Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 22
  • Ukubizwa Kwabafundi Abane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubizwa Kwabafundi Abane
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abafundi Abane Bayabizwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Abafundi Abane Bazoba Abadobi Babantu
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukukhonza Njengabadobi Babantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Walwa Nokwesaba Nokungabaza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 22

Isahluko 22

Ukubizwa Kwabafundi Abane

NGEMVA komzamo wokubulala uJesu endaweni yakubo yaseNazaretha, uya emzini waseKapernawume eduze noLwandle LwaseGalile. Lokhu kugcwalisa esinye isiprofetho sikaIsaya. Yileso esasibikezela ukuthi abantu baseGalile abahlala ngasolwandle babeyobona ukukhanya okukhulu.

Njengoba uJesu eqhubeka nomsebenzi wakhe onokukhanya wokushumayela ngoMbuso lapha, uthola abane babafundi bakhe. Laba babeke bahamba naye ngaphambili kodwa ekubuyeni kwabo noJesu eJudiya baphindela emsebenzini wabo wokudoba. Cishe manje uJesu useyabafuna, njengoba sekuyisikhathi sokuba nabasizi abaqotho, basikhathi sonke angabaqeqeshela ukuqhubeka nenkonzo ngemva kokuba esehambile.

Ngakho njengoba uJesu ehamba ngasogwini lolwandle futhi ebona uSimoni Petru nabangane bakhe behlanza amanetha abo, uya kubo. Ugibela esikebheni sikaPetru futhi umcela ukuba angene kancane olwandle. Lapho sebengene ibangana, uJesu uhlala phansi kulesikebhe futhi uqala ukufundisa izixuku ezisogwini.

Ngemva kwalokho, uJesu uthi kuPetru: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.”

“Nkosi,” kuphendula uPetru, “sishikile ubusuku bonke, asibambanga-lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.”

Lapho amanetha ehliswa, kubanjwa izinhlanzi eziningi kakhulu kangangokuba amanetha aqala ukudabuka. Ngokuphuthuma, lamadoda aqhweba abangane bawo abakwesinye isikebhe esiseduze ukuba bazosiza. Ngesikhashana zombili lezikebhe zigcwaliswa ngezinhlanzi eziningi kangangokuba ziqala ukushona. Lapho ekubona lokhu, uPetru uwa phambi kukaJesu futhi uthi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”

“Ungesabi,” kuphendula uJesu. “Kusukela manje uzakubamba abantu.”

UJesu umema noAndreya umfowabo kaPetru. “Ngilandeleni,” ebanxusa, “ngiyakunenza nibe-ngabadobi babantu.” Ababedoba nabo uJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu, banikezwa isimemo esifanayo, futhi nabo, basabela ngaphandle kokungabaza. Ngakho laba abane bashiya umsebenzi wabo wokudoba futhi baba abalandeli bokuqala abane bakaJesu abaqotho, basikhathi sonke. Luka 5:1-11; Mathewu 4:13-22; Marku 1:16-20; Isaya 9:1, 2.

▪ Kungani uJesu ebiza abalandeli bakhe ukuba bamlandele, futhi bangobani?

▪ Isiphi isimangaliso esethusa uPetru?

▪ Luhlobo luni lokudoba uJesu amema abafundi bakhe ukuba balwenze?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela