Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Esinagogeni Lendawo Yakubo
LAPHO uJesu ebuyela kubo, singacabanga ngenjabulo eyaba khona eNazaretha. Ngaphambi kokuba ayobhapathizwa uJohane esikhathini esingaphezudlwana konyaka ngaphambili, uJesu wayaziwa njengombazi. Kepha manje usedume yonke indawo njengomenzi wezimangaliso. Abantu bendawo yakubo banesifiso sokumbona enza ezinye zalezinto ezimangalisayo phakathi kwabo.
Balindele lukhulu njengoba uJesu, njengomkhuba wakhe, eya esinagogeni lakhona. Phakathi nenkonzo, uyasukuma ukuba afunde, futhi unikezwa incwadi yomprofethi uIsaya. Uthola indawo ekhuluma ngaLowo ogcotshwe ngomoya kaJehova, leyo emaBhayibhelini ethu namuhla eyisahluko 61.
Ngemva kokufunda ngendlela Lowo ayeyoshumayela ngayo ngokukhululwa kwabathunjiweyo, ukubona kwabayizimpumputhe, nangonyaka omuhle kaJehova, uJesu unikeza isikhonzi incwadi futhi uhlala phansi. Onke amehlo ayamgqolozela. Khona-ke ukhuluma nabo, cishe isikhathi eside, echaza: “Namhla nje ugcwalisekile lombhalo ezindlebeni zenu.”
Abantu bamangala “ngamazwi [akhe] omusa” futhi bathi komunye nomunye: “Lo akasiyo iNdodana kaJosefa na?” Kepha azi ukuthi bafuna ukumbona enza izimangaliso, uJesu uyaqhubeka: “Nempela niyakusho kimi lesisaga sokuthi: Nyanga, zelaphe wena. Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.” Ngokusobala, omakhelwane bakaJesu bangaphambili banomuzwa wokuthi ukuphilisa kumelwe kuqale ekhaya, ngenzuzo yabantu bakubo kuqala. Ngakho baba nomuzwa wokuthi uJesu uyabalulaza.
Ebona ukucabanga kwabo, uJesu ulandisa ngomlando othile ofanelekile. Uyaphawula, kwakunabafelokazi abaningi kwaIsrayeli emihleni kaEliya, kepha uEliya kathunyelwanga nakoyedwa wabo. Kunalokho, waya kumfelokazi waseSidoni ongeyena owakwaIsrayeli, lapho enza khona isimangaliso esisindisa ukuphila. Nasemihleni kaElisha, kwakunabaningi ababenochoko, kepha uElisha wahlambulula uNahamani waseSiriya kuphela.
Bethukutheliswe yilokhu kuqhathanisa okungokomlando abangavumelani nakho okwembula ubugovu babo nokungabi nalukholo, ababesesinagogeni bayasukuma futhi baxoshela uJesu ngaphandle komuzi. Phezulu, onqenqemeni lwentaba leyo iNazaretha eyakhiwe phezu kwayo, bazama ukumkhalakathisela phansi. Kepha uJesu uyaphunyula ezandleni zabo futhi uhamba ngokulondeka. Luka 4:16-30; 1 AmaKhosi 17:8-16; 2 AmaKhosi 5:8-14.
◆ Kungani kuba nenjabulo eNazaretha?
◆ Abantu bacabangani ngenkulumo kaJesu, kodwa yini ebenza bathukuthele kangaka?
◆ Yini abantu abazama ukuyenza kuJesu?