Isifundo 6
Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
Umiswe kuphi uMbuso kaNkulunkulu? (1) Ubani iNkosi yawo? (2)
Ingabe kunabanye abahlanganyela ekubuseni naleNkosi? Uma kunjalo, bangaki? (3)
Yini ebonisa ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina? (4)
UMbuso kaNkulunkulu uyosenzelani isintu esikhathini esizayo? (5-7)
1. Lapho esemhlabeni, uJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele uMbuso kaNkulunkulu. Umbuso nguhulumeni oholwa inkosi. UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni okhethekile. Umiswe ezulwini futhi uyobusa phezu kwalomhlaba. Uyongcwelisa igama likaNkulunkulu. Uyobangela ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini.—Mathewu 6:9, 10.
2. UNkulunkulu wathembisa ukuthi uJesu wayeyoba iNkosi yoMbuso waKhe. (Luka 1:30-33) Lapho uJesu esemhlabeni, wabonisa ukuthi wayeyoba uMbusi onomusa, ubulungisa, nophelele. Lapho ebuyela ezulwini, akazange abekwe esihlalweni njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu ngaso leso sikhathi. (Heberu 10:12, 13) Ngo-1914, uJehova wanikeza uJesu igunya ayemthembise lona. Kusukela lapho, uJesu uye wabusa ezulwini njengeNkosi kaJehova emisiwe.—Daniyeli 7:13, 14.
3. UJehova uye wakhetha futhi abanye besilisa nabesifazane abathembekile emhlabeni ukuba baye ezulwini. Bayobusa noJesu njengamakhosi, abahluleli, nabapristi phezu kwesintu. (Luka 22:28-30; IsAmbulo 5:9, 10) UJesu wabiza laba abayobusa naye eMbusweni wakhe ngokuthi ‘umhlambi omncane.’ Bangu-144 000.—Luka 12:32; IsAmbulo 14:1-3.
4. Lapho nje uJesu eba iNkosi, wakhipha uSathane nezingelosi zakhe ezimbi ezulwini wabaphonsa emhlabeni. Kungakho izinto ziye zaba zimbi kangaka lapha emhlabeni kusukela ngo-1914. (IsAmbulo 12:9, 12) Izimpi, indlala, izifo eziwumshayabhuqe, ukungabi namthetho okwandayo—konke lokhu kuyingxenye ‘yesibonakaliso’ esibonisa ukuthi uJesu uyabusa nokuthi lesi simiso sisezinsukwini zaso zokugcina.—Mathewu 24:3, 7, 8, 12; Luka 21:10, 11; 2 Thimothewu 3:1-5.
5. Ngokushesha uJesu uzokwahlulela abantu, abahlukanise njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi. “Izimvu” yilabo abayobe bezibonakalise beyizikhonzi zakhe ezithembekile. Bayothola ukuphila okumi phakade emhlabeni. “Izimbuzi” yilabo abayobe benqabe uMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 25:31-34, 46) Esikhathini esizayo esiseduze, uJesu uyobhubhisa bonke abanjengezimbuzi. (2 Thesalonika 1:6-9) Uma ufuna ukuba omunye ‘wezimvu’ zikaJesu, kumelwe ulalele isigijimi soMbuso futhi wenze ngokuvumelana nalokho okufundayo.—Mathewu 24:14.
6. Manje umhlaba uhlukaniswe waba amazwe amaningi. Ngalinye linohulumeni walo. Ngokuvamile lezi zizwe zilwa zodwa. Kodwa uMbuso kaNkulunkulu uyothatha isikhundla sabo bonke ohulumeni babantu. Uyobusa kube yiwo wodwa uhulumeni phezu kwawo wonke umhlaba. (Daniyeli 2:44) Ngaleso sikhathi ngeke kusaba nempi, ubugebengu, nobudlova. Bonke abantu bayohlala ndawonye ngokuthula nangobunye.—Mika 4:3, 4.
7. Phakathi nokuBusa KukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane, abantu abathembekile bayoba abaphelele, futhi wonke umhlaba uyoba ipharadesi. Ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, uJesu uyobe esenze konke uNkulunkulu amcele ukuba akwenze. Khona-ke uyobuyisela uMbuso kuYise. (1 Korinte 15:24) Kungani ungaxoxeli abangane bakho nabantu obathandayo ngalokho uMbuso kaNkulunkulu oyokwenza?
[Isithombe ekhasini 13]
Ngaphansi kokubusa kukaJesu, ngeke kusaba nanzondo noma ubandlululo