Ukuphila Nenkonzo KaJesu
Abafundi Abane Bayabizwa
NGEMVA komzamo wokumbulala endaweni yakubo yaseNazaretha, uJesu uya emzini waseKapernawume oseduze noLwandle lwaseGalile. Lokhu kugcwalisa esinye isiprofetho sikaIsaya. Yileso esasibikezela ukuthi abantu baseGalile abakhe ngasolwandle babeyobona ukukhanya okukhulu.
Njengoba uJesu eqhubeka nomsebenzi wakhe oletha ukukhanya wokushumayela ngoMbuso lapha, uthola abafundi bakhe abane. Laba babeke bahamba naye ngaphambili kodwa ekubuyeni kwabo noJesu eJudiya baphindela emsebenzini wabo wokudoba. Manje kungenzeka ukuthi uJesu useyabafuna, ngenxa yokuthi sekuyisikhathi sokuba nabasizi abakhuthele, basikhathi sonke ayengabaqeqeshela ukuqhubeka nenkonzo ngemva kokuba esehambile.
Ngakho njengoba uJesu ehamba ogwini lolwandle futhi ebona uSimoni othiwa uPetru nabakanye naye behlanza amanetha abo, uya kubo. Ugibela emkhunjini kaPetru futhi umcela ukuba angene kancane olwandle. Lapho sebengene ibangana, uJesu uhlala emkhunjini futhi uqala ukufundisa isixuku esasisogwini.
Emva kwalokho, uJesu uthi kuPetru: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.”
“Nkosi,” kuphendula uPetru, “sishikile ubusuku bonke, asibambanga-lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.”
Lapho amanetha ehliswa, kubanjwa izinhlanzi eziningi kakhulu kangangokuba amanetha aqala ukugqabuka. Ngokushesha. amadoda aqhweba abangane babo abasemkhunjini oseduze ukuba bazosiza. Ngesikhashana imikhumbi yomibili igcwaliswa ngezinhlanzi eziningi kangangokuba iqala ukuzika. Lapho uPetru ekubona lokhu, uziphonsa phansi phambi kukaJesu futhi uthi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”
“Ungesabi,” kuphendula uJesu. “Kusukela manje uzakubamba abantu.”
UJesu umema noAndreya umfowabo kaPetru. Uyabanxusa, “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe-ngabadobi babantu.” Abadobi ababenabo uJakobe noJohane, amadodana kazebedewu, banikezwa isimemo esifanayo, futhi nabo, basabela ngaphandle kokungabaza. Ngakho laba abane bashiya imisebenzi wabo wokudoba futhi baba abalandeli bokuqala abane bakaJesu abakhuthele, basikhathi sonke. Luka 5:1-11; Mathewu 4:13-22; Marku 1:16-20; Isaya 9:1, 2.
◆ Kungani uJesu ebiza abalandeli bakhe ukuba bamlandele, futhi bangobani?
◆ siphi isimangaliso esethusa uPetru?
◆ Luhlobo luni lokudoba uJesu amema abafundi bakhe ukuba balwenze?