Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 47 k. 118-k. 119 isig. 6
  • Intombazanyana Ivuswa Ekufeni!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Intombazanyana Ivuswa Ekufeni!
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinyembezi Zaphenduka Injabulo Enkulu
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Izinyembezi Zaphenduka Injabulo Enkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • UJesu Uvusa Abafileyo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Singavuka Uma Sifile!
    Funda KuMfundisi Omkhulu
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 47 k. 118-k. 119 isig. 6
UJesu uvusa indodakazi kaJayiru

ISAHLUKO 47

Intombazanyana Ivuswa Ekufeni!

MATHEWU 9:18, 23-26 MARKU 5:22-24, 35-43 LUKA 8:40-42, 49-56

  • UJESU UVUSA INDODAKAZI KAJAYIRU

UJayiru uyabona ukuthi uJesu umelaphile owesifazane obenomopho. Nakanjani, uJesu angayisiza nendodakazi yakhe, nakuba ecabanga ukuthi kumelwe ukuba “manje isifile.” (Mathewu 9:18) Kusengenzeka yini ukuba isizakale?

Njengoba uJesu esakhuluma nowesifazane amelaphile, kufika amadoda athile evela emzini kaJayiru athi: “Indodakazi yakho ishonile!” Ayenezela: “Usamhluphelani uMfundisi?”—Marku 5:35.

Zaze zabuhlungu lezo zindaba! Le ndoda ehlonishwa kangaka emphakathini isiyadabukisa. Indodakazi yayo okuwukuphela kwayo, isishonile. Nokho, uJesu uyawuzwa lowo mbiko bese ephendukela kuJayiru, amqinise idolo athi: “Ungesabi, kuphela yiba nokholo.”—Marku 5:36.

Abantu abadabukile bami eduze kombhede wendodakazi kaJayiru esishonile

UJesu ube esehamba noJayiru baye kwakhe. Lapho befika, bathola kunesiphithiphithi. Labo ababuthene lapho bayakhala, bayalila futhi badabukile. UJesu ungena endlini, bese esho into emangazayo, uthi: “Ingane ayifile, ilele.” (Marku 5:39) Lapho bezwa lokhu, abantu bayamhleka uJesu. Bayazi ukuthi intombazane ife ngempela. Noma kunjalo, esebenzisa amandla awanikwe uNkulunkulu, uJesu uzobonisa ukuthi abantu bangavuswa ekufeni njengoba nje bengavuswa lapho bezumekile.

UJesu ube esekhiphela bonke abantu ngaphandle, kusale uPetru, uJakobe, uJohane nabazali bentombazane eshonile. UJesu uthatha laba abahlanu aye nabo lapho kulele khona intombazane. Eyibamba ngesandla, uthi kuyo: “‘Thalitha khumi,’ uma kuhunyushwa okusho ukuthi: “Ntombazane, ngithi kuwe, vuka!”’” (Marku 5:41) Ngaso leso sikhathi iyavuka, ihambahambe. Cabanga ukuthi uJayiru nomkakhe bajabula kanjani lapho bebona lokhu. Enikeza ubufakazi obengeziwe bokuthi intombazane iphila ngempela, uJesu uyala ukuba inikezwe okuthile ezokudla.

Ezikhathini ezingaphambili, uJesu wayala labo ayebalaphile ukuba bangatsheli abanye ukuthi wayebenzeleni. Wenza okufanayo nakubazali bale ntombazane. Noma kunjalo, laba bazali abathokozile kanye nabanye bayayisakaza le ndaba “kuso sonke leso sifunda.” (Mathewu 9:26) Ukube ububone isihlobo sakho sivuswa ekufeni, ubungeke yini ukhulume ngaleyo ndaba ngesasasa? Lolu wuvuko lwesibili okulotshwe ngalo olwenziwa uJesu.

  • UJayiru uthola muphi umbiko, futhi uJesu umqinisa kanjani idolo?

  • Lapho uJesu noJayiru befika kwakhe, basithola sinjani isimo?

  • Kungani uJesu ethi ingane efile ilele?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela