Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Yini Evumelekile NgeSabatha?
SEKUNGELINYE iSabatha njengoba uJesu evakashela isinagoge eliseduze noLwandle lwaseGalile. Kukhona indoda eshwabene isandla sokudla. Ababhali nabaFarisi bayabhekisisa ukuze babone ukuthi uJesu uzoyiphulukisa yini. Ekugcineni bayabuza: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha?”
Abaholi benkolo bamaJuda bakholelwa ukuthi ukuphulukisa kuvumelekile ngeSabatha kuphela uma ukuphila kusengozini. Ngokwesibonelo, bafundisa ukuthi akuvumelekile ukubuyisela ithambo noma ukubopha isenyelo ngeSabatha. Ngakho ababhali nabaFarisi babuza uJesu ngomzamo wokuba bammangalele.
Nokho, uJesu uyakwazi ukucabanga kwabo. Ngesikhathi esifanayo, uyaqaphela ukuthi baye bamukela umbono oweqile, ongewona ongokomBhalo ngalokho okuwukwephula imfuneko yosuku lweSabatha evimbela ukusebenza. Ngakho uJesu ubabizela ukuba babhekane ngokoqobo ngokutshela indoda enesandla esishwabene ukuthi: “Sukuma, ume phakathi.”
Manje, ephendukela kubabhali nabaFarisi, uJesu uthi: “Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?” Njengoba imvu imelele imali, abanakuyishiya emgodini kuze kube usuku olulandelayo, mhlawumbe ingagula futhi inani layo lehle. Ngaphandle kwalokho, imiBhalo ithi: “Olungileyo uyakunaka ukuphila kwesilwane sakhe.”
Ebonisa ukufana, uJesu uyaqhubeka: “Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.” Bengakwazi ukuphikisa lezo zizathu ezinengqondo, ezibonisa isihawu abaholi benkolo bayathula.
Becasukile, futhi bekhathazekile ngenxa yobuwula babo benkani, uJesu ubabheka bonke. Abese ethi kulendoda: “Yelula isandla sakho.” Isandla sayo yaselula futhi saphulukiswa.
Kunokuba bajabule ngokuthi isandla salendoda sesibuyiselwe, abaFarisi bayaphuma futhi ngokushesha bakha uzungu lokubulala uJesu neviyo labalandeli bakaHerode. Ngokusobala leliviyo lezombangazwe lihlanganisa amalungu abaSadusi abangokwenkolo. Ngokuvamile, leliviyo elingokwezombangazwe alizwani nabaFarisi, kodwa banobunye obukhulu ekuphikiseni kwabo uJesu. Mathewu 12:9-14; Marku 3:1-6; Luka 6:6-11; IzAga 12:10; Eksodusi 20:8-10.
◆ Kwakuhlelwe kanjani ukubhekana okungokoqobo kukaJesu nabaholi benkolo bamaJuda?
◆ Yini amaJuda ayeyikholelwa ngokuqondene nokuphulukisa ngeSabatha?
◆ Yimuphi umfanekiso uJesu awusebenzisa ukuze aphikise imibono yabo engaqondile?