Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 10/22 k. 10-k. 11 isig. 8
  • Isikhathi Izwe Elisha Eliyofika Ngaso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isikhathi Izwe Elisha Eliyofika Ngaso
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isibonakaliso
  • Lokho Okufanele Ukwenze
  • Ingabe Lelizwe Liyosinda?
    Ingabe Lelizwe Liyosinda?
  • Kuzofika Nini Ukuphela? Lokho Okwashiwo UJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Izimpendulo Zemibuzo Emine Ephathelene Nokuphela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • “Ukuphela Kwezwe” Kuseduze!
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 10/22 k. 10-k. 11 isig. 8

Isikhathi Izwe Elisha Eliyofika Ngaso

IZWE elisha likaNkulunkulu liyofika lapho leli lamanje lidlula. Kodwa ungase ubuze, ‘Singakukholelwa yini ngempela ukuthi lelizwe liyophela?’ Nokho, ake ucabange, ingabe likhona elake laphela ngaphambili?

Yebo, ngokobufakazi obuqand’ ikhanda, izwe lake laphela. “Izwe elalikhona [ngosuku lukaNowa] labhubha ngokukhukhula kwamanzi,” kusho iBhayibheli. UNkulunkulu “[akaliyekanga izwe lamandulo], kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu.”—2 Petru 2:5; 3:6.

Phawula ukuthi kwabhubha ‘izwe elingamesabi uNkulunkulu,’ noma isimiso sezinto esibi. Akuzange kuphele iplanethi enguMhlaba, amazulu agcwele izinkanyezi, noma umkhaya wesintu. Njengoba inani labasinda kuZamcolo lalanda, kwavela elinye izwe (elethu lamanje). Kuyokwenzekani kulo?

Ngemva kokusho ukuthi izwe losuku lukaNowa labhujiswa, iBhayibheli liyaqhubeka: “Izulu nomhlaba okukhona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona lelizwi.” (2 Petru 3:7) Umlilo umelela ukubhujiswa kwezwe. Ngempela, “izwe [elikhona namuhla] liyadlula.” (1 Johane 2:17) Kodwa nini?

Abaphostoli bakaJesu babefuna ukwazi, ngakho babuza: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba-nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba-yini na?” (Mathewu 24:3) Lapho ephendula uJesu wanikeza isibonakaliso esasiyokwenza abantu abaphila ngesikhathi sokugcwaliseka kwaso bazi ukuthi ngokushesha kwakunezwe elalizophela; izwe elisha lalizothatha indawo yalo. Sasiyini lesisibonakaliso?

Isibonakaliso

Lesisibonakaliso sasihlanganisa izingxenye eziningi, yebo, kwabikezelwa izenzakalo eziningi. Ukuze lesisibonakaliso sigcwaliseke, zonke lezi kwakuyodingeka ukuba zenzeke ngendlela ephawulekayo ngesikhathi esifanayo ngokuyisisekelo, phakathi nesizukulwane esisodwa. (Mathewu 24:34) Ziyini lezizenzakalo?

Ezinye uJesu azisho kwakuyilezi: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyakuba-khona ukuzamazama okukhulu komhlaba nobici nendlala izindawo ngezindawo.” “Lapho-ke bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami. . . . Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.”—Luka 21:10, 11; Mathewu 24:7-9, 12.

Umphostoli uPawulu wanikeza ezinye izimo ezaziyophawula ‘izinsuku zokugcina’ zalelizwe. Wabhala: “Ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, . . . nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, . . . nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika.”—2 Thimothewu 3:1-5.

Ngokuqinisekile, uye wazibona noma wezwa ngazo zonke lezinto—izingxabano zomhlaba wonke ezidlula izimpi zangesikhathi esidlule, ukuzamazama okukhulu komhlaba, ubhadane lwezifo nendlala esakazeke kabanzi, ukuzondwa nokushushiswa kwabalandeli bakaKristu, ukwanda kokungabi namthetho, nezikhathi ezibucayi ngokungenakulinganiswa. Ngaphandle kwalezinto, iBhayibheli libikezela ukuthi uNkulunkulu ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Futhi abantu bayawubhubhisa umhlaba njengamanje!

Ngo-November odlule, amaphephandaba ayephethe izihloko eziphambili ezinjengalesi: “Ososayensi Abaphambili Baxwayisa Ngokubhujiswa Komhlaba.” UDkt. Henry Kendall, owazuza umklomelo kaNobel nongusihlalo we-Union of Concerned Scientists, wathi: “Lesisixwayiso aseqisi, futhi asihloselwe ukushaqisa.” Esinye isihloko sephephandaba sabika: “Uhlu lososayensi abangu-1 575 abakhipha lesisixwayiso lufundeka njengamaqiniso aphawulekayo emphakathini womhlaba wonke wezesayensi.” Isixwayiso sabo sokubhujiswa okuphelele komhlaba akumelwe sishaywe indiva!

Akukho kungabaza ngakho. Zonke izingxenye zalesibonakaliso ziyagcwaliseka, kuhlanganise nesibikezelo sikaJesu esiyinhloko: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela,” yebo, ukuphela kwalelizwe. (Mathewu 24:14) UJesu wathi kwakuyofika lapho izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu sezishunyayelwe emhlabeni wonke. Futhi lokho kushumayela kwenziwa oFakazi BakaJehova ngesilinganiso esabikezelwa!

Lokho Okufanele Ukwenze

Ngakho-ke, bonke ubufakazi bukhomba eqinisweni lokuthi izwe elisha likaNkulunkulu liseduze kakhulu. Nokho, ukuze usinde ekupheleni kwalelizwe futhi ujabulele ukuphila ezweni elisha, kufanele wenze okuthile. Ngemva kokusho ukuthi “izwe liyadlula,” iBhayibheli libonisa lokho okudingekile kuwe, liyachaza: “Owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”—1 Johane 2:17.

Ngakho kufanele ufunde intando kaNkulunkulu futhi uyenze. OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ukuba wenze lokhu. Khona-ke ungasinda ekupheleni kwalelizwe ukuze ujabulele izibusiso zezwe elisha likaNkulunkulu phakade.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]

NASA photo

[Isithombe ekhasini 10]

Isikhathi sezinkathazo ezinkulu sandulela izwe elisha ngokushesha

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela