Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 47
  • Izinyembezi Zaphenduka Injabulo Enkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinyembezi Zaphenduka Injabulo Enkulu
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinyembezi Zaphenduka Injabulo Enkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Intombazanyana Ivuswa Ekufeni!
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Uvusa Abafileyo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Singavuka Uma Sifile!
    Funda KuMfundisi Omkhulu
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 47

Isahluko 47

Izinyembezi Zaphenduka Injabulo Enkulu

LAPHO uJayiru ebona owesifazane onesifo sokopha ephulukiswa, akungabazeki ukuthi ithemba lakhe emandleni kaJesu okwenza izimangaliso liyakhula. Ngaphambidlana kulolusuku, uJesu ubecelwe uJayiru ukuba azosiza indodakazi yakhe ethandekayo eneminyaka engu-12 ubudala, esethunzini lokufa. Nokho, lokho uJayiru akusaba kakhulu manje kuyenzeka. Lapho uJesu esakhuluma nowesifazane, kufika amadoda athile futhi ahlebela uJayiru: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?”

Yeka ukuthi lezindaba zidabukisa kanjani! Cabanga nje: Lendoda, ehlonishwa kakhulu emphakathini, manje ayisenathemba ngokuphelele njengoba izwa ngokufa kwendodakazi yayo. Nokho, uJesu uyayizwa lengxoxo. Ngakho, ephendukela kuJayiru, ngokukhuthazayo uthi: “Ungesabi, kholwa kuphela.”

UJesu uhamba nalendoda elusizi baphindela ekhaya layo. Lapho befika, bathola isiphithiphithi esikhulu sokukhala nokububula. Sekuqoqene isixuku sabantu, futhi asive silusizi. Lapho uJesu engena, uyabuza: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.”

Lapho bezwa lokhu, abantu baqala ukumhleka usulu uJesu ngoba bayazi ukuthi lentombazane ife ngempela. Nokho, uJesu uthi imane nje ilele. Ngokusebenzisa amandla akhe awaphiwe uNkulunkulu, uzobonisa ukuthi abantu bangabuyiswa kalula ekufeni ngendlela abangase bavuswe ngayo ebuthongweni obukhulu.

Manje uJesu uyala wonke umuntu ukuba aphume, ngaphandle kukaPetru, uJakobe, uJohane, nonina noyise walentombazane efile. Khona-ke uya nalaba abayisihlanu lapho lentombazanyana ilele khona. Eyibamba ngesandla, uJesu uthi: “Thalitha, kumi,” okungukuthi, uma kuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!” Futhi ngokushesha lentombazane iya-vuka futhi iqala ukuhamba! Lombukwane ucishe usanganise abazali bayo ngenjabulo enkulu.

Ngemva kokuyala ukuba umntwana anikezwe okuthile kokuba adle, uJesu uyala uJayiru nomkakhe ukuba bangatsheli-muntu okwenzekile. Kodwa naphezu kwalokho uJesu akushoyo, ukukhuluma ngakho kusakazekela kuso sonke lesosifunda. Lokhu kungokwesibili uJesu evusa umuntu. Mathewu 9:18-26; Marku 5:35-43; Luka 8:41-56.

▪ Yiziphi izindaba uJayiru azitholayo, futhi uJesu umkhuthaza kanjani?

▪ Siyini isimo lapho befika ekhaya likaJayiru?

▪ Kungani uJesu ethi umntwana ofile umane ulele?

▪ Obani abayisihlanu abanoJesu abazibonela ngokwabo uvuko?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela