Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • pr ingxenye 3 kk. 10-16
  • Umthombo Oyingqayizivele Wokuhlakanipha Okuphakeme

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umthombo Oyingqayizivele Wokuhlakanipha Okuphakeme
  • Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi Endala Kunazo Zonke, Esakazwe Kabanzi Kakhulu
  • Ukunemba Ngokwesayensi
  • Ukunemba Ngokomlando
  • Ukuvumelana Kwangaphakathi Nokwethembeka
  • Isici Salo Esivelele Kakhulu
  • Isiprofetho Esagcwaliseka
  • Linikeza Impendulo
  • IBhayibheli—Ingabe Livela kuNkulunkulu Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izimfundiso Eziyiqiniso Ezijabulisa UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ingabe Lencwadi Iyavumelana Nesayensi?
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • Ingabe IBhayibheli Ngempela Livela KuNkulunkulu?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
pr ingxenye 3 kk. 10-16

INgxenye 3

Umthombo Oyingqayizivele Wokuhlakanipha Okuphakeme

1, 2. Kungani kufanele sihlole iBhayibheli?

1 Ingabe iBhayibheli liwumbhalo ogciniwe walokho kuhlakanipha okuphakeme? Ingabe lingasinikeza izimpendulo eziyiqiniso zemibuzo ebalulekile ephathelene nenjongo yokuphila?

2 Ngokuqinisekile iBhayibheli liyakufanelekela ukuba silihlole. Esinye isizathu siwukuthi liyincwadi engavamile kakhulu kunazo zonke ezike zahlanganiswa, ehluke kakhulu kunoma iyiphi enye incwadi. Cabangela lamaphuzu alandelayo.

Incwadi Endala Kunazo Zonke, Esakazwe Kabanzi Kakhulu

3, 4. IBhayibheli lidala kangakanani?

3 IBhayibheli liyincwadi endala kunazo zonke ezake zabhalwa, njengoba izingxenye zalo zabhalwa eminyakeni engu-3 500 edlule. Lidala ngamakhulu amaningi eminyaka kunanoma iyiphi enye incwadi ecatshangelwa njengengcwele. Incwadi yokuqala kwezingu-66 eliziqukethe yalotshwa cishe eminyakeni eyinkulungwane ngaphambi kukaBuddha noConfucius naseminyakeni engaba izinkulungwane ezimbili ngaphambi kukaMuḥammad.

4 Umlando olotshwe eBhayibhelini uhlehlela emuva ekuqaleni komkhaya wesintu futhi uchaze ukuthi saba khona kanjani lapha emhlabeni. Uze usibuyisele emuva esikhathini sangaphambi kokuba abantu badalwe, usinikeza amaqiniso ngokwakheka komhlaba.

5. Mingaki imibhalo yesandla yasendulo yeBhayibheli ekhona, uma kuqhathaniswa nezincwadi zezwe zasendulo?

5 Futhi ezinye izincwadi zenkolo, nezingezona ezenkolo, zinembalwa kuphela yemibhalo yazo yesandla emidala esekhona. Cishe kunamakhophi angaba ngu-11 000 abhalwe ngesandla eBhayibheli noma izingxenye zalo akhona ngesiHeberu nangesiGreki, amanye awo ahlehlela emuva enkathini eseduze neyokulotshwa kwawo kokuqala. Lawa aye asinda ngisho nakuba kuye kwaba nokuhlasela okushubile okungase kucatshangwe okuye kwazanywa ngokumelene neBhayibheli.

6. IBhayibheli liye lasakazwa kabanzi kangakanani?

6 Futhi, iBhayibheli liyincwadi esakazwe kabanzi kakhulu emlandweni. Cishe izigidi eziyizinkulungwane ezintathu zamaBhayibheli noma izingxenye zalo ziye zasakazwa ngezilimi ezingaba yizinkulungwane ezimbili. Kuthiwa amaphesenti angu-98 omkhaya wesintu ayakwazi ukulithola iBhayibheli ngolimi lwawo siqu. Ayikho enye incwadi esondelayo kulelo nani lokunyatheliswa.

7. Yini engase ishiwo ngokunemba kweBhayibheli?

7 Ngaphezu kwalokho, ayikho enye incwadi yasendulo engase iqhathaniswe neBhayibheli ngokunemba. Izazi zesayensi, izazi-mlando, izazi zesayensi yezemivubukulo, izazi zokuma kwezwe, izazi zezilimi, nezinye zikuqinisekisa njalo ukulandisa kweBhayibheli.

Ukunemba Ngokwesayensi

8. Linembe kangakanani iBhayibheli ezindabeni zesayensi?

8 Ngokwesibonelo, nakuba iBhayibheli lingalotshwanga njengencwadi echaza isayensi, livumelana nesayensi yeqiniso lapho likhuluma ngezindaba ezingokwesayensi. Kodwa ezinye izincwadi zasendulo ezibhekwa njengezingcwele ziqukethe izinganekwane ezingokwesayensi, ukwaziswa okunganembile, namanga aluhlaza cwe. Phawula izibonelo ezine nje kuphela kweziningi zokunemba kweBhayibheli ngokwesayensi:

9, 10. Kunokubonisa imibono engeyona engokwesayensi yesikhathi salo, yini iBhayibheli elayisho ngesisekelo somhlaba?

9 Indlela umhlaba obanjwe ngayo emkhathini. Ezikhathini zasendulo lapho iBhayibheli lilotshwa, kwakunokucabangela okuningi ngokuqondene nokuthi umhlaba wawubanjwe yini emkhathini. Abanye babekholelwa ukuthi umhlaba wawusekelwe izindlovu ezine ezimi phezu kofudu olukhulu lwasolwandle. U-Aristotle, isazi sefilosofi esingumGreki futhi oyisazi sesayensi sekhulu lesine B.C.E., wafundisa ukuthi umhlaba wawungenakulenga emkhathini ongenalutho. Esikhundleni salokho, wafundisa ukuthi izindikimba zasezulwini zazinanyathiselwe ebusweni bezindilinga eziwugqinsi ezibonisa ngalé, indilinga ngayinye yakhelwe ngaphakathi kwenye indilinga. Kwakunenkolelo yokuthi umhlaba wawusendilingeni eyinkaba, futhi indilinga engaphandle kwazo zonke yayiphethe izinkanyezi.

10 Nokho, kunokubonisa imibono yokucabangela, engeyona engokwesayensi eyayikhona ngesikhathi sokulotshwa kwalo, iBhayibheli kalula nje (cishe ngonyaka ka-1473 B.C.E.) lathi: “[UNkulunkulu] uphanyeka umhlaba phezu kweze.” (Jobe 26:7) NgesiHeberu sokuqala, igama elisho “ize” elisetshenziswe lapha lisho ukuthi “hhayi noma iyiphi into,” futhi lesi ukuphela kwesikhathi elivela ngaso eBhayibhelini. Umfanekiso eliwunikezayo womhlaba ozungezwe umkhathi ongenalutho uqashelwa izazi njengombono ophawulekayo uma kucatshangelwa isikhathi salo. I-Theological Wordbook of the Old Testament ithi: “UJobe 26:7 ngokumangalisayo uveza umfanekiso womhlaba owawaziwa ngalesosikhathi ulenga emkhathini, kanjalo andulela okwakuzotholwa isayensi esikhathini esizayo.”

11, 12. Kunini lapho abantu baqala khona ukuqonda iqiniso elikuJobe 26:7?

11 Lenkulumo yeBhayibheli enembile yandulela u-Aristotle ngeminyaka engaphezu kwengu-1 100. Nokho, imibono ka-Aristotle yaqhubeka ifundiswa njengeyiqiniso eminyakeni engaba ngu-2 000 ngemva kokufa kwakhe! Ekugcineni, ngo-1687 C.E., uSir Isaac Newton wanyathelisa imiphumela yokucwaninga kwakhe eyathi umhlaba wawubanjwe emkhathini ngokuhlobene nezinye izinto zasezulwini ukukhangana kwawo nazo, okungukuthi, amandla adonsela phansi. Kodwa lokho kwaba seminyakeni ecishe ibe ngu-3 200 ngemva kokuba iBhayibheli liye lasho ngobuciko obulula ukuthi umhlaba ulenga “phezu kweze.”

12 Yebo, cishe eminyakeni engu-3 500 edlule, iBhayibheli laphawula ngokushaya emhloleni ukuthi umhlaba awunasisekelo esibonakalayo, iqiniso elivumelana nemithetho eqondwe muva impela yamandla adonsela phansi neyokunyakaza. “Ukuthi uJobe walazi kanjani leliqiniso,” kusho esinye isazi, “kuyinkinga engenakuxazululwa kalula yilabo abaphika ukuphefumlelwa kwemiBhalo Engcwele.”

13. Abantu babecabanga ukuthi sinjani isimo somhlaba emakhulwini amaningi eminyaka adlule, kodwa yini eyashintsha umqondo wabo?

13 Isimo somhlaba. I-Encyclopedia Americana yathi: “Umfanekiso omdala kakhulu owaziwayo abantu ababenawo ngomhlaba wawuwukuthi uyishashalazi eliyisicaba, elinganyakazi elisenkabeni yendawo yonke. . . . Umqondo womhlaba oyindilinga awuzange wamukelwe kabanzi kwaze kwaba seNkathini Yokushintsha.” Abanye abantu bakuqala ababehamba olwandle babeze besabe ngisho nokuthi kungase kwenzeke badlule onqenqemeni lomhlaba oyisicaba. Kodwa ukufika kwekhampasi nezinye izintuthuko kwenza kwaba nokwenzeka ukuthatha uhambo olude olwandle. ‘Loluhambo lokuthungulula’ kuchaza enye i-encyclopedia, “lwabonisa ukuthi umhlaba wawuyindilinga, hhayi isicaba njengoba abantu abaningi babeye bakholelwa.”

14. IBhayibheli lasichaza kanjani isimo somhlaba, futhi nini?

14 Nokho, esikhathini eside ngaphambi kokuba kuthathwe uhambo olunjalo, cishe eminyakeni engu-2 700 edlule, iBhayibheli lathi: “Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba.” (Isaya 40:22) Igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “isiyingelezi” lapha lingasho futhi “indilinga,” njengoba izincwadi ezihlukahlukene okubhekiselwa kuzo ziphawula. Ngakho-ke, ezinye izinguqulo zeBhayibheli zithi, “imbulunga yomhlaba” (Douay Version) noma “umhlaba oyindilinga.”—Moffatt.

15. Kungani iBhayibheli lingazange lithonywe imibono engeyona engokwesayensi ephathelene nomhlaba?

15 Ngakho, iBhayibheli alizange lithonywe imibono engeyona engokwesayensi eyayivamile ngalesosikhathi ngokuphathelene nesisekelo somhlaba nesimo sawo. Isizathu silula: UMlobi weBhayibheli unguMsunguli wendawo yonke. Wadala umhlaba, ngakho kufanele azi ukuthi ulenga phezu kwani nokuthi siyini isimo sawo. Ngakho, lapho ephefumlela iBhayibheli, waqikelela ukuba kungabikho mibono engeyona engokwesayensi efakwayo kulo, kungakhathaliseki ukuthi abanye babekholelwa kuyo kangakanani ngalesosikhathi.

16. Ukwakheka kwezinto eziphilayo kuvumelana kanjani nenkulumo yeBhayibheli?

16 Ukwakheka kwezinto eziphilayo. “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi,” kusho uGenesise 2:7. I-World Book Encyclopedia ithi: “Zonke izakhi ezingamakhemikhali ezenza izinto eziphilayo zikhona nasezintweni ezingaphili.” Ngakho wonke amakhemikhali ayisisekelo enza izinto eziphilayo, kuhlanganise nomuntu, ayatholakala nasemhlabeni ngokwawo. Lokhu kuyavumelana nenkulumo yeBhayibheli echaza lokho uNkulunkulu akusebenzisa lapho edala abantu nazo zonke ezinye izinto eziphilayo.

17. Liyini iqiniso mayelana nokuthi izinto eziphilayo zaba khona kanjani?

17 “Ngezinhlobo zazo.” IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala abantu bokuqala ababili nokuthi bonke abanye abantu bavela kubo. (Genesise 1:26-28; 3:20) Lithi nezinye izinto eziphilayo, njengezinhlanzi, izinyoni, nezilwane ezincelisayo, zenza okufanayo, zivela “ngezinhlobo zazo.” (Genesise 1:11, 12, 21, 24, 25) Yilokho kanye izazi zesayensi eziye zakuthola endalweni engokwemvelo, ukuthi yonke into ephilayo ivela kumzali wohlobo lwayo. Ayikho ehlukile. Kulendaba isazi sesayensi yemithetho yemvelo uRaymo siyaphawula: “Ukuphila kwenza ukuphila; kwenzeka sonke isikhathi kulelo nalelo ngqamuzana. Kodwa ukungaphili kwakwenza kanjani ukuphila? Kungomunye wemibuzo emikhulu kakhulu engaphenduliwe kuyisayensi yezinto eziphilayo, futhi kuze kube manje izazi zesayensi yezinto eziphilayo zingamane zinikeze ukuqagela nje kuphela. Ngandlela-thile izinto ezingaphili zakwazi ukuzihlela zaba izinto eziphilayo. . . . Umlobi kaGenesise kungenzeka wayeqinisile ngempela.”

Ukunemba Ngokomlando

18. Ummeli othile uthini ngokunemba kweBhayibheli ngokomlando?

18 IBhayibheli liqukethe umlando wasendulo onembe kakhulu kunowanoma iziphi ezinye izincwadi ezikhona. Incwadi ethi A Lawyer Examines the Bible iqokomisa ukunemba kwalo ngokomlando ngalendlela: “Nakuba izincwadi zothando, izinganekwane nobufakazi obungamanga kuqikelela ukuba kubeke izenzakalo ezilandiswayo endaweni ethile ekude nasesikhathini esithile esingaziwa, kanjalo zephule imithetho yokuqala thina njengabameli esiyifundayo yokumelela okuhle, ethi ‘isitatimende kumelwe sinikeze isikhathi nendawo,’ ukulandisa kweBhayibheli kusinikeza usuku nendawo yezinto ezilandiswayo ngokunembe ngokuphelele.”

19. Enye incwadi iyikhulumela kanjani imininingwane yeBhayibheli engokomlando?

19 I-New Bible Dictionary iyaphawula: “[Umlobi wezEnzo] uhlela ukulandisa kwakhe ngokuvumelana nomlando wangalesosikhathi; amakhasi omlando wakhe abhekisela kaningi ezimantshini zamadolobha, kubabusi bezifundazwe, emakhosini angaphansi kwamanye, njalonjalo, futhi lokhu kubhekisela isikhathi ngasinye kubonakala kuvumelana ngokuphelele nendawo nesikhathi okukhulunywa ngakho.”

20, 21. Isazi seBhayibheli sithini ngomlando weBhayibheli?

20 Ebhala kuyi-Union Bible Companion, uS. Austin Allibone uthi: “USir Isaac Newton . . . wayevelele futhi njengomcusumbuli wemibhalo yasendulo, futhi wayihlola ngokukhulu ukucophelela imiBhalo Engcwele. Uyini umbono wakhe kuleliphuzu? ‘Ngithola,’ esho, ‘izimpawu eziqiniseke ngokwengeziwe zokuba yiqiniso eTestamenteni Elisha kunakunoma imuphi omunye umlando ongengcwele [wezwe].’ UDkt. Johnson uthi sinobufakazi obuningi bokuthi uJesu Kristu wafela eKhalvari, njengoba kusho amaVangeli, kunesinabo bokuthi uJulius Caesar wafela eCapitol. Ngempela, sinobuningi kakhulu.”

21 Lencwadi iyanezela: “Ungabuza noma ubani othi uyalingabaza iqiniso lomlando wamaVangeli ukuthi yisiphi isizathu anaso sokukholelwa ukuthi uCaesar wafela eCapitol, noma ukuthi uMbusi uCharlemagne wathweswa umqhele wokuba uMbusi WaseNtshonalanga nguPapa uLeo III. ngo-800? . . . Wazi kanjani ukuthi umuntu onjengoCharles I. [waseNgilandi] wake waphila, nokuthi wanqunywa ikhanda, nokuthi u-Oliver Cromwell waba umbusi esikhundleni sakhe? . . . Ukuthi uSir Isaac Newton uyena owathola umthetho wamandla adonsela phansi . . . Siyazikholelwa zonke lezizinkulumo ezisanda kushiwo ngokuphathelene nalabantu; futhi lokho kungenxa yokuthi sinobufakazi obungokomlando beqiniso lazo. . . . Uma, lapho kuvezwa ubufakazi obunjengalobu, kusekhona abenqabayo ukukholelwa, siyabayeka njengabanenkani yobuwula noma abasithwe yisithupha.”

22. Kungani abanye benqaba ukwamukela ubuqiniso beBhayibheli?

22 Khona-ke lencwadi iyaphetha: “Khona-ke, sizothini ngalabo, naphezu kobufakazi obuningi obuvezwayo manje bobuqiniso bemiBhalo Engcwele, abathi abakaneliseki? . . . Ngokuqinisekile sinesizathu sokuphetha ngokuthi inhliziyo enephutha kunokuba kube ikhanda;—ukuthi abathandi ukukholelwa lokho okuthobisa ukuqhosha kwabo, futhi okuzobaqhubela ekubeni baphile ukuphila okuhlukile.”

Ukuvumelana Kwangaphakathi Nokwethembeka

23, 24. Kungani ukuvumelana kweBhayibheli kwangaphakathi kungokungavamile kangaka?

23 Cabanga ngencwadi eyaqala ukulotshwa ngesikhathi soMbuso WamaRoma, yaqhutshekiselwa phambili phakathi neNkathi Ephakathi, futhi yase iqedwa kulelikhulu lama-20, kunabalobi abaningi abahlukahlukene ababa nengxenye. Yimuphi umphumela obungawulindela uma abalobi babehlukile ngezikhundla zabo abanye bengamasosha, amakhosi, abapristi, abadobi, abelusi, nodokotela? Ingabe ubuyolindela ukuba lencwadi ivumelane futhi ibe nokubumbana kwangaphakathi? Ungase uthi, ‘Lutho Neze!’ Nokho, iBhayibheli lalotshwa ngaphansi kwalezizimo. Nokho, liyavumelana lilonke, hhayi nje kuphela emiqondweni emikhulu kodwa ngisho nasemininingwaneni emincane kakhulu.

24 IBhayibheli liyiqoqo lezincwadi ezingu-66 ezabhalwa phakathi nenkathi engaphezu kweminyaka engu-1 600 ngababhali abangaba ngu-40 abahlukahlukene, inkathi eqala ngo-1513 B.C.E. futhi ephela ngo-98 C.E. Ababhali babevela ezizindeni ezihlukahlukene zokuphila, futhi abaningi babengenakho noma ikuphi ukuxhumana nabanye. Nokho, incwadi eyaba umphumela ilandelela isihloko esisodwa esisemqoka, esibumbene ize iyophela, ngokungathi ibhalwe umuntu oyedwa. Futhi ngokuphambene nenkolelo yabathile, iBhayibheli aliwona umkhiqizo wempucuko yaseNtshonalanga, kodwa labhalwa abaseMpumalanga.

25. Ubuqotho nokwethembeka kweBhayibheli kusekela maphi amazwi ashiwo ababhali beBhayibheli?

25 Nakuba iningi lababhali basendulo labika kuphela ngokuphumelela kwalo nobuhle balo, ababhali beBhayibheli bona bawavuma obala amaphutha abo, kanye nokushiyeka kwamakhosi nabaholi babo. UNumeri 20:1-13 noDuteronomi 32:50-52 zibika ngokushiyeka kukaMose, futhi nguye owabhala lezozincwadi. UJona 1:1-3 no-4:1 ubika ngokushiyeka kukaJona, okunguyena owaloba lokho kulandisa. UMathewu 17:18-20; 18:1-6; 20:20-28; no-26:56 ulandisa ngezimfanelo ezibuthakathaka ezaboniswa abafundi bakaJesu. Ngakho, ubuqotho nokwethembeka kwababhali beBhayibheli kusekela ukusho kwabo ukuthi baphefumlelwa uNkulunkulu.

Isici Salo Esivelele Kakhulu

26, 27. Kungani iBhayibheli linemba kangaka ezindabeni ezingokwesayensi nakwezinye?

26 IBhayibheli ngokwalo lembula ukuthi kungani linembe kangaka ezindabeni zesayensi, zomlando, nakwezinye izindaba nokuthi kungani livumelana kangaka futhi liqotho. Libonisa ukuthi uMuntu Ophakeme, uNkulunkulu umninimandla onke, uMdali owasungula indawo yonke, nguye onguMlobi weBhayibheli. Wamane wasebenzisa ababhali beBhayibheli abangabantu njengonobhala bakhe, ebaqhuba ngamandla akhe amakhulu ayisiphekupheku ukuba babhale phansi lokho ayebaphefumlela ukuba bakubhale.

27 EBhayibhelini umphostoli uPawulu uthi: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa‚ nokusola‚ nokuqondisa‚ nokuyala ekulungeni‚ ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele‚ apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.” Futhi umphostoli uPawulu wabuye wathi: “Lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi‚ anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu‚ njengokuba liyilo isibili.”—2 Thimothewu 3:16, 17; 1 Thesalonika 2:13.

28. Khona-ke, livelaphi iBhayibheli?

28 Ngakho, iBhayibheli livela emqondweni woMlobi oyedwa—uNkulunkulu. Futhi ngamandla akhe asabekayo, kwakulula ukuba aqinisekise ukuthi ubuqotho balokho okwalotshwa buyalondolozwa kuze kube sosukwini lwethu. Sikhuluma ngalokhu, isazi esiholayo ngokuphathelene nemibhalo yesandla yeBhayibheli, uSir Frederic Kenyon, ngo-1940, sathi: “Isisekelo sokugcina sanoma ikuphi ukungabaza ukuthi imiBhalo iye yafinyelela kithi eqinisweni injengoba yalotshwa ekuqaleni manje sesisusiwe.”

29. Ikhono likaNkulunkulu lokuxhumana lingafanekiswa kanjani?

29 Abantu banekhono lokuthumela imiyalezo edluliselwa ngezimpawu ngomsakazo nangethelevishini emhlabeni isuka ezinkulungwaneni zamakhilomitha emkhathini, noma ngisho nasenyangeni. Abahlola umkhathi baye bathumela emhlabeni ukwaziswa okuphathekayo nemifanekiso okuvela kwamanye amaplanethi aqhele ngamakhilomitha angamakhulu ezigidi. Ngokuqinisekile uMdali womuntu, uMdali wamaza emisakazo, okungenani angenza okufanayo. Empeleni, kwakulula ukuba asebenzise amandla akhe amakhulu ukuze adlulisele amazwi nemifanekiso ezingqondweni zalabo akhetha ukuba babhale iBhayibheli.

30. Ingabe uNkulunkulu uyafuna ukuba abantu bathole ukuthi iyini injongo yakhe ngabo?

30 Ngaphezu kwalokho, kunezinto eziningi ngomhlaba nangokuphila okukuwo ezinikeza ubufakazi besithakazelo uNkulunkulu anaso ngesintu. Ngakho-ke, kuyaqondakala ukuthi wayeyofuna ukusiza abantu ukuba bathole ukuthi ungubani nokuthi iyini injongo yakhe ngabo ngokusho lezizinto ngokucacile encwadini—ubufakazi obuhlala njalo.

31. Kungani isigijimi esiphefumlelwe esilotshiwe siphakeme kakhulu ngaphezu kokwaziswa okudluliselwa ngezwi elishiwo ngomlomo?

31 Futhi, cabangela ukuphakama kwencwadi eyalotshwa uNkulunkulu, uma kuqhathaniswa nokwaziswa okwadluliselwa abantu ngomlomo kuphela. Izwi elishiwo ngomlomo lalingayikwethenjelwa, njengoba abantu babengabeka isigijimi ngawabo amazwi, futhi ngemva kwenkathi ethile yesikhathi, incazelo yaso yayiyohlanekezelwa. Babeyodlulisela lokhu kwaziswa ngezwi elishiwo ngomlomo ngokombono wabo siqu. Kodwa umbhalo olotshiwe ohlala njalo, ophefumlelwe nguNkulunkulu cishe akunakwenzeka ube namaphutha. Futhi, incwadi inganyatheliswa kabusha futhi ihunyushwe ukuze abantu abafunda izilimi ezihlukahlukene bakwazi ukuzuza kuyo. Ngakho akukhona yini okunengqondo ukuthi uMdali wethu wasebenzisa indlela enjalo ukuze anikeze ukwaziswa? Ngempela, kungaphezu kokuba nje okunengqondo, njengoba uMdali ethi yilokho akwenza.

Isiprofetho Esagcwaliseka

32-34. Yini iBhayibheli elinakho ezingenakho ezinye izincwadi?

32 Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liqukethe uphawu lokuphefumlelwa ngokwaphezulu ngendlela evelele kakhulu: Liyincwadi yeziprofetho eziye zagcwaliseka ngokungageji futhi eziqhubeka zigcwaliseka.

33 Ngokwesibonelo, ukubhujiswa kweTire lasendulo, ukuwa kweBabiloni, ukwakhiwa kabusha kweJerusalema, ukudlondlobala nokuwa kwamakhosi amaMede namaPheresiya nawamaGreki kwabikezelwa ngokuningiliziwe eBhayibhelini. Leziprofetho zazinembe kangangokuba abanye abacusumbuli, bazama, bangaphumelela, ukuba bathi zalotshwa ngemva kokuba lezenzakalo sezenzekile.—Isaya 13:17-19; 44:27–45:1; Hezekeli 26:3-6; Daniyeli 8:1-7, 20-22.

34 Iziprofetho uJesu azinikeza ngokubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E. zagcwaliseka ngokunembile. (Luka 19:41-44; 21:20, 21) Futhi iziprofetho eziphathelene ‘nezinsuku zokugcina’ ezanikezwa uJesu nomphostoli uPawulu ziyagcwaliseka ngayo yonke imininingwane kuso kanye isikhathi sethu.—2 Thimothewu 3:1-5, 13; Mathewu 24; Marku 13; Luka 21.

35. Kungani isiprofetho seBhayibheli singavela kuMdali kuphela?

35 Awukho umqondo womuntu, kungakhathaliseki ukuthi ukhaliphe kanjani, owawungazibikezela ngokunembe kangaka izenzakalo zesikhathi esizayo. Umqondo woMdali wendawo yonke onamandla kunabo bonke nohlakaniphe kunabo bonke kuphela ongenza kanjalo, njengoba sifunda kweyesi-2 Petru 1:20, 21: “Kasikho isiprofetho sombhalo esingachasiselwa ngumuntu ngokwakhe; ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu‚ kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.”

Linikeza Impendulo

36. Yini iBhayibheli elisitshela yona?

36 Ngakho, ngezindlela eziningi, iBhayibheli linobufakazi bokuba iZwi eliphefumlelwe loMuntu Ophakeme. Ngenxa yalokhu, lisitshela ukuthi kungani abantu besemhlabeni, ukuthi kungani kunokuhlupheka okuningi kangaka, ukuthi siyaphi, nokuthi izimo ziyoshintsha kanjani zibe ngcono. Lisembulela ukuthi ukhona uNkulunkulu ophakeme owadala abantu nalomhlaba ngenjongo nokuthi injongo yakhe iyogcwaliseka. (Isaya 14:24) Futhi iBhayibheli lisembulela ukuthi iyini inkolo yeqiniso nokuthi singayithola kanjani. Ngakho, liwukuphela komthombo wokuhlakanipha okuphakeme ongasitshela iqiniso ngayo yonke imibuzo ebalulekile ephathelene nokuphila.—IHubo 146:3; IzAga 3:5; Isaya 2:2-4.

37. Yini okumelwe ibuzwe ngokuphathelene neLobukholwa?

37 Nakuba kunobufakazi obuningi bokwethembeka nobuqiniso beBhayibheli, ingabe bonke labo abathi bayalamukela balandela izimfundiso zalo? Ngokwesibonelo, cabanga ngezizwe ezithi ziqhuba ubuKristu, okungukuthi, eLobukholwa. Zazilokhu zilithola iBhayibheli emakhulwini amaningi eminyaka. Kodwa ingabe ukucabanga kwazo nezenzo ngempela kubonisa ukuhlakanipha okuphakeme kukaNkulunkulu?

[Izithombe ekhasini 11]

USir Isaac Newton wayekholelwa ukuthi umhlaba wawubanjwe emkhathini ngokuhlobene nezinye izinto zasezulwini amandla adonsela phansi

Umfanekiso iBhayibheli eliwunikezayo womhlaba ozungezwe umkhathi ongenalutho uqashelwa izazi njengombono omangalisayo uma kucatshangelwa isikhathi salo

[Isithombe ekhasini 12]

Abanye abantu bakuqala ababehamba olwandle babeze basabe ngisho nokuthi bangase badlule onqenqemeni lomhlaba oyisicaba

[Isithombe ekhasini 13]

Kunobufakazi obengeziwe bokuthi uJesu Kristu waba khona kunalobo obukhona bokuthi uJulius Caesar, uMbusi uCharlemagne, u-Oliver Cromwell, noma uPapa Leo III baphila

[Isithombe ekhasini 15]

Ukugcwaliseka kweziprofetho uJesu azinikeza ngokubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E. kufakazelwa iKhothamo LikaTitus eRome

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela