Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 73
  • UmSamariya Onothando Lukamakhelwane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UmSamariya Onothando Lukamakhelwane
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UmSamariya Onothando Lukamakhelwane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ubani Ngempela Ongumakhelwane Wakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • UmSamariya Uzibonisa Engumakhelwane Wangempela
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UmSamariya Uzibonakalisa Engumakhelwane Omuhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 73

Isahluko 73

UmSamariya Onothando Lukamakhelwane

MHLAWUMBE uJesu useduze neBethaniya, umuzi oqhele cishe ngamakhilomitha amathathu ukusuka eJerusalema. Indoda ethile eyisazi soMthetho kaMose iza kuye inombuzo, iyabuza: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”

UJesu uyathola ukuthi lendoda, engummeli, ayibuzeli nje ukwazi, kodwa kunalokho, ifisa ukumlinga. Kungenzeka ukuthi inhloso yalommeli iwukwenza ukuba uJesu aphendule ngendlela ezocasula imizwa yamaJuda. Ngakho uJesu wenza lommeli azibophe, embuza: “Kulotshweni emthethweni? Ufunda kanjani?”

Ephendula, lommeli, ebonisa ukuqonda okungajwayelekile, ucaphuna emithethweni kaNkulunkulu ekuDuteronomi 6:⁠5 nakuLevitikusi 19:​18, ethi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

“Uphendulé kahle,” kuvuma uJesu. “Yenza lokho, uzakuphila.”

Nokho, lommeli akanelisekile. Impendulo kaJesu ayicacile ngokwanele kuye. Ufuna ukuqinisekisa kukaJesu kokuthi imibono yakhe siqu inembile futhi ngaleyondlela ulungile ekuphatheni kwakhe abanye. Ngakho-ke, uyabuza: “Umakhelwane wami ngubani na?”

AmaJuda akholelwa ukuthi igama elithi “umakhelwane” lisebenza kumaJuda akanye nawo kuphela, njengoba umongo kaLevitikusi 19:​18 ubonakala usikisela. Eqinisweni, kamuva ngisho nomphostoli uPetru wathi: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe.” Ngakho lommeli, futhi mhlawumbe nabafundi bakaJesu, bakholelwa ukuthi balungile uma bephatha ngomusa amaJuda akanye nabo kuphela, njengoba, ngombono wabo, abangemaJuda bengebona ngempela omakhelwane babo.

Ngaphandle kokucasula izilaleli zakhe, uJesu angayilungisa kanjani imibono yabo? Ulandisa indaba, ngokunokwenzeka esekelwe kokwenzeka ngokoqobo. “[UmJuda] othile,” kuchaza uJesu, “wehla eJerusalema eya eJeriko; watheleka phakathi kwezigcwelegcwele, zamhlubula izingubo, zamshaya, zamuka zimshiya umndondo nje.”

“Kwaqabuka kwehla umpristi othile ngaleyondlela,” kuqhubeka uJesu, “wathi embona, wamgwemela. Kanjalo nomLevi, efika kuleyondawo embona, wamgwemela. Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye; wathi ukuba ambone, wamhawukela.”

Abapristi abaningi nabasizi babo basethempelini abangamaLevi bahlala eJeriko, ibanga elingamakhilomitha angu-23 endleleni eyingozi eyehlela ngamamitha angu-900 ukusuka lapho bekhonza khona ethempelini eliseJerusalema. Umpristi nomLevi bekungalindeleka ukuba basize umJuda wakubo ososizini. Kodwa abakwenzi lokho. Kunalokho, kwenziwa umSamariya. AmaJuda azonda amaSamariya kakhulu kangangokuthi muva nje ahlambalaza uJesu ngamazwi anamandla ngokumbiza ngokuthi “ungumSamariya.”

LomSamariya wenzani ukuze asize umJuda? “Waya kuye,” kusho uJesu, “wabopha amanxeba akhe ewathela ngamafutha newayini, wamkhwelisa esilwaneni sakhe, wamusa endlini yezihambi, wamgcina. Ngangomuso wakhipha odenariyu ababili [cishe umholo wezinsuku ezimbili], wabanika umninindlu, wathi kuye: Mgcine, nalokho okwelekelayo ngiyakukubuyisela kuwe ekubuyeni kwami.”

Ngemva kokulandisa lendaba, uJesu ubuza lommeli: “[Yi]muphi ngokubona kwakho kulaba abathathu owaba-ngumakhelwane wakhe owatheleka phakathi kwezigcwelegcwele na?”

Ezizwa engakhululekile ukutusa umSamariya, lommeli uphendula kalula nje: “Yilowo owamenzela isihawu.”

“Hamba wenze njalo nawe,” kuphetha uJesu.

Ukuba uJesu wamtshela ngokuqondile lommeli ukuthi nabangemaJuda babengomakhelwane bakhe, akukhona nje kuphela ukuthi lendoda yayingeke ikwamukele lokhu kodwa iningi lezilaleli ngokunokwenzeka lalizoba sohlangothini lwayo kulengxoxo noJesu. Nokho, lendaba engokoqobo ekuphileni, yakwenza kwakhanya ngendlela engenakuphikiswa ukuthi omakhelwane bethu bahlanganisa nabantu abangelona uhlanga lwethu nesizwe sethu. Yeka ukuthi uJesu unendlela enhle kanjani yokufundisa! Luka 10:25-37; IzEnzo 10:28; Johane 4:9; 8:48.

▪ Yimiphi imibuzo ummeli ayibuza uJesu, futhi ngokusobala uhloseni ngokubuza?

▪ AmaJuda akholelwa ukuthi bangobani omakhelwane bawo, futhi kunasiphi isizathu sokukholelwa ukuthi ngisho nabafundi banawo lombono?

▪ UJesu uwunikeza kanjani umbono oqondile ukuze ummeli angawuphikisi?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela