Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 28
  • Bambuza Ngokuzila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bambuza Ngokuzila
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bambuza Ngokuzila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Kungani Abafundi BakaJesu Bengakuzili Ukudla?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukuzila Ukudla​—Ingabe Kukusondeza KuNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Lithini IBhayibheli Ngokuzila Ukudla?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 28

Isahluko 28

Bambuza Ngokuzila

CISHE sekuphele unyaka kusukela uJesu aya ePhasikeni lika-30 C.E. Manje, sekuphele izinyanga ezimbalwa uJohane uMbhapathizi eboshiwe. Nakuba ayethanda ukuba abafundi bakhe babe ngabalandeli bakaKristu, akubona bonke abaye baba yibo.

Manje abanye balabafundi bakaJohane oboshiwe beza kuJesu bese bebuza: “Yini ukuba thina nabaFarisi sizila ukudla; kepha abafundi bakho abazili ngani na?” AbaFarisi bazila kabili ngesonto njengesiko lenkolo yabo. Futhi abafundi bakaJohane mhlawumbe balandela umkhuba ofanayo. Futhi kungenzeka bazilela ukukhalela ukuboshwa kukaJohane futhi bayazibuza ukuthi kungani abafundi bakaJesu bengahlanganyeli nabo kulokhu kubonakaliswa kosizi.

Ephendula uJesu uyachaza: “Abayeni bangalila yini, umyeni esenabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila.”

Abafundi bakaJohane kumelwe bakhumbule ukuthi uJohane ngokwakhe wakhuluma ngoJesu njengoMyeni. Ngakho njengoba uJesu esekhona, uJohane ubengeke akubheke njengokufanelekile ukuzila, futhi nabafundi bakaJesu abakubheki njengokufanelekile. Kamuva, lapho uJesu efa, abafundi bakhe bayakhala futhi bayazila. Kodwa lapho evuswa futhi enyukela ezulwini, abasenaso esinye isizathu sokuzila ngokukhala.

Ngokulandelayo, uJesu ulandisa lemifanekiso: “Akakho obekela isiziba sendwangu engakashukeki engutsheni endala, ngokuba lokhu okubekelwa kuyo kuyaklebhula engutsheni, kwande ukuklebhuka. Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha.” Lemifanekiso ihlangene ngani nokuzila?

UJesu ubesiza abafundi bakaJohane uMbhapathizi ukuba baqonde ukuthi akekho okumelwe alindele abalandeli bakhe ukuba bavumelane nemikhuba emidala yobuJuda, njengokuzila ngokwesiko. Wayengezelanga ukuzochibiyela nokuzoqhubekisela phambili izimiso zokukhulekela ezindala eseziphelile. UbuKristu babungeke benziwe buvumelane nobuJuda bangalesosikhathi namasiko abo abantu. Cha, babungeke bube njengesiziba sendwangu entsha engutsheni endala noma njengewayini elisha emvabeni endala. Mathewu 9:14-17; Marku 2:18-22; Luka 5:33-39; Johane 3:27-29.

▪ Obani abanomkhuba wokuzila, futhi ngayiphi injongo?

▪ Kungani abafundi bakaJesu bengazili lapho esenabo, futhi kamuva isizathu sokuzila sizophela kanjani ngokushesha?

▪ Imiphi imifanekiso uJesu ayilandisayo, futhi isho ukuthini?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela