Ingabe Kufanele Izingane Zifunde NgoNkulunkulu?
“Inkolo inamandla okusenza sibe nenzondo kodwa iyehluleka ukusenza sithandane.”—UJONATHAN SWIFT, UMLOBI OYINGISI.
USWIFT washo la mazwi ekhulwini leminyaka le-18, kodwa abaningi namuhla bayavumelana naye. Eqinisweni, abanye bakholelwa ukuthi abazali akufanele babe nelungelo lokufundisa izingane zabo ngoNkulunkulu. Banomuzwa wokuthi izingane ezikhuliswa ngenkolo kunokuthile okuzilahlekelayo.
Wena ucabangani? Yikuphi okuzwakala kunengqondo kakhudlwana kulokhu okushiwo ngezansi?
● Abazali akufanele bavunyelwe ukuba bafundise izingane zabo ngoNkulunkulu.
● Abazali kufanele balinde zize zikhule izingane zabo ngaphambi kokuba baxoxe nazo ngezindaba zenkolo.
● Abazali kufanele badlulisele izinkolelo zabo ezinganeni lapho zisencane. Kodwa njengoba zikhula, kufanele bazikhuthaze ukuba zizicabangele zona ngale ndaba.
● Izingane kumelwe zamukele izimfundiso zabazali bazo ngoNkulunkulu zingabuzi ukuthi ziyiqiniso noma cha.
Ingabe Inkolo Iyazilimaza Izingane?
Akekho umzali okhathalelayo ofuna ukulimaza ingane yakhe. Kodwa ingabe amaqiniso ayakusekela lokho okushiwo yilabo abangafuni izingane zifunde ngoNkulunkulu? Sekungamashumi eminyaka abacwaningi behlolisisa imiphumela eba khona lapho ingane ikhuliswe ekhaya ngenkolo. Yini abayitholile?
Abacwaningi bathole ukuthi kunokuba ibe nethonya elilimazayo, inkolo ingaba nethonya elihle ekukhuleni kwengane. Umbiko ka-2008 owanyatheliswa ephephabhukwini elithi Social Science Researcha wathi: “Kubonakala sengathi inkolo iyabuthuthukisa ubuhlobo phakathi kwengane nabazali.” Lo mbiko waphinde wathi: “Inkolo nokunakekelana kubonakala kuyingxenye ebalulekile ekuphileni kwezingane eziningi futhi kubalulekile ebuhlotsheni bomkhaya.” Phawula ukuthi lolu cwaningo luvumelana kanjani nalokho okwashiwo uJesu Kristu: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.
Kuthiwani ngombono wokuthi ingane kufanele ikhule kuqala ngaphambi kokuba ifunde ngoNkulunkulu nangenkolo? Lowo mbono ulishaya indiva leli qiniso: Ingqondo yengane ifana nebhakede elingenalutho okufanele ligcwaliswe. Eqinisweni, abazali kufanele bakhethe phakathi kokuthi bazigcwalisela bona ekhaya “ibhakede” ngezimiso zokuziphatha nezinkolelo ababona zifaneleka noma bavumela noma yimiphi imibono engaphandle kwekhaya igcwalise ingqondo nenhliziyo yengane yabo.
Ilelephi imfihlo?
Umlando ubonisa ukuthi inkolo iyakwazi ukubhebhezela ubuzwe nenzondo. Ngakho-ke, abazali bangawugwema kanjani umphumela owachazwa uJonathan Swift? Bangazifundisa kanjani izingane zabo izinkolelo eziyozisiza ukuba zithande abanye?
Imfihlo ilele ekutholeni izimpendulo zale mibuzo emithathu: (1) Yini okufanele ifundwe izingane? (2) Ubani okufanele azifundise? (3) Yiziphi izindlela zokufundisa eziphumelela kakhulu?
[Umbhalo waphansi]
a Lolu cwaningo lwalusekelwe ekwazisweni okwatholakala ezinganeni ezingaphezu kuka-21 000 ezihlala e-United States, kubazali bazo nakothisha.