INgxenye 6
Isizathu Sokuba UNkulunkulu Avumele Ukuhlupheka
1, 2. Abazali bethu bokuqala basonakalisa kanjani isiqalo esihle uNkulunkulu ayebanikeze sona?
KONAKALAPHI? Yini eyenzeka eyonakalisa isiqalo esihle uNkulunkulu asinikeza abazali bethu bokuqala ePharadesi lase-Edene? Kungani, esikhundleni sokuthula nokuzwana kwasePharadesi, kuye kwanda ububi kanye nokuhlupheka ezinkulungwaneni zeminyaka?
2 Isizathu siwukuthi uAdamu noEva bayisebenzisa kabi inkululeko yabo yokuzinqumela. Bahluleka ukucabangela iphuzu lokuthi babengadalelwanga ukuba baphumelele ngaphandle kukaNkulunkulu nemithetho yakhe. Banquma ukuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu, becabanga ukuthi lokhu kwakuyothuthukisa ukuphila kwabo. Ngakho beqa imingcele yenkululeko yokuzinqumela eyayimiswe uNkulunkulu.—Genesise, isahluko 3.
Impikiswano Yobukhosi Bendawo Yonke
3-5. Kungani uNkulunkulu engazange avele nje abhubhise uAdamu noEva futhi aqale phansi?
3 Kungani uNkulunkulu engazange avele nje abhubhise uAdamu noEva futhi aqale phansi ngabanye abantu ababili? Kungenxa yokuthi ubukhosi bakhe bendawo yonke, okungukuthi, igunya lakhe lokubusa elingenakudluliselwa komunye, babubekelwe inselele.
4 Umbuzo wawungukuthi: Ubani onegunya lokubusa, futhi ukubusa kukabani okufanele? Ukuba kwakhe umninimandla onke noMdali wazo zonke izidalwa kunikeza uNkulunkulu igunya lokubusa phezu kwazo. Njengoba ehlakaniphe kunazo zonke, ukubusa kwakhe kungokungcono kakhulu kuzo zonke izidalwa. Kodwa ukubusa kukaNkulunkulu manje kwase kubekelwe inselele. Futhi, ingabe kwakukhona okungalungile ngendalo yakhe—umuntu? Kamuva sizohlola indlela indaba yobuqotho bomuntu ehileleke ngayo.
5 Ngokuzibusa komuntu ngaphandle kukaNkulunkulu, kwaphakama omunye umbuzo: Ingabe abantu babengenza kangcono uma bengabuswa uNkulunkulu? UMdali wayeyazi ngokuqinisekile impendulo, kodwa okuwukuphela kwendlela eqinisekile isintu esasingayithola ngayo kwakuwukuba sinikezwe inkululeko engenamingcele esasiyifuna. Sakhetha leyonkambo ngenkululeko yaso yokuzinqumela, ngakho uNkulunkulu wakuvumela.
6, 7. Kungani uNkulunkulu evumele isintu ukuba sibe nenkululeko engenamingcele isikhathi eside kangaka?
6 Ngokunikeza isintu isikhathi esanele ukuba sihlole ukuba nenkululeko engenamingcele, uNkulunkulu wayeyoqeda konke ukungabaza kokuthi isintu siphila kangcono yini ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu noma lapho sizimele. Futhi isikhathi esivunyelwe kwakuyofuneka sibe side ngokwanele ukuze sivumele isintu ukuba sifinyelele kulokho esikubheka njengomvuthwandaba wentuthuko yezombangazwe, ezemisebenzi, ezesayensi, kanye nezokwelapha.
7 Ngakho, uNkulunkulu uye wanikeza umuntu inkululeko yokwenza akuthandayo kwaze kwaba sosukwini lethu ukuze abonise ngaphandle kokungabaza ukuthi ukubusa komuntu ngaphandle kwakhe kungaphumelela yini. Kanjalo umuntu uye wakwazi ukukhetha phakathi komusa nonya, phakathi kothando nenzondo, phakathi kokulunga nokungalungi. Kodwa futhi uye wabhekana nemiphumela yokukhetha kwakhe: ubuhle kanye nokuthula noma ububi kanye nokuhlupheka.
Ukuhlubuka Kwezidalwa Zomoya
8, 9. (a) Kwaqalisa kanjani ukuhlubuka endaweni yomoya? (b) Obani abanye ngaphandle kuka-Adamu noEva uSathane abathonya ukuba bahlubuke?
8 Kunesinye isici okufanele sicatshangelwe. Abazali bethu bokuqala kwakungebona kuphela abahlubuka ekubuseni kukaNkulunkulu. Kodwa obani abanye ababekhona ngalesosikhathi? Izidalwa zomoya. Ngaphambi kokuba uNkulunkulu adale abantu, wadala uhlobo oluphakeme lokuphila, inani elikhulu lezingelosi, ezazizophila ezulwini. Nazo futhi zadalwa zinenkululeko yokuzinqumela kanye nesidingo sokuzithoba ekubuseni kukaNkulunkulu.—Jobe 38:7; IHubo 104:4; IsAmbulo 5:11.
9 IBhayibheli libonisa ukuthi ukuhlubuka kwaqala endaweni yomoya. Isidalwa somoya sasifuna inkululeko engenamingcele. Sasifuna ngisho nokukhulekelwa. (Mathewu 4:8, 9) Lesi sihlubuki esiyisidalwa somoya saba isici esiyinhloko esathonya uAdamu noEva ukuba bahlubuke, siqamba amanga sithi uNkulunkulu wayebagodlele okuthile okuhle. (Genesise 3:1-5) Ngakho sibizwa ngokuthi uDeveli (uMnyundeli) nangokuthi uSathane (uMphikisi). Kamuva, sabangela ezinye izidalwa zomoya ukuba zihlubuke. Zaziwa ngokuthi amademoni.—Duteronomi 32:17; IsAmbulo 12:9; 16:14.
10. Yini eyaba umphumela wokuhlubuka kwabantu kanye nezidalwa zomoya?
10 Abantu, ngokuhlubuka kuNkulunkulu, bazivumela ukuba bathonywe uSathane namademoni akhe. Yingakho iBhayibheli libiza uSathane ngokuthi “unkulunkulu walelizwe,” ‘ophuphuthekise ingqondo yabangakholwa.’ Ngakho, iZwi likaNkulunkulu lithi “izwe lonke lisemandleni omubi.” UJesu ngokwakhe wabiza uSathane ngokuthi “umbusi walelizwe.”—2 Korinte 4:4; 1 Johane 5:19, NW; Johane 12:31.
Izimpikiswano Ezimbili
11. USathane wabekela uNkulunkulu inselele ngokuphathelene nayiphi enye impikiswano?
11 USathane waphakamisa enye impikiswano eyabekela uNkulunkulu inselele. Empeleni, wasola uNkulunkulu ngokuthi wayenephutha endleleni ayedale ngayo abantu nokuthi akekho owayengenza okulungile uma engaphansi kokucindezeleka. Eqinisweni, wathi lapho bengaphansi kokuvivinywa babeyomthuka ngisho nokumthuka uNkulunkulu. (Jobe 2:1-5) Ngalendlela uSathane wangabaza ubuqotho bendalo engabantu.
12-14. Isikhathi sasiyolembula kanjani iqiniso ngokuphathelene nezimpikiswano ezimbili ezaphakanyiswa uSathane?
12 Ngakho-ke, uNkulunkulu uye wavumela zonke izidalwa ezihlakaniphile ukuba zibe nesikhathi esanele sokubona indlela eyoxazululwa ngayo lempikiswano kanye nempikiswano yobukhosi bukaNkulunkulu. (Qhathanisa noEksodusi 9:16.) Okwakuyokwenzeka ekugcineni emlandweni wesintu kwakuyolembula iqiniso ngokuphathelene nalezimpikiswano ezimbili.
13 Okokuqala, isikhathi sasiyokwembulani ngokuphathelene nempikiswano yobukhosi bendawo yonke, ukufaneleka kokubusa kukaNkulunkulu? Ingabe abantu babengazibusa kangcono kunoNkulunkulu? Ingabe noma isiphi isimiso sokubusa komuntu ngaphandle kukaNkulunkulu sasiyoletha izwe elijabulisayo elingenayo impi, ubugebengu, kanye nokungabi nabulungisa? Ingabe sikhona esasiyoqeda ubumpofu futhi silethe ukuchuma kubo bonke? Ingabe sikhona esasiyonqoba ukugula, ukuguga, kanye nokufa? Ukubusa kukaNkulunkulu kwakuklanyelwe ukuba kwenze konke lokho.—Genesise 1:26-31.
14 Ngokuphathelene nempikiswano yesibili, isikhathi sasiyokwembulani ngokufaneleka kwendalo engabantu? Ingabe uNkulunkulu wayenze iphutha ngokudala abantu ngendlela enza ngayo? Ingabe bakhona kubo ababeyokwenza okulungile lapho bengaphansi kokuvivinywa? Ingabe bakhona abantu ababeyobonisa ukuthi bafuna ukubusa kukaNkulunkulu esikhundleni sokubusa komuntu kokuzibusa?
[Izithombe ekhasini 13]
UNkulunkulu uye wanikeza abantu isikhathi sokuba bafinyelele umvuthwandaba wentuthuko yabo
[Umthombo]
Shuttle: Based on NASA photo