Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 6/1 kk. 8-9
  • Bambuza Ngokuzila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bambuza Ngokuzila
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bambuza Ngokuzila
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Kungani Abafundi BakaJesu Bengakuzili Ukudla?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukuzila Ukudla​—Ingabe Kukusondeza KuNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Lithini IBhayibheli Ngokuzila Ukudla?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 6/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Bambuza Ngokuzila

CISHE sekuphele unyaka kusukela osukwini uJesu aya ngalo ePhasikeni lika-30 C.E. Manje, sekuphele izinyanga ezimbalwa uJohane uMbhapathizi eboshiwe. Nakuba ayethanda ukuthi abafundi bakhe babe ngabalandeli bakaJesu, akusibo bonke ababa yibo.

Manje abanye babafundi bakaJohane oboshiwe beza kuJesu futhi bayambuza: “Yini ukuba thina nabaFarisi sizila ukudla; kepha abafundi bakho abazili ngani na?” AbaFarisi bazila ukudla kabili ngesonto njengokwesiko lenkolo yabo. Futhi mhlawumbe nabafundi bakaJohane balandela isiko elifanayo. Futhi kungase kube ukuthi bazilela ukukhalela uJohane oboshiwe futhi baxakwa ukuthi kungani abafundi bakaJesu bengahlanganyeli nabo kulokhu kulila.

Ephendula uJesu uyabachazela: “Abayeni bangalila yini, umyeni esenabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila.”

Abafundi bakaJohane kumelwe bakhumbule ukuthi uJohane ngokwakhe wakhuluma ngoJesu njengoMyeni. Ngakho-ke, uma uJesu esekhona, uJohane wayengenakukubheka njengokufanelekile ukuzila, futhi ngokufanayo nangabafundi bakaJesu. Kamuva, ngesikhathi uJesu efa, abafundi bakhe bakhala futhi bazila. Kodwa ngesikhathi evuswa futhi enyuselwa ezulwini, babengasenaso isizathu sokuba bakhale futhi bazile.

Ngokulandelayo, uJesu ubatshela lomfanekiso: “Akakho obekela isiziba esisha engutsheni endala, ngokuba lokhu okubekelwa kuyo kuyaklebhula engutsheni, kwande ukuklebhuka. Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha balithola ezimvabeni ezintsha. Kulondeke kokubili.” Lemifanekiso yayihlangene kanjani nokuzila?

UJesu wayesiza abafundi bakaJohane ukuba baqonde ukuthi akekho okumelwe alindele abalandeli bakhe ukuba bavumelane nemikhuba emidala yobuJuda, njengesiko lokuzila. Wayengezelanga ukuzochibiyela nokuzoqhubekisela phambili izimiso zokukhulekela ezase zizoqedwa. UbuKristu babungeke benziwe buvumelane nobuJuda bangalesosikhathi obabunamasiko abantu. Cha, babungeke bufane nesiziba sendwangu engakashukeki engutsheni endala noma njengewayini elisha emvabeni endala. Mathewu 9:14-17; Marku 2:18-22; Luka 5:33-39; Johane 3:27-29.

◆ Obani ababezila, futhi bezilelani?

◆ Kungani abafundi bakaJesu babengazili ngesikhathi esenabo, futhi kamuva kungani isizathu sokuzila sasheshe saphela?

◆ UJesu wabatshela miphi imifanekiso, futhi isho ukuthini?

[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 8]

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela