Imibuzo Edinga Ukuphendulwa
NGESINYE isikhathi ekuphileni kwakho, kungenzeka wake wabuza: ‘Uma uNkulunkulu ekhona, kungani evumele ukuhlupheka okuningi kangaka? Futhi kungani ekuvumele isikhathi eside kangaka, kuwo wonke umlando womuntu? Ingabe ukuhlupheka kuyoke kuphele?’
Ngenxa yokungabi nazo izimpendulo ezanelisayo zemibuzo enjalo, abaningi bayadumala. Abanye baze ngisho bayeke ukukholelwa kuNkulunkulu, noma basole yena ngenxa yezenzakalo ezibuhlungu ezibehlelayo.
Ngokwesibonelo, umuntu othile owasinda ekuQothulweni Kwesizwe, okuwukubulawa kwezigidi amaNazi eMpini Yezwe II, wayecasuke kakhulu kangangoba wathi: “Uma wawungakhotha inhliziyo yami, yayiyokufakela ushevu.” Enye indoda eyahlupheka ngenxa yokushushiselwa uhlanga eyilo, okwabangela ukufa kwabangane namalungu omkhaya eMpini Yezwe I, yabuza kamunyu: “Wayekuphi uNkulunkulu lapho sasimdinga?”
Ngakho-ke, abantu abaningi badidekile. Ngokombono wabo, kubonakala kungafanele ngoNkulunkulu omuhle nonothando ukuba avumele izinto ezimbi ukuba zenzeke isikhathi eside kangaka.
Lokho Abantu Abaye Bakwenza
Ngokuqinisekile kuyiqiniso ukuthi abantu baye benza ububi obushaqisa kakhulu kwabanye kuwo wonke amakhulu eminyaka—eqinisweni, izinkulungwane zeminyaka. Ubukhulu nokwesabeka kwakho konke lokhu kushukumisa ingqondo.
Njengoba kwakucatshangwa ukuthi impucuko iyaqhubeka, abantu baklama izikhali ezisabeka kakhulu eziningi ngendlela engakaze ibonwe ngaphambili zokubulala noma zokukhubaza abanye: izinganono, ombayimbayi, izindiza zempi, izinqola zempi, izikhali ezicitshwayo, iziciba-mlilo, izikhali zamakhemikhali nezenuzi. Ngenxa yalokho, kulelikhulu leminyaka kuphela, izimpi zezizwe ziye zabulala abantu abalinganiselwa ezigidini eziyikhulu! Amakhulu ezigidi engeziwe aye alinyazwa noma ahlupheka ngezinye izindlela. Futhi inani lempahla eyacekelwa phansi, njengezindlu nempahla, alinakulinganiswa.
Cabanga ngosizi olukhulu, ubuhlungu, nezinyembezi impi eye yakubangela! Ngokuvame kakhulu abantu abangenacala abaye bahlupheka: amakhehla nezalukazi, izingane, nabantwana. Futhi ngokuvame kakhulu, abaningi ababangela lobububi abazange balandise.
Emhlabeni wonke, ukuhlupheka kuyaqhubeka kuze kube manje. Nsuku zonke, abantu bayabulawa noma bayizisulu zobugebengu ngandlela thile. Bayalinyazwa noma bafe ezingozini, kuhlanganise ‘nezenzo zemvelo’ njengeziphepho, izikhukhula, nokuzamazama komhlaba. Bahlushwa ukwahlulela ngokungalungi, ubandlululo, ubumpofu, indlala, noma izifo, noma ngezinye izindlela eziningi.
Kungenzeka kanjani ukuba uNkulunkulu omuhle adale okuthile—isintu—okuye kwahlupheka kabuhlungu kangaka, kaningi kangaka, kuwo wonke amakhulu eminyaka?
Isimo Esibucayi Emzimbeni Womuntu
Lesimo esibucayi siboniswa ngisho nasemzimbeni womuntu. Izazi zesayensi nabanye abaye bawuhlola bayavuma ukuthi umzimba womuntu wenziwe ngokumangalisayo nangokuphawulekayo.
Cabangela nje ezimbalwa zezici zawo ezimangalisayo: iso lomuntu elimangalisa ngokwesabekayo, okungekho khamera engafana nalo; ingqondo emangalisayo, eyenza icomputer ephambili kakhulu ibonakale injengethoyizi; indlela izingxenye zomzimba eziyinkimbinkimbi ezibambisana ngayo ngobunye ngaphandle komzamo wethu wokunaka; isimangaliso sokuzala, ukuveza umntwana okhanga ngendlela emangalisayo—umfuziselo wabazali bakhe—ezinyangeni eziyisishiyagalolunye nje kuphela. Abantu abaningi baphetha ngokuthi lomsebenzi wekhono lokuklama, umzimba womuntu, kumelwe ukuba wadalwa uMklami onekhono elivelele—uMdali, uNkulunkulu uMninimandla onke.
Nokho, ngokudabukisayo, lowomzimba ofanayo omangalisayo uyawohloka. Ngokuhamba kwesikhathi unqotshwa ukugula, ukuguga, nokufa. Ekugcineni uyawohloka ube uthuli. Yeka ukuthi kudumaza kanjani! Lapho nje umuntu sekumelwe azuze emashumini eminyaka okuhlangenwe nakho futhi ahlakaniphe ngokwengeziwe, umzimba uyawohloka. Yeka isiphetho esidabukisayo esingefani nempilo, ubungqabavu, nobuhle umzimba owawunamandla akho ekuqaleni kwawo!
Kungani uMdali onothando ayengenza okuthile okuhle ngendlela emangalisayo njengomzimba womuntu, ukuze nje kuphethe ngendlela edabukisa kangaka? Kungani ayengenza umklamo oqala kahle kangaka, ngamandla amakhulu kangaka, kodwa ophetha kabi kangaka?
Indlela Abanye Abakuchaza Ngayo
Abanye baye bathi ububi nokuhlupheka kungamathuluzi kaNkulunkulu okuthuthukisa ubuntu bethu ngezimo ezingathandeki. Umfundisi waseWeseli wagomela: “Inkokhelo yokuhle ngokubi iyingxenye yesu likaNkulunkulu lensindiso.” Wayesho ukuthi ukuze bakhe ubuntu futhi basindiswe, abantu abalungile kumelwe bahlupheke ngenxa yezenzo zabantu ababi njengengxenye yesu likaNkulunkulu.
Kodwa ingabe ubaba onothando ongumuntu angazama ukuthuthukisa ubuntu babantwana bakhe ngokuhlela ukuba babe izisulu zesigebengu esinonya? Cabanga futhi ukuthi intsha eningi iyafa ezingozini noma ibulawe noma ife empini. Lezozisulu ezingabantu abasebasha ngeke zibe nalo elinye ithuba lokuthuthukisa ubuntu bazo ngenxa yokuthi ziyobe sezifile. Ngakho umbono wokuthi ukuhlupheka kuyavunyelwa ukuze kuthuthukiswe ubuntu umane nje awunangqondo.
Akekho ubaba ongumuntu onengqondo nonothando ongafuna ukuba abathandekayo bakhe behlelwe ukuhlupheka noma inhlekelele. Eqinisweni, ubaba ongahlela ukuba abathandekayo bakhe bahlupheke ukuze ‘bakhe ubuntu’ angabhekwa njengongafaneleki, ngisho nogula ngengqondo.
Khona-ke ingabe kungashiwo ngokuzwakalayo ukuthi uNkulunkulu, uBaba ophakeme onothando, uMdali wendawo yonke onokuhlakanipha konke, wakuhlela ngamabomu ukuhlupheka njengengxenye ‘yesu lakhe lokusindisa’? Lokho kungaba ukumnikeza imfanelo yonya nenengeka ngokwedlulele, imfanelo sonke esiyithola ingamukeleki ngisho nakubantu abaphansi.
Ukuthola Izimpendulo
Singaphendukelaphi ukuze sithole izimpendulo zemibuzo ephathelene nokuvumela kukaNkulunkulu ukuhlupheka nobubi? Njengoba lemibuzo ihilela uNkulunkulu, kunengqondo ukubheka izimpendulo ezinikezwa uyena ngokwakhe.
Sizithola kanjani izimpendulo zakhe? Ngokuya emthonjeni uNkulunkulu athi wawuloba njengesiqondiso sabantu—iBhayibheli Elingcwele, imiBhalo Engcwele. Kungakhathaliseki ukuthi yini umuntu angase ayicabange ngalowomthombo, ukufanele ukuhlolwa, ngoba, njengoba umphostoli uPawulu asho: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele . . . nokuqondisa.” (2 Thimothewu 3:16) Futhi wabhala: “Lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili.”a—1 Thesalonika 2:13.
Ukuthola izimpendulo zemibuzo ephathelene nokuvunyelwa kokuhlupheka kungaphezu nje kokwandisa ulwazi lwengqondo. Lezimpendulo zibalulekile ekuqondeni kwethu lokho okwenzeka kwamanje enkundleni yomhlaba, lokho okuyokwenzeka esikhathini esizayo esiseduze, nokuthi ngamunye wethu uthinteka kanjani.
Kuyisibopho sethu ukuba sivumele iBhayibheli, indlela kaNkulunkulu yokuxhumana nomkhaya wesintu, lizikhulumele. Khona-ke, yini eliyishoyo ngendlela ukuhlupheka okwaqala ngayo nokuthi kungani uNkulunkulu ekuvumele?
Isihluthulelo sokuqonda lempendulo sihlangene nendlela esenziwa ngayo ngokwengqondo nangokomzwelo. IBhayibheli libonisa ukuthi uMdali wafaka kithi njengabantu lemfanelo ebalulekile: isifiso sokukhululeka. Ake sicabangele kafushane lokho okuhilelekile enkululekweni yokuzikhethela ngabantu nokuthi lokhu kusebenza kanjani ekuvumeleni kukaNkulunkulu ukuhlupheka.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo yobufakazi bokuthi iBhayibheli liphefumulelwe ngokwaphezulu, bheka incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.