IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Ubani Ngempela Ongumakhelwane Wakho?
Ngolunye usuku ummeli othile, indoda ejwayelene noMthetho kaNkulunkulu owawunikezwe amaIsrayeli, iyasukuma futhi ibuza uJesu umbuzo wokulinga: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” Lapho impendulo isinikeziwe, yokuthi umuntu kumelwe athande uNkulunkulu ngokuphelele futhi kumelwe athande umakhelwane wakhe njengoba ezithanda yena, ummeli uyaphendula: ‘“Umakhelwane wami ngubani na?”’ UJesu uphendula ngokulandisa indaba elandelayo:
UmJuda othile usuka eJerusalema uya eJeriko, kusho uJesu. Lendoda itheleka phakathi kwezigcwelegcwele eziyithathela yonke into enayo, ziyishaye futhi ziyishiye umndondo nje. Isimo sibucayi, njengoba lendoda izofa ngokushesha uma ingatholi usizo.
UJesu uqhubeka athi: Nokho, ngenhlanhla umpristi ongumJuda wehla ngendlela efanayo. Wenzani? Akami nokuma! Ngaphandle kwesihawu enhliziyweni yakhe, uyayigwema futhi aqhubeke nendlela yakhe.
Ngemva kwesikhathi umLevi, enye indoda enamalungelo enkonzo ethempelini likaNkulunkulu, iyadlula. Kodwa ayinaso isihawu enhliziyweni yayo. Nayo ihamba ngale kwendlela futhi ayimi ukuze isize.
Bheka! Ubani osiza umJuda oshayiwe? Indoda engumSamariya. Lokhu kuyamangalisa ngoba amaJuda namaSamariya bayizitha. Njengoba iBhayibheli lisho: “Ngokuba abaJuda abadlelani namaSamariya.”—Johane 4:9.
UmSamariya akayibophi nje kuphela amanxeba lendoda futhi ayikhwelise embongolweni yakhe kodwa futhi uyiyisa endlini yezihambi futhi uhlala nayo isikhashana futhi ayinakekele. Khona-ke, njengoba ungabona, ukhipha imali engalingana umholo wezinsuku ezimbili, uyinikeza umgcini walendlu futhi uthi: “Mgcine, nalokho okwelekelayo ngiyakukubuyisela kuwe ekubuyeni kwami.”
Ngemva kokuba uJesu eseqede indaba yakhe uphendukela kummeli futhi uyabuza: “Ngumuphi ngokubona kwakho kulaba abathathu owaba-ngumakhelwane wakhe owatheleka phakathi kwezigcwelegcwele na?” Ummeli uyaphendula: “Yilowo owamenzela isihawu.” Khona-ke uJesu uthi: “Hamba wenze njalo nawe.”—Luka 10:25-37.
Yeka isifundo esihle sonke esingasifunda kulokhu! Kungakhathaliseki uhlanga, ibala, ubuzwe noma isimo senhlalo abantu basengomakhelwane bethu. Futhi ukuze sithole ukuphila okuphakade, kumelwe sibathande futhi senze izenzo zomusa kubo.