Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • sp kk. 28-29
  • Ikusasa Elimangalisayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikusasa Elimangalisayo
  • Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abafileyo Bayophinde Baphile!
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Ukuchoboza Ikhanda Lenyoka
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
  • UJesu Unamandla Ngaphezu Kwamademoni
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Ukufundisa Kwaphezulu Kumelene Nezimfundiso Zamademoni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
sp kk. 28-29

Ikusasa Elimangalisayo

UJesu waxosha uSathane kwalasha

Ngokushesha uSathane namademoni bazoyekiswa ukusebenza

USathane namademoni akhe ngeke besasikhohlisa isikhathi eside isintu. UJehova kakade useye wabaxosha ezulwini. (IsAmbulo 12:9) Esikhathini esizayo esingekude, uNkulunkulu uzophinda futhi athathe isinyathelo ngokumelene noSathane namademoni akhe. Embonweni ovela kuNkulunkulu, umphostoli uJohane wathi: “Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo. Yambamba udrako, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane, yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane.” (IsAmbulo 20:1-3) Kamuva, uDeveli namademoni akhe bayobhujiswa phakade.—IsAmbulo 20:10.

Abantu ababi emhlabeni nabo bayobhujiswa.—IHubo 37:9, 10; Luka 13:5.

Abafileyo Bayophinde Baphile!

Abantu bamukela abafileyo abavusiwe emhlabeni oyipharadesi

Abafileyo bayobuye baphile emhlabeni

Ngemva kokuba uSathane namademoni bengasekho, uJehova uyolethela isintu izibusiso eziningi. Uzokhumbula ukuthi abafileyo abaphili, abekho. UJesu wafanisa ukufa nokulala—ubuthongo obukhulu obungenamaphupho. (Johane 11:11-14) Lokho wakwenza ngoba wayazi ukuthi kwakuyofika isikhathi lapho abalele ekufeni beyovuselwa ekuphileni. Wathi: “Isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni . . . [beyophuma].”—Johane 5:28, 29; qhathanisa nezEnzo 24:15.

Bayobuyiselwa ekuphileni lapha emhlabeni. Esikhundleni sezaziso zokuthi abantu bafile, imibiko ejabulisayo iyolandisa ngabaye babuyiselwa ekuphileni! Yeka injabulo okuyoba yiyo ukwamukela abathandekayo bebuyile emathuneni!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela