Isizathu Sokuba UNkulunkulu Avumele Ukuhlupheka
“Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo. Ngilaye, Jehova.”—Jeremiya 10:23, 24.
LAWOMAZWI alotshwa abantu ngemva kwezinkulungwane zeminyaka bedaliwe. UJeremiya waqaphela ukuthi kuze kube sosukwini lwakhe, umlando womuntu wawulusizi uma uqhathaniswa nesiqalo esihle uNkulunkulu asinikeza abazali bethu bokuqala.
Okwaphawulwa uJeremiya kuye kwaqiniswa umbhalo ogciniwe weminye iminyaka engaphezu kuka-2 500 yomlando kusukela esikhathini sakhe. Usizi lomuntu luye lwaba lubi ngisho nangokwengeziwe. Yini ebingalungile?
Ukusetshenziswa Kabi Kwenkululeko Yokuzikhethela
Abazali bethu bokuqala balahlekelwa umbono weqiniso lokuthi babengadalelwanga ukuchuma ngaphandle kukaNkulunkulu nemithetho yakhe. Banquma ukuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu, becabanga ukuthi lokho kwakuyothuthukisa ukuphila kwabo. Kodwa lokhu kwakuwukusetshenziswa kabi kwenkululeko yabo. Beqa imingcele yenkululeko yokuzikhethela emiswe uNkulunkulu.—Genesise, isahluko 3.
Kungani uNkulunkulu engazange nje ababhubhise uAdamu noEva futhi aqalise ngomunye umbhangqwana wesintu? Ngenxa yokuthi ubukhosi bakhe bendawo yonke nendlela yakhe yokubusa kwakuye kwangatshazwa. Ukuba kwakhe uNkulunkulu uMninimandla onke noMdali wazo zonke izidalwa kumnikeza ilungelo lokubusa phezu kwazo. Njengoba enokuHlakanipha konke, ukubusa kwakhe kungcono kakhulu ngazo zonke izidalwa. Kodwa manje ukubusa kukaNkulunkulu kwabekelwa inselele.
Ingabe abantu babengenza kangcono kunokubuswa uNkulunkulu? Ngokuqinisekile uMdali wayeyazi impendulo yalowombuzo. Indlela eqinisekile yokuba abantu bazitholele lokho kwakuwukubavumela ukuba bathole inkululeko engenamingcele ababeyifisa. Ngakho-ke, esinye sezizathu zokuthi kungani uNkulunkulu eye wavumela ububi nokuhlupheka siwukuba abonise ngaphandle kokungabaza ukuthi ukubusa komuntu ngaphandle kwakhe kungaphumelela yini.a
UAdamu noEva baletha ukuhlupheka kubo nasenzalweni yabo. ‘Bavuna lokho abakuhlwanyela.’ (Galathiya 6:7) “Bonile kuye; abasibo abantwana [bakaNkulunkulu], kuyisici sabo.”—Duteronomi 32:5.
Abazali bethu bokuqala babexwayisiwe ukuthi ukuhlubuka ekubuseni kukaNkulunkulu kwakuyophumela ekufeni kwabo. (Genesise 2:17) Lokho kwabonakala kuyiqiniso. Ngokushiya uNkulunkulu, bashiya umthombo wabo wempilo nokuphila. Bawohloka kwaze kwaba yilapho ukufa kubafica.—Genesise 3:19.
Ngemva kwalokho, uNkulunkulu wavumela isikhathi esanele ngomkhaya wesintu ukuba ubonise ngokugcwele ukuthi sikhona yini isimiso esingokombangazwe, esingokwenhlalo, noma esingokomnotho owasisungula ngaphandle kokubusa kwakhe esasiyoba esanelisa ngokuphelele. Ingabe sikhona kulezimiso esasiyoletha izwe elijabulayo, elinokuthula elingenabo ubugebengu noma impi? Ingabe sikhona esasiyokwenza ukuba bonke bachume ngokwezinto ezibonakalayo? Ingabe sikhona esasiyonqoba ukugula, ukuguga, nokufa? Ukubusa kukaNkulunkulu kwakuklanyelwe ukufeza zonke lezozinto.—Genesise 1:26-31.
Lokho Okufundiswa Ukuhamba Kwesikhathi
Umlando ngokushesha wenza iqiniso lamaRoma 5:12 laqapheleka: “Ukufa kwafikela abantu bonke.” Lelivesi lichaza ukuthi “isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa.” Lapho abazali bethu bokuqala behlubuka ekubuseni kukaNkulunkulu, baba abanezici, abangaphelele. Lokhu kuba nezici kwakuwukuphela kwento ababengayidlulisela enzalweni yabo. Ngenxa yalokho, sonke siye sazalwa sinezici, sithambekele ekuguleni nasekufeni.
Ukuhamba kwesikhathi kuye kwembula futhi indlela abantu abasindwa isono abaziphatha ngayo komunye nomunye. Kuye kwaba nezimpi zonya ezingabaleki, inzondo yezihlanga neyenkolo, ukuqulwa kwamacala ezihlubuki, ubugebengu obesabekayo bazo zonke izinhlobo, nezenzo zobugovu nokuhaha. Ngaphezu kwalokho, ubumpofu nendlala kuye kwenza izigidi ezingenakubalwa zabantu zaba izisulu zakho.
Phakathi nezinkulungwane zeminyaka edlule, isintu siye sazama lonke uhlobo lukahulumeni olungase lucatshangwe. Nokho, bonke ngokulandelana baye bahluleka ukwanelisa izidingo zomuntu. Muva nje, ohulumeni bobuKhomanisi baye benqatshwa emazweni amaningi. Ezizweni ezibusa ngentando yeningi kudlange ubugebengu, ubumpofu, ukuntengantenga kwezomnotho, nokonakala. Ngempela, zonke izinhlobo zohulumeni babantu ziye zaba ezintulayo.
Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uye wavumela isikhathi ngabantu sokuba bafinyelele emvuthwandaba wabo ngalokho abakufezayo kwezesayensi nasezintweni ezibonakalayo. Kodwa ingabe kuyintuthuko yangempela lapho umnsalo nomcibisholo kuye kwathathelwa indawo izikhali zenuzi? lapho abantu bengaya emkhathini kodwa bangakwazi ukuphila ndawonye ngokuthula emhlabeni? lapho izigidi zabantu zesaba ukuphumela ngaphandle ebusuku ngenxa yobugebengu?
Lokho ukudlula kwesikhathi okukubonisayo ukuthi akusenakwenzeka ngabantu ukuba ‘baqondise izinyathelo zabo’ ngokuphumelelayo njengoba bengenakukwazi ukuphila ngaphandle kokudla, amanzi, nomoya. Saklanyelwa ukuba sixhomeke esiqondisweni soMenzi wethu njengoba ngokuqinisekile sadalelwa ukuba sixhomeke ekudleni, amanzi, nomoya.—Mathewu 4:4.
Ngokuvumela ububi nokuhlupheka, uNkulunkulu uye wabonisa imiphumela edabukisayo yokusebenzisa kabi inkululeko yokuzikhethela, efundisela nesikhathi esizayo. Lesi yisipho esiyigugu kangangoba kunokuba ephuce abantu inkululeko yokuzikhethela, uNkulunkulu uye wabavumela ukuba babone ukuthi kusho ukuthini ukusetshenziswa kabi kwayo.
Ngokuphathelene nenkululeko yokuzikhethela, incwadi ethi “Statement of Principles of Conservative Judaism” ithi: “Ngaphandle kokuba nokwenzeka kwangempela kwabantu abenza ukukhetha okuyiphutha lapho bebhekene nobuhle nobubi, wonke umqondo wokukhetha awusho lutho. . . . Okuningi kokuhlupheka komhlaba kuvela ngokuqondile ekusebenziseni kabi kwethu inkululeko yokuzikhethela esiyinikeziwe.”
Ngokuqinisekile, uJeremiya wayeqinisile lapho ethi: “Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” Futhi noSolomoni wayeqinisile lapho ethi: “Lapho umuntu ebusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.”—UmShumayeli 8:9.
Ngokunamandla, lokho kubonisa ukwehluleka komuntu ukuqeda ukuhlupheka. Ngisho noSolomoni, kanye nakho konke ukuhlakanipha kwakhe, ingcebo, namandla wayengenakukwazi ukuqondisa usizi olwalubangelwa ukubusa komuntu.
Khona-ke, uNkulunkulu uyokuqeda kanjani ukuhlupheka? Ingabe uyozwelana nesintu ngenxa yokuhlupheka kwesikhathi esidlule?
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo eyengeziwe yazo zonke izimpikiswano ezihilelekile, bheka incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, izahluko 11 no-12, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 9]
UNkulunkulu wanikeza isintu isiqalo esiphe-lele, kodwa umlando ubonisa ukuthi isintu asi-nakukwazi ‘ukuqondisa izinyathelo zaso’ ngo-kuphumelelayo ngaphandle kukaNkulunkulu