Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 21
  • Esinagogeni Lendawo Yakubo KaJesu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Esinagogeni Lendawo Yakubo KaJesu
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Esinagogeni Lendawo Yakubo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • ESinagogeni ENazaretha
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Wenza Izimangaliso, Kodwa Ngisho NaseNazaretha Ababi Nokholo Kuye
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukuphuma Emzini KaJayiru Nokuvakashela ENazaretha Futhi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 21

Isahluko 21

Esinagogeni Lendawo Yakubo KaJesu

AKUNGABAZEKI ukuthi kuba nenjabulo eNazaretha lapho uJesu ebuyela kubo. Ngaphambi kokuba ahambe ayobhapathizwa uJohane esikhathini esingaphezudlwana konyaka ngaphambili, uJesu wayaziwa njengombazi. Kodwa manje waziwa yonke indawo njengomenzi wezimangaliso. Izakhamuzi zendawo zinelukuluku lokumbona enza eminye yalemisebenzi emangalisayo phakathi kwazo.

Ukulindela kwazo kuyakhula njengoba uJesu, njengomkhuba wakhe, eya esinagogeni lakulendawo. Phakathi nenkonzo, uyasukuma ukuba afunde, futhi unikezwa incwadi yomprofethi uIsaya. Uthola indawo ekhuluma ngaLowo ogcotshwe ngumoya kaJehova, okuyindawo eBhayibhelini lethu namuhla eyisahluko 61.

Ngemva kokufunda indlela Lona ayeyoshumayela ngayo ukukhululwa kwabathunjiwe, ukubona kwabayizimpumputhe, nangonyaka omuhle kaJehova, uJesu ubuyisela umqulu esikhonzini ahlale phansi. Onke amehlo athe njó kuye. Khona-ke uyakhuluma, cishe enaba, echaza: “Namhla nje ugcwalisekile lombhalo ezindlebeni zenu.”

Abantu bayamangala “ngamazwi [akhe] omusa” futhi bathi komunye nomunye: “Lo akasiyo indodana kaJosefa na?” Kodwa azi ukuthi bafuna ukumbona enza izimangaliso, uJesu uyaqhubeka: “Nempela niyakusho kimi lesisaga sokuthi: Nyanga, zelaphe wena. Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.” Ngokusobala, omakhelwane bakaJesu bangaphambili banomuzwa wokuthi ukuphulukisa kumelwe kuqale ekhaya, ukuze kuzuze abantu bakubo kuqala. Ngakho banomuzwa wokuthi uJesu akabanaki.

Ebona ukucabanga kwabo, uJesu ulandisa umlando othile osebenzayo. Kwakunabafelokazi abaningi kwaIsrayeli ezinsukwini zikaEliya, ephawula, kepha uEliya akathunyelwanga nakoyedwa wabo. Kunalokho, waya kumfelokazi ongeyena umIsrayeli eSidoni, lapho enza khona isimangaliso esisindisa ukuphila. Futhi emihleni kaElisha, kwakunabaningi ababenochoko, kepha uElisha wahlambulula uNahamani waseSiriya kuphela.

Bethukutheliswe yilokhu kuqhathanisa okungokomlando okubalahlayo okwembula ubugovu babo nokungabi nalukholo, labo abasesinagogeni bayasukuma futhi baxoshela uJesu ngaphandle komuzi. Lapho, onqenqemeni lwentaba iNazaretha eyakhiwe phezu kwayo, bazama ukumkhalakathisela phansi. Kodwa uJesu uyaphunyula ezandleni zabo futhi uyahamba ephephile. Luka 4:16-30; 1 AmaKhosi 17:8-16; 2 AmaKhosi 5:8-14.

▪ Kungani kuba nenjabulo eNazaretha?

▪ Abantu bacabangani ngenkulumo kaJesu, kodwa yini ebenza bathukuthele kangaka?

▪ Yini abantu abazama ukuyenza kuJesu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela