Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 27 k. 68-k. 69 isig. 6
  • UMathewu Uyabizwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMathewu Uyabizwa
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubizwa KukaMathewu
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukubizwa KukaMathewu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ukuphatha Abanye Ngendlela Yokwesaba UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Intela—Ingabe Iyinkokhelo Yokwakha “Umphakathi Ophucukile”?
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 27 k. 68-k. 69 isig. 6
AbaFarisi babukele njengoba uJesu edla nabaqoqi bentela nezoni emzini kaMathewu

ISAHLUKO 27

UMathewu Uyabizwa

MATHEWU 9:9-13 MARKU 2:13-17 LUKA 5:27-32

  • UJESU UBIZA UMATHEWU, UMQOQI WENTELA

  • UKRISTU UZIHLANGANISA NEZONI UKUZE AZISIZE

Ngemva kokwelapha okhubazekile, uJesu uhlala isikhashana eKapernawume, eduze noLwandle LwaseGalile. Izixuku ziphinde zize kuye, bese eqala ukuzifundisa. Njengoba eqhubeka nendlela, ubona uMathewu obizwa nangokuthi uLevi, ehleli ehhovisi lentela. UJesu uyammema athi kuye: “Yiba umlandeli wami.”—Mathewu 9:9.

Kungenzeka ukuthi uMathewu usejwayelene nezimfundiso zikaJesu nemisebenzi ayenzile kule ndawo, njengoba kunjalo ngoPetru, u-Andreya, uJakobe kanye noJohane. Njengabo, uMathewu uvumela phezulu. UMathewu uyakuchaza lokho eVangelini lakhe, uthi: “Nangempela [uMathewu] wasukuma wamlandela” uJesu. (Mathewu 9:9) Ngaleyo ndlela, uMathewu ushiya umsebenzi wakhe wokuqoqa intela abe umlandeli kaJesu.

UJesu ubona uMathewu ehhovisi lentela bese emmema ukuba abe umlandeli wakhe

Esikhathini esithile kamuva, mhlawumbe ukuze abonise ukubonga ngalokhu kubizwa kwakhe nguJesu, uMathewu wenza idili elikhulu endlini yakhe. Ngaphandle kukaJesu nabafundi bakhe, obani abanye abamenyiwe? Kukhona nedlanzana labaqoqi bentela ababesebenza noMathewu. Baqoqela iziphathimandla zaseRoma ezizondwayo intela, okuhlangisa intela yemikhumbi efikayo, intela yemithwalo ehamba emigwaqweni emikhulu nentela yempahla evela kwamanye amazwe. AmaJuda ababheka kanjani laba baqoqi bentela? Abantu bayabazonda ngenxa yokuthi bavame ukufuna imali engaphezu kwenani lentela evamile. Kukhona nezoni kuleli dili, abantu abaziwayo ukuthi benza izinto ezimbi.—Luka 7:37-39.

Lapho bebona uJesu esedilini nabantu abanjalo, abaFarisi abalapho abazitshela ukuthi balungile babuza abafundi bakhe: “Kungani umfundisi wenu edla nabaqoqi bentela nezoni?” (Mathewu 9:11) UJesu uyabezwa bese ephendula: “Abantu abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo. Khona-ke, hambani niyofunda ukuthi kusho ukuthini lokhu: ‘Ngifuna isihe, hhayi umhlatshelo.’ Ngoba ngizele ukuzobiza izoni, hhayi abantu abalungile.” (Mathewu 9:12, 13; Hoseya 6:6) AbaFarisi babiza uJesu ngokuthi ‘umfundisi’ bembhuqa, nokho kuningi abangakufunda kuye mayelana nokuthi yini elungile.

Kubonakala sengathi uMathewu umeme abaqoqi bentela nezoni emzini wakhe, ukuze bazolalela uJesu futhi bathole ukuphulukiswa ngokomoya “ngoba babebaningi ababemlandela.” (Marku 2:15) UJesu ufuna ukubasiza babe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Ngokungafani nabaFarisi abazibona belungile, uJesu akabazondi abantu abanjalo. Unesihe nozwela; angakwazi ukuba udokotela ongokomoya wabo bonke abagula ngokomoya.

UJesu ubabonisa isihe abaqoqi bentela nezoni, hhayi ngoba evumelana nezono zabo kodwa ukuze ababonise umusa ofana nalowo awubonise labo abagula emzimbeni. Ngokwesibonelo, khumbula lapho ethinta onochoko ngozwela, ethi: “Ngiyathanda! Hlanzeka.” (Mathewu 8:3) Akufanele yini nathi sibonise isihe esifanayo, ngokusiza labo abaswele, ikakhulukazi ngokubasiza bathuthukise ubuhlobo babo noNkulunkulu?

  • UJesu umthola enzani uMathewu lapho embona?

  • Kungani amanye amaJuda ebazonda abaqoqi bentela?

  • Kungani uJesu ehleli nezoni?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela