Imibuzo Evela Kubafundi
Ayobe ekuphi amademoni phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane?
IBhayibheli aliwuphenduli ngokucacile lo mbuzo. Nokho, singafika esiphethweni esinengqondo mayelana nokuthi ayobe ekuphi amademoni phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane.
Lapho enikeza umbono walokho okuyokwenzeka ekuqaleni nasekupheleni kwale Minyaka Eyinkulungwane, umphostoli uJohane uthi: “Ngabona futhi ingelosi yehla ivela ezulwini inesihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu esandleni sayo. Yambamba udrako, inyoka yokuqala, onguDeveli noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane. Yamjikijela kwalasha, yavala, yabeka uphawu phezu kwakhe, ukuze angabe esazidukisa izizwe ize iphele iminyaka eyinkulungwane. Ngemva kwalezi zinto kumelwe athukululwe isikhashana.” (IsAmbulo 20:1-3) La mavesi akhuluma ngokufakwa kwalasha kukaSathane kuphela nokukhululwa kwakhe isikhashana ekugcineni. Nakuba kungakhulunywa ngamademoni, kubonakala kunengqondo ukuthi lapho ingelosi enesihluthulelo sakwalasha—uJesu Kristu okhazinyulisiwe—ibamba uDeveli imfaka kwalasha, iyokwenza okufanayo nangamademoni.—IsAmbulo 9:11.
Lapho uJesu Kristu eba iNkosi ezulwini ngo-1914, wathatha isinyathelo esaba nethonya elikhulu kuSathane nasemademonini. IsAmbulo 12:7-9 sithi: “Kwagqashuka impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako, nodrako nezingelosi zakhe [amademoni] balwa kodwa akazange anqobe, nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini. Ngakho waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.” Kusukela ngaleso sikhathi, uSathane namademoni akhe bavalelwe emhlabeni. Kungaba nengqondo ukucabanga ukuthi lapho uJesu Kristu eyithiba ngokwengeziwe imisebenzi kaSathane ukuze akhulule umhlaba ethonyeni lakhe elibi, uJesu uyokwenza okufanayo nangamademoni.
Cabanga nangesiprofetho sokuqala ngqá seBhayibheli. Sifundeka kanje: “[Mina Nkulunkulu] ngizobeka ubutha phakathi kwakho [Sathane] nowesifazane [inhlangano kaJehova yasezulwini] naphakathi kwenzalo yakho [Sathane] nenzalo yakhe [enguJesu Kristu]. Yona iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.” (Genesise 3:15) Ukulinyazwa kwenyoka ekhanda kuhlanganisa ukufakwa kukaSathane kwalasha phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Isiprofetho siqhubeka sithi kunobutha phakathi kwaLowo olimazayo nenzalo kaSathane. Le nzalo, noma inhlangano, ihlanganisa ingxenye engabonakali eyizingelosi ezimbi, noma amademoni. Ngakho, kunengqondo ukuphetha ngokuthi lapho uJesu efaka uSathane kwalasha, uyobopha futhi afake namademoni kwalasha. Iqiniso lokuthi imimoya emibi iyakwesaba kakhulu ukufakwa kwalasha libonisa ukuthi yazi ukuthi kuzofika isikhathi lapho iyobekelwa khona imingcele.—Luka 8:31.
Nokho, kungenzeka yini ukuthi isizathu esenza isAmbulo 20:1-3 singakhulumi ngamademoni ukuthi ayobhujiswa e-Armagedoni kanye nengxenye ebonakalayo yenzalo kaSathane? IBhayibheli libonisa ukuthi mancane kakhulu amathuba okuba lokhu kwenzeke. Ngokuqondene nesiphetho sikaSathane, lithi: “UDeveli owayezidukisa waphonswa echibini lomlilo nesibabule lapho kakade kwase kukhona khona isilo sasendle nomprofethi wamanga; bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.” (IsAmbulo 20:10) Isilo sasendle nomprofethi wamanga bamelela imibuso yezombusazwe futhi bayingxenye yenhlangano kaSathane ebonakalayo. (IsAmbulo 13:1, 2, 11-14; 16:13, 14) Bayobhujiswa e-Armagedoni, lapho uMbuso kaNkulunkulu uyochoboza futhi uqede khona yonke imibuso yomhlaba. (Daniyeli 2:44) IBhayibheli libhekisela “emlilweni waphakade olungiselelwe uDeveli nezingelosi zakhe.” (Mathewu 25:41) USathane namademoni akhe bayophonswa “echibini lomlilo nesibabule” elilodwa nesilo sasendle nomprofethi wamanga ngomqondo wokuthi nabo bayobhujiswa phakade. Ukube amademoni—ingxenye engabonakali yenzalo kaSathane nenamandla kakhulu—abeyobhujiswa e-Armagedoni, nakanjani bekuyoshiwo okuthile ngamademoni njengasekulelo chibi elingokomfanekiso kakade lapho isilo sasendle nomprofethi wamanga bekhona. Njengoba kungakhulunywa ngawo kusAmbulo 20:10 kusho ukuthi amademoni awabhujiswa e-Armagedoni.
Njengoba nje kungabekwa ngembaba ukuthi amademoni ayophonswa kwalasha, akukho futhi okushiwo ngokuqondile ngokukhishwa kwawo lapho. Kodwa isigcino sawo siyafana nesikaDeveli. Ngemva kokukhululwa kwawo kanye noDeveli, nokumlekelela kwawo phakathi novivinyo lwesintu lokugcina ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, nawo amademoni ayophonswa echibini lomlilo futhi ngaleyo ndlela ayothola ukubhujiswa kwaphakade.—IsAmbulo 20:7-9.
Ngakho, nakuba isAmbulo 20:1-3 sikhuluma kuphela ngokubanjwa nokufakwa kukaSathane kwalasha lapho engeke akwazi ukunyakaza khona, singaphetha ngokunengqondo ngokuthi nezingelosi zakhe nazo ziyobanjwa futhi zifakwe kwalasha. USathane nebutho lakhe lamademoni ngeke besavunyelwa ukuphazamisa ukugcwaliseka kwenjongo kaNkulunkulu yokuguqula umhlaba ube ipharadesi, nokubuyisela isintu ekupheleleni phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane.