Isahluko 27
Ukubizwa KukaMathewu
NGOKUSHESHA ngemva kokuphulukisa indoda efé uhlangothi, uJesu uyasuka eKapernawume uya oLwandle LwaseGalile. Nalapho izixuku zabantu ziza kuye, futhi uqala ukuzifundisa. Njengoba eqhubeka ehamba, ubona uMathewu, obizwa nangokuthi uLevi, ehlezi endaweni yokuthelisa. UJesu uyammema: “Ngilandele.”
Cishe, uMathewu usejwayelene kakade nezimfundiso zikaJesu, njengoba kwakunjalo ngoPetru, uAndreya, uJakobe, noJohane lapho bebizwa. Futhi njengabo, uMathewu usabela ngokushesha kulesimemo. Uyasukuma, ushiya imithwalo yakhe yemfanelo yokuthelisa, futhi ulandela uJesu.
Kamuva, mhlawumbe ukuze agubhe umkhosi wokwamukela ukubizwa kwakhe, uMathewu wenza idili elikhulu endlini yakhe. Ngaphandle kukaJesu nabafundi baKhe, kukhona nababekade bengabangane bakaMathewu. Ngokuvamile lamadoda ayazondwa amaJuda akubo ngenxa yokuthi aqoqela iziphathimandla ezizondwayo ezingamaRoma izintela. Ngaphezu kwalokho, avame ngokungathembeki ukubiza kubantu imali yentela engaphezu kwevamile.
Bebona uJesu esedilini nabantu abanjalo, abaFarisi babuza abafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?” Ewuzwa lombuzo, uJesu uphendula labaFarisi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa. Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: Ngifuna isihawu, hayi umhlatshelo. Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni.”
Ngokusobala, uMathewu umeme labathelisi endlini yakhe ukuze bakwazi ukulalela uJesu futhi bathole ukuphulukiswa okungokomoya. Ngakho uJesu uzihlanganisa nabo ukuze abasize bazuze ubuhlobo obunempilo noNkulunkulu. UJesu akabazondi abanjalo, njengoba kwenza abaFarisi abazibona belungile. Kunalokho, eshukunyiswa isihe, eqinisweni ukhonza njengodokotela ongokomoya kubo.
Ngakho-ke ukusebenzisa kukaJesu umusa kubantu abayizoni akukhona ukuvuna izono zabo kodwa ukubonakaliswa kwemizwa efanayo yozwela ayeyibonisa kulabo ababegula ngokomzimba. Ngokwesibonelo, khumbula lapho ngesihawu elula isandla sakhe ephatha onochoko, ethi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Kwangathi nathi ngokufanayo singabonisa umusa ngokusiza abantu abasweleyo, sibasize ikakhulukazi ngendlela engokomoya. Mathewu 8:3; 9:9-13; Marku 2:13-17; Luka 5:27-32.
▪ Ukuphi uMathewu lapho uJesu embona?
▪ Uyini umsebenzi kaMathewu, futhi kungani abantu abanjalo bezondwa amanye amaJuda?
▪ Ikuphi ukukhononda okwenziwayo ngoJesu, futhi usabela kanjani?
▪ Kungani uJesu ezihlanganisa nezoni?