Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 11/1 kk. 8-9
  • Yini Engcolisa Umuntu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Engcolisa Umuntu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Engcolisa Umuntu?
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Yini Ngempela Engcolisa Umuntu?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Welapha NgeSabatha
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • AbaFarisi Bakhuluma Nendoda Eyazalwa Iyimpumputhe
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 11/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Yini Engcolisa Umuntu?

UKUPHIKISWA kukaJesu kuyaqina. Akukhona nje kuphela ukuthi abaningi babafundi bakhe bayahamba kodwa amaJuda eJudiya afuna ukumbulala, njengoba nje enza lapho ayeseJerusalema phakathi nePhasika lika-31 C.E.

Manje yiPhasika lika-32 C.E. Ngokufanelekile, ngokuvumelana nemfuneko kaNkulunkulu yokuba khona, uJesu ukhuphukela ePhasikeni eJerusalema. Nokho, wenza kanjalo ngokuqapha ngoba ukuphila kwakhe kusengozini. Emva kwalokho ubuyela eGalile.

Mhlawumbe uJesu useKapernawume lapho abaFarisi nababhali abavela eJerusalema beza kuye. Bafuna izizathu abangammangalela ngazo ngokwephula umthetho ongokwenkolo. Bayabuza: “Yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abahlambi izandla, nxa bedla isinkwa.” Lokhu akukhona okuthile okufunwa uNkulunkulu, kodwa abaFarisi bakubheka njengokwephulwa komthetho okungathi sína ukungenzi lomkhuba oyisiko, owawuhlanganisa ukugeza kuze kufike ezindololwaneni.

Kunokuba aphendule ukumangalela kwabo, uJesu ukhomba ukwephula kwabo okubi nokwangamabomu uMthetho kaNkulunkulu. Uyabuza, “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na? Ngokuba uNkulunkulu wathi: Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Othuka uyise noma unina makafe nokufa. Kepha nina nithi: Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi: Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho, akayikwazisa uyise noma unina.”

Ngempela, abaFarisi bafundisa ukuthi imali, impahla, noma yini enikezelwe kuNkulunkulu njengesipho ingeyasethempelini, futhi ayinakusetshenziselwa enye injongo ethile. Kanti, eqinisweni, isipho esinikezelwe sigcinwe ngumuntu osinikezele. Ngalendlela indodana, ngokumane ithi imali yayo noma impahla ‘iyikorbana’—isipho esinikezelwe kuNkulunkulu noma ethempelini—igwema umthwalo wayo wemfanelo wokusiza abazali bayo asebegugile, okungenzeka basebunzimeni obukhulu.

Ecasulwe kakhulu ukusonta kwabaFarisi okubi uMthetho kaNkulunkulu, uJesu uthi: “Nilenzé laba-yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu. Bazenzisi, waprofetha kahle ngani uIsaya, ethi: Lesisizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.”

Mhlawumbe isixuku besihlehlele emuva ukuze sivumele abaFarisi babuze uJesu. Manje, lapho abaFarisi bengenayo impendulo ekubasoleni okunzima kukaJesu, ubizela isixuku eduze. Uthi: “Yizwani, niqonde. Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.”

Kamuva, lapho bengena emzini, abafundi bakhe bayabuza: “Uyazi ukuthi abaFarisi bathé bezwa lelozwi, bakhubeka, na?”

UJesu uyaphendula: “Yileso nalesosithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa. Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”

UJesu ubukeka emangele lapho, uPetru ecelela abafundi ukucaciswa kwalokho okungcolisa umuntu. UJesu uyasabela: “Kanti nani nisengabangaqondiyo na? Anikaqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, kuze kulahlelwe ngaphandle na? Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu. Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza. Yilezozinto ezimngcolisa umuntu; kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.”

Lapha uJesu akayivimbeli inhlanzeko evamile. Akasho ukuthi umuntu akadingi ukugeza izandla zakhe ngaphambi kokulungisa ukudla noma ngaphambi kokudla. Kunalokho, uJesu ulahla ubuzenzisi babaholi benkolo labo ngokukhohlisa abazama ukugwema imithetho kaNkulunkulu yokulunga ngokugcizelela amasiko angekho ngokomBhalo. Yebo, izenzo ezimbi ezingcolisa umuntu, futhi uJesu ubonisa ukuthi lezi zisenhliziyweni yomuntu. Johane 7:1; Duteronomi 16:16; Mathewu 15:1-20; Marku 7:1-23; Eksodusi 20:12; 21:17; Isaya 29:13.

◆ Yikuphi ukuphikiswa uJesu abhekene nakho manje?

◆ Kumangalela kuni okwenziwa abaFarisi, kodwa ngokukaJesu, abaFarisi bawephula kanjani umthetho kaNkulunkulu ngamabomu?

◆ UJesu wembula ukuthi yiziphi izinto ezingcolisa umuntu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela