Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 6/1 kk. 24-25
  • Wathinta Ingubo Yakhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wathinta Ingubo Yakhe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wathinta Ingubo Yakhe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Welashwa Ukuthinta Ingubo KaJesu
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Uvusa Abafileyo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Singavuka Uma Sifile!
    Funda KuMfundisi Omkhulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 6/1 kk. 24-25

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Wathinta Ingubo Yakhe

IZINDABA zokubuya kukaJesu eDekapholi zifinyelela eKapernawume, futhi Isixuku esikhulu sibuthana ngasolwandle ukumamukela. Ngokungangabazeki bazwile ukuthi uthulise isivunguvungu futhi waphulukisa abantu abakhwelwe amademoni. Manje, njengoba ephumela ogwini, babuthana ngakuye, bemaganga.

Omunye walabo abalangazelela ukubona uJesu, uJayiru, umphathi wesinagoge. Uwa ezinyaweni zikaJesu futhi uyamncenga kakhulu: “Indodakazi yami isiyalela ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.” Intombazanyana iyigugu ngokukhethekile kuJayiru, njengoba Ingukuphela komntwana anaye futhi Ineminyaka eyi-12 nje kuphela.

UJesu uyasabela, futhi ephelezelwa isixuku, uya ekhaya likaJayiru. Singacabanga ngenjabulo yabantu njengoba belindele esinye isimangaliso. Kodwa ukunakekela komunye wesifazane esixukwini kuqondiswe enkingeni yakhe siqu enkulu.

Lona wesifazane useguliswe isifo somopho iminyaka eyi-12. Usehambe odokotela abaningi abahlukahlukene, echitha yonke imali yakhe ekwelashweni. Kodwa akakasizakali; kunalokho, inkinga yakhe isimane yaba yimbi kakhulu.

Njengoba mhlawumbe ungase ubone, ngaphandle kokumenza butha ka, isifo sakhe simlethela amahloni futhi siyamdumaza. Ngokuvamile umuntu akakhulumi obala ngesifo esinjalo. Ngaphezu kwalokho, ngaphansi koMthetho kaMose ukopha kwegazi kwenza owesifazane abe ngongcolile, futhi noma ubani omthintayo noma othinta izingubo zakhe ezinindwe yigazi kudingeka ageze futhi abe ngongcolile kuze kuhlwe.

Owesifazane uzwile ngezimangaliso zikaJesu, futhi manje usemtholile. Ngokuqaphela ukungcola kwakhe, uhamba phakathi kwesixuku ngokunyenya kangangokunokwenzeka, ethi ngaphakathi kuye: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Lapho enza kanjalo, ngokushesha uyezwa ukuthi ukopha kwakhe sekunqamukile!

“Ngubani ongithintileyo na?” Yeka ukuthi lawomazwi kaJesu kumelwe ukuba amethusa kanjani! Waze kanjani? UPetru ukhononda uthi: ‘Nkosi, izixuku zikuminyanisile, zikucindezele, kodwa uthi “Ngubani ongithintileyo na?”’

UJesu eqalaza owesifazane, uyachaza: “Ukhona ongithintileyo, ngoba ngizwile kuphuma amandla kimi.” Yiqiniso, akusikho ukuthinta okuvamile, ngoba ukuphulukiswa okwenzekayo kumunca amandla kaJesu.

Ebona ukuthi akasenakuzifihla, owesifazane uyeza futhi uziphonsa phambi kukaJesu, ethukile futhi ethuthumela. Phambi kwabo bonke abantu, ukhuluma lonke iqiniso ngesifo sakhe nokuthi usanda kuphulukiswa kanjani.

Eshukunyiswe ukuvuma kwakhe okuphelele, uJesu uyamduduza ngozwela: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube-nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.” Yeka ukuthi kuhle kanjani ukwazi ukuthi lowo uNkulunkulu amkhethele ukuba abuse umhiaba ungumuntu onomusa nonozwela kangaka, obakhathalelayo abantu nonamandla okubasiza! Mathewu 9:18-22; Marku 5:21-34; Luka 8:40-48; Levitikusi 15:25-27.

◆ Ngubani uJayiru, futhi kungani eza kuJesu?

◆ Iyiphi lnkinga owesifazane othile anayo, futhi kungani kunzima kangaka ngaye ukuzocela usizo kuJesu

◆ Uphulukiswa kanjani owesifazane, futhi uJesu umduduza kanjani?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela