Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 32
  • Yini Evumelekile NgeSabatha?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Evumelekile NgeSabatha?
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Evumelekile NgeSabatha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Yini Umthetho Oyivumelayo NgeSabatha?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Bakha Ukudla Okusanhlamvu NgeSabatha
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Bakha Izikhwebu NgeSabatha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 32

Isahluko 32

Yini Evumelekile NgeSabatha?

SEKUNGELINYE iSabatha lapho uJesu evakashela esinagogeni elingasoLwandle LwaseGalile. Kukhona indoda enesandla sokudla esishwabene. Ababhali nabaFarisi bayabhekisisa ukuze babone ukuthi uJesu uzoyiphulukisa yini. Ekugcineni bayabuza: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha?”

Labaholi benkolo bamaJuda bakholelwa ukuthi ukuphulukisa kuvumelekile ngeSabatha kuphela uma ukuphila kusengozini. Ngokwesibonelo, bafundisa ukuthi ngeSabatha akuvumelekile ukubuyisela ithambo noma ukubopha isenyelo. Ngakho ababhali nabaFarisi babuza uJesu bezama ukummangalela.

Nokho, uJesu uyakwazi abakucabangayo. Ngesikhathi esifanayo, uyaqaphela ukuthi baye bazithathela umbono oweqisayo, ongekho ngokombhalo ngalokho okuwukwephula imfuneko yosuku lweSabatha enqabela ukusebenza. Ngakho-ke uJesu unikeza isisekelo sokuba babhekane naye ngokoqobo ngokutshela indoda enesandla esishwabene: “Sukuma, ume phakathi.”

Manje, ephendukela kubabhali nabaFarisi, uJesu uthi: “[Yi]muphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?” Njengoba imvu imelele inzuzo eyimali, ngeke bayishiye emgodini kuze kube usuku olulandelayo, mhlawumbe igule ibenze balahlekelwe. Ngaphandle kwalokho, imiBhalo ithi: “Olungileyo uyakunaka ukuphila kwesilwane sakhe.”

Ebonisa ukufana, uJesu uyaqhubeka: “Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.” Labaholi benkolo abakwazi ukuphikisa lendlela yokubonisana enengqondo, enesihawu, futhi bayaqhubeka bethule.

Ngokuthukuthela, kanye nokucasuka, ngenxa yobuwula babo benkani, uJesu uyaqalaza. Abese ethi kulendoda: “Yelula isandla sakho.” Iyaselula futhi isandla sayo siyaphulukiswa.

Kunokuba bajabule ngokuthi isandla salendoda siphulukisiwe, abaFarisi bayaphuma futhi ngokushesha bakha uzungu nabalandeli beqembu likaHerode ukuba babulale uJesu. Ngokusobala leliqembu lezombangazwe lihlanganisa namalungu abaSadusi abathanda inkolo. Ngokuvamile, leliqembu lezombangazwe linokungezwani okungafihlekile nabaFarisi, kodwa banobunye obuqinile ekuphikiseni kwabo uJesu. Mathewu 12:9-14; Marku 3:1-6; Luka 6:6-11; IzAga 12:10; Eksodusi 20:8-10.

▪ Siyini isizinda sokubhekana ngokoqobo kukaJesu nabaholi benkolo bamaJuda?

▪ Yini amaJuda ayikholelwayo ngokuqondene nokuphulukisa ngeSabatha?

▪ Yimuphi umfanekiso uJesu awusebenzisayo ukuze aphikise imibono yabo engaqondile?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela