Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 15
  • Isimangaliso Sokuqala SikaJesu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimangaliso Sokuqala SikaJesu
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimangaliso Sokuqala SikaJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Wenza Isimangaliso Sakhe Sokuqala
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Isimangaliso Sesibili EKhana
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Isimangaliso Sesibili Lapho EseseKhana
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 15

Isahluko 15

Isimangaliso Sokuqala SikaJesu

KUSADLULE usuku olulodwa noma ezimbili kusukela uAndreya, uPetru, uJohane, uFiliphu, uNathanayeli, futhi mhlawumbe noJakobe bebe ngabafundi bokuqala bakaJesu. Laba manje basendleleni eya ekhaya esigodini saseGalile, lapho inkaba yabo bonke ikhona. Balibangise eKhana, endaweni yakubo kaNathanayeli, emagqumeni angekude neNazaretha, lapho uJesu ngokwakhe akhulela khona. Bamenyelwe edilini lomshado eKhana.

Unina kaJesu naye ukhona kulomshado. Njengomngane womkhaya walabo abashadayo, uMariya kubonakala sengathi ubehileleke ekukhonzeni izidingo zezivakashi eziningi. Ngakho uyashesha ukuphawula okuswelekayo, akubika kuJesu: “Kabanalo iwayini.”

Eqinisweni, ngokusho kanjalo uMariya usikisela ukuba uJesu enze okuthile ngokusweleka kwewayini, uJesu okokuqala uyenqaba. “Ungené ngani kokwami na?” ebuza. NjengeNkosi kaNkulunkulu emisiwe, akumelwe aqondiswe umkhaya noma abangane emsebenzini wakhe. Ngakho ngokuhlakanipha uMariya ushiyela indaba ezandleni zendodana yakhe, ngokumane nje athi ezincekwini: “Nayikuphi akusho kini anokwenza.”

Nokho, kunezimbiza zamanzi eziyisithupha ezinkulu zamatshe, ngayinye ingamumatha amalitha angaphezu kuka-40. UJesu uyala izinceku: “Gcwalisani izimbiza ngamanzi.” Futhi lezinceku ziyazigcwalisa zize zithi cikí. Khona-ke uJesu uthi: “Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla.”

Umphathi uhlatshwa umxhwele izinga elihle laleliwayini, engaqapheli ukuthi lenziwe ngokuyisimangaliso. Ebiza umyeni, uthi: “Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuzé kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube-manje.”

Lesi isimangaliso sokuqala sikaJesu, futhi lapho besibona, ukholo lwabafundi bakhe abasha luyaqina. Ngemva kwalokho, bona kanye nonina nabafowabo ngomzali oyedwa, baya emzini waseKapernawume eduze noLwandle LwaseGalile. Johane 2:1-12.

▪ Phakathi nenkonzo kaJesu wenzeka nini umshado eKhana?

▪ Kungani uJesu enqaba ukusikisela kukanina?

▪ Isiphi isimangaliso uJesu asenzayo, futhi siba namuphi umphumela kwabanye?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela