Ingabe Lelizwe Liyosinda?
Asikho esinye isizukulwane esiye sezwa kukhulunywa kakhulu kangaka ngokuphela kwezwe. Abaningi besaba ukuthi lelizwe liyophelela kukhukhulela-ngoqo wenuzi. Abanye bacabanga ukuthi lelizwe lingase libhujiswe ukungcola. Abanye futhi bakhathazeka ngokuthi ukuntengantenga kwezomnotho kuyoxabanisa uquqaba lwesintu.
Ingabe lelizwe lingaphela ngempela? Uma kunjalo, kuyosho ukuthini? Ingabe izwe lake laphela ngaphambili?
Izwe Liyaphela—Lithathelwa Indawo Elinye
Yebo, izwe laphela. Cabangela izwe elonakala kakhulu ezinsukwini zikaNowa. IBhayibheli liyachaza: “Izwe elalikhona labhubha ngokukhukhula kwamanzi.” IBhayibheli lithi futhi: “Nezwe lamandulo engaliyekanga [uNkulunkulu], kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu.”—2 Petru 2:5; 3:6.
Phawula lokho okwakushiwo ukuphela kwalelozwe nalokho okwakungakusho. Kwakungasho ukuphela kwesintu. UNowa nomkhaya wakhe basinda kuZamcolo wembulunga yonke. Kwaba njalo nangeplanethi enguMhlaba namazulu amahle anezinkanyezi. ‘Yizwe labantu abangamesabi uNkulunkulu’ elabhubha, isimiso sezinto esonakele.
Ekugcineni, njengoba inzalo kaNowa yayanda, kwavela elinye izwe. Lelozwe noma isimiso sezinto sesibili, liye laba khona kwaze kwaba sosukwini lwethu. Umlando walo uye wagcwala impi, ubugebengu, nobudlova. Yini eyokwenzeka kulelizwe? Ingabe liyosinda?
Ikusasa Lalelizwe
Ngemva kokuthi osukwini lukaNowa izwe labhujiswa, ukulandisa kweBhayibheli kuyaqhubeka: “Izulu nomhlaba okukhona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona lelizwi.” (2 Petru 3:7) Ngempela, njengoba omunye umlobi weBhayibheli echaza: “Izwe [leli elikhona namuhla] liyadlula.”—1 Johane 2:17.
IBhayibheli alisho ukuthi kuyodlula umhlaba ongokoqobo noma amazulu anezinkanyezi, njengoba lokhu kungadlulanga osukwini lukaNowa. (IHubo 104:5) Kunalokho, lelizwe, kanye ‘namazulu’ alo, noma ababusi bohulumeni abangaphansi kwethonya likaSathane, “nomhlaba” walo noma umkhaya wesintu, kuyobhujiswa njengokungathi ngomlilo. (Johane 14:30; 2 Korinte 4:4) Lelizwe, noma isimiso sezinto, liyophela ngokuqinisekile njengoba kwaphela izwe langaphambi kukaZamcolo. Ngisho noJesu Kristu wakhuluma ngesimo esasikhona “emihleni kaNowa” njengesibonelo salokho okwakuyokwenzeka ngaphambi nje kokuphela kwalelizwe.—Mathewu 24:37-39.
Ngokuphawulekayo, lapho uJesu ekhuluma ngezinsuku zikaNowa, wayephendula umbuzo wabaphostoli bakhe: “Nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba-yini na?” (Mathewu 24:3) Abalandeli bakaJesu babazi ukuthi lelizwe laliyophela. Ingabe lokhu kwakubethusa?
Ngokuphambene, lapho uJesu echaza izenzakalo ezaziyokwenzeka ngaphambi kokuphela kwezwe, wabakhuthaza ukuba bathokoze ‘ngoba ukukhululwa kwabo kwakusondela.’ (Luka 21:28) Yebo, ukukhululwa kuSathane nasesimisweni sakhe sezinto esonakele bangene ezweni elisha elinokuthula!—2 Petru 3:13.
Kodwa liyophela nini lelizwe? Isiphi “isibonakaliso” esanikezwa nguJesu ‘sokuza kwakhe, nesokuphela kwezwe’?
“Isibonakaliso”
Igama lesiGreki elihunyushwe lapha ngokuthi “ukuza” elithi pa·rou·siʹa, futhi lisho “ukuba khona,” okungukuthi, eqinisweni ubukhona. Ngakho lapho “isibonakaliso” sibonakala, sasingeke sisho ukuthi uKristu usezokuza ngokushesha kodwa sasiyosho ukuthi wayesebuyile kakade futhi ekhona. Sasiyosho ukuthi wayezoqeda izitha zakhe ngokushesha.—IsAmbulo 12:7-12; IHubo 110:1, 2.
UJesu akanikezanga nje isenzakalo esisodwa ‘njengesibonakaliso.’ Wachaza izenzakalo zezwe nezinto eziningi. Zonke lezi zaziyokwenzeka esikhathini esabizwa abalobi beBhayibheli ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5; 2 Petru 3:3, 4) Cabangela ezinye zezinto uJesu abikezela ukuthi zaziyophawula ‘izinsuku zokugcina.’
“Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso.” (Mathewu 24:7) Ezikhathini zanamuhla impi iye yaba sezingeni elikhulu kunanini ngaphambili. Esinye isazi-mlando saphawula: “IMpi Yezwe Yokuqala [eyaqala ngo-1914] kwakuyimpi yokuqala ‘yembulunga yonke.’” Nokho, impi yezwe yesibili yayibhubhisa ngokwengeziwe. Futhi impi isaqhubeka yonakalisa umhlaba. Yebo, amazwi kaJesu aye agcwaliseka ngendlela ephawulekayo!
“Kube-khona indlala.” (Mathewu 24:7) Ngemva kweMpi Yezwe I kwaba khona indlala cishe enkulu kakhulu kuwo wonke umlando. Indlala esabekayo yalandela futhi iMpi Yezwe II. Umqedazwe wokungondleki kahle uthinta cishe ingxenye eyodwa kweziyisihlanu yabantu emhlabeni, ubulala izingane eziyizigidi ezingu-14 minyaka yonke. Ngempela, “indlala” iye yaba khona!
“Kuyakuba-khona ukuzamazama okukhulu komhlaba.” (Luka 21:11) Ngokwesilinganiso, abaningi cishe ngokuphindwe kashumi baye bafa ngenxa yokuzamazama komhlaba ku-sukela ngo-1914 kunasemakhulwini eminyaka adlule. Cabangela okumbalwa kuphela okuvelele: ngo-1920, eChina, kwafa abangu-200 000; ngo-1923, eJapane kwafa abangu-99 300; ngo-1939, eTurkey, kwafa abangu-32 700; ngo-1970, ePeru, kwafa abangu-66 800; futhi ngo-1976, eChina, kwafa abangu-240 000 (noma, ngokweminye imithombo, abangu-800 000). Ngokuqinisekile, “ukuzamazama okukhulu komhlaba”!
‘Ubici izindawo ngezindawo.’ (Luka 21:11) Ngemva nje kweMpi Yezwe I, abantu abayizigidi ezingu-21 babulawa umkhuhlane waseSpain. IScience Digest yabika: “Kuwo wonke umlando akukaze kube khona ukufa okunonya nokushesha kangaka.” Kusukela ngalesosikhathi, isifo senhliziyo, umdlavuza, ingculaza, nezinye izifo eziningi ziye zabulala amakhulu ezigidi zabantu.
‘Ukwanda kokubi.’ (Mathewu 24:12) Kusukela ngo-1914 izwe lethu liye laziwa njengelobugebengu nobudlova. Ezindaweni eziningi akekho ozizwa elondekile emigwaqweni ngisho nasemini. Ebusuku abantu bazivalela emakhaya abo ngalé kweminyango ekhiyiwe nenemigoqo yensimbi, besaba ukuphumela phandle.
Kwabikezelwa ukuthi kwakuyokwenzeka nezinye izinto eziningi ezinsukwini zokugcina, futhi zonke ziyagcwaliseka. Lokhu kusho ukuthi ukuphela kwezwe kuseduze. Kodwa, ngokujabulisayo, bayoba khona abayosinda. Ngemva kokuthi “izwe liyadlula,” iBhayibheli liyathembisa: “Owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”—1 Johane 2:17.
Ngakho kudingeka sifunde intando kaNkulunkulu futhi siyenze. Khona-ke singasinda ekupheleni kwalelizwe ukuze sizijabulele phakade izibusiso zezwe elisha likaNkulunkulu. IBhayibheli lithembisa ukuthi ngalesosikhathi: “UNkulunkulu . . . [uyozesula] izinyembezi zonke emehlweni [abantu]; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona.”—IsAmbulo 21:3, 4.
Izingcaphuno zemiBhalo zivela eBhayibhelini lesiZulu elivamile, ngaphandle kokuba kuboniswe ngenye indlela.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 6]
Imithombo: Airplane: USAF photo. Child: WHO photo by W. Cutting. Earthquake: Y. Ishiyama, Hokkaido University, Japan.