Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 2/15 kk. 8-9
  • Esinagogeni Lendawo Yakubo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Esinagogeni Lendawo Yakubo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Esinagogeni Lendawo Yakubo KaJesu
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • ESinagogeni ENazaretha
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • INazaretha—Ikhaya LomProfethi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukusuka Emzini KaJayiru Nokuvakashela ENazaretha Futhi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 2/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Esinagogeni Lendawo Yakubo

LAPHO uJesu ebuyela kubo, singacabanga ngenjabulo eyaba khona eNazaretha. Ngaphambi kokuba ayobhapathizwa uJohane esikhathini esingaphezudlwana konyaka ngaphambili, uJesu wayaziwa njengombazi. Kepha manje usedume yonke indawo njengomenzi wezimangaliso. Abantu bendawo yakubo banesifiso sokumbona enza ezinye zalezinto ezimangalisayo phakathi kwabo.

Balindele lukhulu njengoba uJesu, njengomkhuba wakhe, eya esinagogeni lakhona. Phakathi nenkonzo, uyasukuma ukuba afunde, futhi unikezwa incwadi yomprofethi uIsaya. Uthola indawo ekhuluma ngaLowo ogcotshwe ngomoya kaJehova, leyo emaBhayibhelini ethu namuhla eyisahluko 61.

Ngemva kokufunda ngendlela Lowo ayeyoshumayela ngayo ngokukhululwa kwabathunjiweyo, ukubona kwabayizimpumputhe, nangonyaka omuhle kaJehova, uJesu unikeza isikhonzi incwadi futhi uhlala phansi. Onke amehlo ayamgqolozela. Khona-ke ukhuluma nabo, cishe isikhathi eside, echaza: “Namhla nje ugcwalisekile lombhalo ezindlebeni zenu.”

Abantu bamangala “ngamazwi [akhe] omusa” futhi bathi komunye nomunye: “Lo akasiyo iNdodana kaJosefa na?” Kepha azi ukuthi bafuna ukumbona enza izimangaliso, uJesu uyaqhubeka: “Nempela niyakusho kimi lesisaga sokuthi: Nyanga, zelaphe wena. Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.” Ngokusobala, omakhelwane bakaJesu bangaphambili banomuzwa wokuthi ukuphilisa kumelwe kuqale ekhaya, ngenzuzo yabantu bakubo kuqala. Ngakho baba nomuzwa wokuthi uJesu uyabalulaza.

Ebona ukucabanga kwabo, uJesu ulandisa ngomlando othile ofanelekile. Uyaphawula, kwakunabafelokazi abaningi kwaIsrayeli emihleni kaEliya, kepha uEliya kathunyelwanga nakoyedwa wabo. Kunalokho, waya kumfelokazi waseSidoni ongeyena owakwaIsrayeli, lapho enza khona isimangaliso esisindisa ukuphila. Nasemihleni kaElisha, kwakunabaningi ababenochoko, kepha uElisha wahlambulula uNahamani waseSiriya kuphela.

Bethukutheliswe yilokhu kuqhathanisa okungokomlando abangavumelani nakho okwembula ubugovu babo nokungabi nalukholo, ababesesinagogeni bayasukuma futhi baxoshela uJesu ngaphandle komuzi. Phezulu, onqenqemeni lwentaba leyo iNazaretha eyakhiwe phezu kwayo, bazama ukumkhalakathisela phansi. Kepha uJesu uyaphunyula ezandleni zabo futhi uhamba ngokulondeka. Luka 4:16-30; 1 AmaKhosi 17:8-16; 2 AmaKhosi 5:8-14.

◆ Kungani kuba nenjabulo eNazaretha?

◆ Abantu bacabangani ngenkulumo kaJesu, kodwa yini ebenza bathukuthele kangaka?

◆ Yini abantu abazama ukuyenza kuJesu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela