Isiphetho
AKUYONA injongo yale ncwajana ukuxoxa ngokugcwele ngezinkolelo ezingokwenkolo zoFakazi BakaJehova. Kunalokho, sizame ukuchaza ezinye zezimiso oFakazi abazikholelwayo nokubonisa ngokucacile uhlobo lwamathonya emikhaya athonya umfundi wakho uma umzali oyedwa noma bobabili bengoFakazi.
OFakazi BakaJehova bayigcizelela kakhulu intuthuko yezingane zabo engokomoya. Futhi bayaqiniseka ukuthi lokhu kwenza izingane zabo zithuthuke nakwezinye izici. Izinkolelo abazikholelwayo nezimiso abazilandelayo zenza ukuphila kwabo kube nenjongo futhi zibasize bakwazi ukubhekana nezinkinga zabo zansuku zonke. Ngaphezu kwalokho, lezo zinkolelo nezimiso kufanele zibashukumisele ekubeni bazame ukuba abafundi abakhuthele nezakhamuzi ezilungile kukho konke ukuphila.
OFakazi bazama ukubheka ukuphila ngomqondo ongokoqobo, ngakho imfundo bayibheka njengebaluleke kakhulu. Ngenxa yalokho, kuyisifiso sabo ukubambisana nawe ngokusemandleni abo. Ngasohlangothini lwabo, emakhaya abo nasezindaweni zabo zokukhulekela emhlabeni wonke, bazoqhubeka bekhuthaza izingane zabo ukuba zifeze ingxenye yazo kulo msebenzi esibambisene kuwo onezithelo.