Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 46
  • Wathinta Ingubo Yakhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wathinta Ingubo Yakhe
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wathinta Ingubo Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Welashwa Ukuthinta Ingubo KaJesu
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Uvusa Abafileyo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Singavuka Uma Sifile!
    Funda KuMfundisi Omkhulu
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 46

Isahluko 46

Wathinta Ingubo Yakhe

IZINDABA zokubuya kukaJesu eDekapholi zifinyelela eKapernawume, futhi isixuku esikhulu sibuthana ngasolwandle ukuze simamukele njengoba ebuya. Ngokungangabazeki sizwile ukuthi uthulise isiphepho waphulukisa abantu abakhwelwe amademoni. Manje, njengoba ephumela ogwini, sibuthana kuye simhaqe, sinentshiseko nokulindela.

Omunye walabo abafisa ukubona uJesu uJayiru, umphathi wesinagoge. Uwa ezinyaweni zikaJesu amncenge ngokuphindaphindiwe: “Indodakazi yami ifa khona-manje; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.” Njengoba iwukuphela komntwana anaye futhi ineminyaka engu-12 nje kuphela ubudala, iyigugu ngokukhethekile kuJayiru.

UJesu uyasabela, futhi ephelezelwa isixuku, uya ekhaya likaJayiru. Singacabanga ngelukuluku abantu abanalo njengoba belindele esinye isimangaliso. Kodwa ukunakekela komunye wesifazane esixukwini ukugxilise enkingeni yakhe siqu enkulu.

Sekuyiminyaka engu-12, lona wesifazane ephethwe isifo sokopha. Usehambe odokotela abaningi abahlukahlukene, echitha yonke imali yakhe ekwelashweni. Kodwa akakasizakali; kunalokho, inkinga yakhe iye yaba yimbi kakhulu.

Njengoba cishe ungaqonda, ngaphandle kokuthi simenza buthaka, isifo sakhe siphathisa amahloni futhi siyaphoxa. Ngokuvamile umuntu akakhulumi obala ngesifo esinjalo. Ngaphezu kwalokho, ngaphansi koMthetho kaMose ukopha kwegazi kwenza owesifazane abe ongcolile, futhi noma ubani omthintayo noma othinta izingubo zakhe ezinindwe yigazi kudingeka ageze futhi abe ongcolile kuze kuhlwe.

Lona wesifazane uzwile ngezimangaliso zikaJesu futhi manje usemtholile. Ngenxa yokungcola kwakhe, uhamba phakathi kwesixuku ngokunyenya ngangokunokwenzeka, ezitshela: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Lapho enza kanjalo, ngokushesha uzwa ukopha kwakhe sekunqamukile!

“Ngubani ongithintileyo na?” Yeka ukuthi lawomazwi kaJesu kumelwe ukuba amethusa kanjani! Kungenzeka kanjani ukuba azi? UPetru ukhononda uthi: ‘Nkosi, izixuku zikuminyanisile, zikucindezele, kodwa uthi: Ngubani ongithintileyo na?’

Eqalaza efuna lowo wesifazane, uJesu uyachaza: “Ukhona ongithintileyo, ngoba ngizwile kuphuma amandla kimi.” Ngempela, akukhona ukuthinta okuvamile, ngoba ukuphulukiswa okwenzekayo kudonsa amandla kaJesu.

Ebona ukuthi akasenakuzifihla, owesifazane uyeza futhi uziphonsa phambi kukaJesu, ethukile futhi ethuthumela. Phambi kwabo bonke abantu, ukhuluma lonke iqiniso ngesifo sakhe nokuthi usanda kuphulukiswa kanjani.

Eshukunyiswe ukuvuma kwakhe konke, uJesu uyamduduza ngozwela: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube-nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.” Yeka ukuthi kuhle kanjani ukwazi ukuthi Lowo uNkulunkulu amkhethele ukuba abuse umhlaba ungumuntu onomusa nonozwela kangaka, kokubili obakhathalelayo abantu nonamandla okubasiza! Mathewu 9:18-22; Marku 5:21-34; Luka 8:40-48; Levitikusi 15:25-27.

▪ Ngubani uJayiru, futhi kungani eza kuJesu?

▪ Iyiphi inkinga owesifazane othile anayo, futhi kungani kunzima kangaka ngaye ukuzocela usizo kuJesu?

▪ Uphulukiswa kanjani lona wesifazane, futhi uJesu umduduza kanjani?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela