosi 6:15-17)—Qhathanisa ne-Antiquities of the Jews, Incwadi 3, isahluko 5, isigaba 2 [80]; isahluko 8, isigaba 5 [203]; Incwadi 9, isahluko 4, isigaba 3 [55]; Incwadi 18, isahluko 8, isigaba 6 [284].
b Kuyi-Critical Lexicon and Concordance to the English and Greek New Testament, u-E. W. Bullinger uveza ukuthi elithi pa·rou·siʹa lisho ‘isimo noma ukuqala kokuba khona, okusho, ukuba khona, ukufika; ukuza okuhlanganisa umqondo wokuhlala njalo kusukela kulokho kuza kuqhubeke.’
c Obunye ubufakazi buwukuthi uqukethe inkulumo yesiHeberu ethi “IGama,” ebhalwe ngokugcwele noma efushanisiwe, izikhathi ezingu-19. UProfesa Howard uyabhala: “Ukufundwa kweGama Laphezulu embhalweni wobuKristu ocashunwe umhlaseli ongumJuda kuyaphawuleka. Ukube lombhalo wawuhunyushelwe esiHeberwini ususelwa embhalweni wamaKristu wesiGreki noma isiLatini, umuntu ubeyolindela ukuthola igama elithi adonai [Nkosi] embhalweni, hhayi uphawu lwegama laphezulu elingabizeki elithi YHWH. . . . Ukunezela kwakhe igama elingabizeki akuchazeki. Ubufakazi bukusikisela ngokuqinile ukuthi uShem-Tob wathola uMathewu wakhe uneGama Laphezulu kakade embhalweni nokuthi cishe walilondoloza kunokuba azifake engozini yokuba necala lokulisusa.” I-New World Translation of the Holy Scriptures—With References isebenzisa uMathewu kaShem-Tob (J2) uma isekela ukusebenzisa igama laphezulu emiBhalweni YamaKristu YesiGreki.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kungani kubalulekile ukubona umehluko phakathi kwezindlela amaBhayibheli ahumusha ngazo uMathewu 24:3?
◻ Lisho ukuthini elithi pa·rou·siʹa, futhi kungani lokhu kuyinto yokukhathalelwa?
◻ Yikuphi ukufana okungenzeka kukhona kuMathewu 24:3 esiGrekini nasesiHeberwini?
◻ Isiphi isici mayelana nesikhathi okudingeka sisazi ukuze siqonde uMathewu isahluko 24?
[Isithombe ekhasini 10]
INtaba Yeminqumo, ehaqe iJerusalema