Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 85
  • Ukufuna Okulahlekileyo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufuna Okulahlekileyo
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Okulahlekileyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Injabulo Ngesoni Esiphendukayo
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ingabe Uyosilingisa Isihe SikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • ‘Fundani Kimi’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 85

Isahluko 85

Ukufuna Okulahlekileyo

UJESU ushisekela ukufuna nokuthola abazokhonza uNkulunkulu ngokuthobeka. Ngakho uyafunisisa futhi ukhuluma kubo bonke ngoMbuso, kuhlanganise nezoni ezinedumela elibi. Abantu abanjalo manje bayasondela ukuze bamlalele.

Bekuqaphela lokhu, abaFarisi nababhali bagxeka uJesu ngokuzihlanganisa nabantu abababheka njengabangafaneleki. Bayakhononda: “Lomuntu wamukela izoni, adle nazo.” Yeka ukuthi lokho bakubheka njengokuwukuzehlisa kanjani! AbaFarisi nababhali baphatha abantu abavamile njengokungcola okungaphansi kwezinyawo zabo. Eqinisweni, basebenzisa inkulumo yesiHeberu ethi ‛am ha·’aʹrets, “abantu bezwe [bomhlaba],” ukuze babonise indelelo abanayo ngabanjalo.

Ngakolunye uhlangothi, uJesu uphatha bonke abantu ngenhlonipho, umusa, nozwela. Ngenxa yalokho, abaningi balaba abaphansi, kuhlanganise nabantu abaziwa kakhulu ngokwenza okubi, bashisekela ukumlalela. Kodwa kuthiwani ngokugxeka kwabaFarisi uJesu ngokwenza imizamo ngenxa yalabo abababheka njengabangafaneleki?

UJesu uphendula ukugxeka kwabo ngokusebenzisa umfanekiso. Ukhuluma esusela embonweni wabo siqu abaFarisi, njengokungathi balungile futhi balondekile emhlanjini kaNkulunkulu, kuyilapho ama-‛am ha·’aʹret aphambukile futhi asesimweni sokulahleka. Ake umlalele njengoba ebuza:

“ [ Yi]muphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu, alahlekelwe ngenye kuzo, angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane, aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na? Athi eseyitholile, ayetshathe ethokoza. Esefiké ekhaya ameme abahlobo nabakhelwane, athi kubo: Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.”

Khona-ke uJesu ubonisa ukuthi indaba yakhe isebenza kukuphi, echaza: “Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba-khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.”

AbaFarisi bazibheka njengabalungile futhi kanjalo njengabangakudingi ukuphenduka. Lapho abanye babo begxeka uJesu eminyakeni eminingana ngaphambili ngokudla nabathelisi nezoni, wabatshela: “Angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni.” AbaFarisi abazibona bengabalungile, abahluleka ukubona isidingo sokuba baphenduke, abalethi ntokozo ezulwini. Kodwa izoni eziphenduka ngempela ziyayiletha.

Ukuze alenze libe namandla ngokuphindiwe iphuzu lokuthi ukubuya kwezoni ezilahlekile kuyisizathu sokujabula okukhulu, uJesu ulandisa omunye umfanekiso. Uthi: “[Yi]muphi owesifazane othi enezinhlamvu zesiliva eziyishumi, uma elahlekelwe luhlamvu lwaba-lunye, angokheli isibani, ashanele indlu, afunisise, aze aluthole? Athi ukuba aluthole, abize abahlobo nabakhelwane, athi: Thokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelulahlekile.”

Khona-ke uJesu unikeza incazelo efanayo yokusebenza kwalokhu. Uyaqhubeka ethi: “Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”

Yeka ukuthi kuphawuleka kanjani lokhu kukhathalela kothando kwezingelosi zikaNkulunkulu ngokubuya kwezoni ezilahlekile! Lokhu kunjalo ikakhulukazi njengoba lama-‛am ha·’aʹret ake aba aphansi, adelelekile ekugcineni aba sohlwini lokuba amalungu oMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. Ngenxa yalokho, athola isikhundla esiphakeme ezulwini kunesezingelosi uqobo! Kodwa kunokuba zizizwe zinomona noma zinganakiwe, izingelosi ngokuzithoba ziyaqonda ukuthi labantu abanesono baye babhekana futhi banqoba izimo ekuphileni eziyobahlomisela ukukhonza njengamakhosi nabapristi basezulwini abanozwela nomusa. Luka 15:1-10; Mathewu 9:13; 1 Korinte 6:2, 3; IsAmbulo 20:6.

▪ Kungani uJesu ezihlanganisa nezoni ezaziwayo, futhi ikuphi ukugxekwa akuthola kubaFarisi?

▪ AbaFarisi bababheka kanjani abantu abavamile?

▪ Imiphi imifanekiso esetshenziswa uJesu, futhi singafundani kuyo?

▪ Kungani ukujabula kwezingelosi kuphawuleka?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela