Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 56
  • Yini Engcolisa Umuntu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Engcolisa Umuntu?
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Engcolisa Umuntu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Yini Ngempela Engcolisa Umuntu?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Welapha NgeSabatha
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • AbaFarisi Bakhuluma Nendoda Eyazalwa Iyimpumputhe
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 56

Isahluko 56

Yini Engcolisa Umuntu?

UKUPHIKISWA kukaJesu kuyashuba. Akukhona nje kuphela ukuthi abaningi babafundi bakhe bayahamba kodwa amaJuda eJudiya afuna ukumbulala, njengoba enza lapho eseJerusalema phakathi nePhasika lika-31 C.E.

Manje yiPhasika lika-32 C.E. Cishe, ngokuvumelana nemfuneko kaNkulunkulu yokuba abe khona, uJesu ukhuphukela ePhasikeni eJerusalema. Nokho, wenza kanjalo ngokuqapha ngoba ukuphila kwakhe kusengozini. Ngemva kwalokho ubuyela eGalile.

Mhlawumbe uJesu useKapernawume lapho abaFarisi nababhali abavela eJerusalema beza kuye. Bafuna izizathu abangammangalela ngazo ngokwephula umthetho wenkolo. “Yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na?” bebuza. “Ngokuba abahlambi izandla nxa bedla isinkwa.” Lena akuyona into efunwa uNkulunkulu, kodwa abaFarisi bakubheka njengokwephulwa komthetho okungathi sína ukungenzi lomkhuba oyisiko, owawuhlanganisa ukugeza kuze kube sezindololwaneni.

Kunokuba abaphendule ngokuqondene nokumangala kwabo, uJesu ukhomba ekwephuleni kwabo okubi nokwangamabomu uMthetho kaNkulunkulu. “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na?” efuna ukwazi. “Ngokuba uNkulunkulu wathi: Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Othuka uyise noma unina makafe nokufa. Kepha nina nithi: Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi: Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho, akayikwazisa uyise.”

Ngempela, abaFarisi bafundisa ukuthi imali, impahla, noma yini enikezelwe kuNkulunkulu njengesipho ingeyethempeli, futhi ayinakusetshenziselwa enye injongo ethile. Kanti, eqinisweni, isipho esinikezelwe sigcinwa ngumuntu osinikezele. Ngalendlela indodana, ngokumane ithi imali yayo noma impahla “yiKorbana”​—⁠isipho esinikezelwe kuNkulunkulu noma ethempelini⁠—​ibalekela umthwalo wayo wemfanelo wokusiza abazali bayo asebegugile, okungenzeka basebunzimeni obukhulu.

Ecasuke ngempela ngokusonta okubi kwabaFarisi uMthetho kaNkulunkulu, uJesu uthi: “Nilenzé laba-yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu. Bazenzisi, waprofetha kahle ngani uIsaya, ethi: Lesisizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.”

Mhlawumbe isixuku sesihlehlele emuva ukuze sivumele abaFarisi babuze uJesu. Manje, lapho abaFarisi bengenampendulo ekusolweni kanzima uJesu, ubizela isixuku eduze. “Yizwani,” esho, “niqonde. Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.”

Kamuva, lapho bengena endlini ethile, abafundi bakhe bayabuza: “Uyazi ukuthi abaFarisi bathé bezwa lelozwi, bakhubeka, na?”

“Yileso nalesosithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa,” kuphendula uJesu. “Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”

UJesu ubukeka emangele lapho, emelela abafundi, uPetru ecela ukucaciselwa ngokuqondene nalokho okungcolisa umuntu. “Kanti nani nisengabangaqondiyo na?” kuphendula uJesu. “Anikaqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, kuze kulahlelwe ngaphandle na? Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu. Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza ama- ​nga, ukuhlambalaza. Yilezozinto ezimgcolisa umuntu; kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.”

Lapha uJesu akagxeki inhlanzeko evamile. Akasho ukuthi umuntu akudingeki ukuba ageze izandla zakhe ngaphambi kokulungisa ukudla noma ngaphambi kokudla. Kunalokho, uJesu ulahla ubuzenzisi babaholi benkolo labo ngokukhohlisa abazama ukubalekela imithetho kaNkulunkulu yokulunga ngokugcizelela amasiko angekho ngokombhalo. Yebo, yizenzo ezimbi ezingcolisa umuntu, futhi uJesu ubonisa ukuthi lezi zivela enhliziyweni yomuntu. Johane 7:1; Duteronomi 16:16; Mathewu 15:1-20; Marku 7:1-23; Eksodusi 20:12; 21:17; Isaya 29:13.

▪ Yikuphi ukuphikiswa uJesu abhekana nakho manje?

▪ Yikuphi ukumangala okwenziwa abaFarisi, kodwa ngokukaJesu, abaFarisi baweqa kanjani ngamabomu uMthetho kaNkulunkulu?

▪ UJesu wembula ukuthi yiziphi izinto ezingcolisa umuntu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela