Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • dg ingxenye 1 kk. 2-3
  • Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
  • Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Edinga Ukuphendulwa
    I-Phaphama!—1990
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Umbuzo 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Ngihlupheke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
dg ingxenye 1 kk. 2-3

INgxenye 1

Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?

1, 2. Yimuphi umbuzo abantu abawubuzayo ngoNkulunkulu, futhi ngani?

NGESINYE isikhathi ekuphileni kwakho, kungenzeka wake wabuza: ‘Uma ekhona uNkulunkulu osikhathalela ngempela, kungani evumela ukuhlupheka okungaka?’ Sonke sike sahlupheka noma sazi othile oke wahlupheka.

2 Ngempela, kuwo wonke umlando abantu baye bahlushwa ubuhlungu kanye nosizi okubangelwa impi, unya, ubugebengu, ukungabikho kobulungisa, ubumpofu, ukugula, kanye nokufa kwabathandekayo. Ekhulwini lethu lama-20 leminyaka lilodwa, izimpi ziye zabulala abantu abangaphezu kwezigidi eziyikhulu. Amakhulu ezigidi zabanye aye alimala noma alahlekelwa amakhaya kanye nempahla yawo. Kuye kwenzeka izinto eziningi kakhulu ezisabekayo esikhathini sethu, zibangela usizi olukhulu, izinyembezi eziningi, kanye nomuzwa wokungabi nathemba kubantu abaningi kakhulu.

3, 4. Abaningi bazizwa kanjani ngokuvumela kukaNkulunkulu ukuhlupheka?

3 Abanye bayathukuthela futhi babe nomuzwa wokuthi uma uNkulunkulu ekhona, akasikhathaleli ngempela. Noma bangase babe ngisho nanomuzwa wokuthi uNkulunkulu akekho. Ngokwesibonelo, umuntu owabhekana noshushiso ngenxa yohlanga olwabangela ukufa kwabangane kanye nomkhaya eMpini Yezwe I wabuza: “Wayekuphi uNkulunkulu lapho sasimdinga?” Omunye owasinda ekubulaweni kwezigidi amaNazi eMpini Yezwe II, wayedabuke kakhulu ngenxa yalokhu kulahlekelwa kangangokuba wathi: “Uma ungakhotha inhliziyo yami, uyobe udle ushevu.”

4 Ngakho, abantu abaningi abaqondi ukuthi kungani uNkulunkulu omuhle ebengavumela ukuba izinto ezimbi zenzeke. Bayakungabaza ukuthi uyasikhathalela ngempela noma ukuthi ukhona yini ngempela. Futhi abaningi babo banomuzwa wokuthi ukuhlupheka kuyohlala kukhona uma nje umuntu esaphila.

[Isithombe ekhasini 2, 3]

Ingabe izwe elisha elingenakho ukuhlupheka liseduze?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela