Isifundo 10
Imikhuba UNkulunkulu Ayizondayo
Kufanele uzizwe kanjani ngezinto uNkulunkulu athi zimbi? (1)
Yiziphi izinhlobo zokuziphatha kobulili ezingalungile? (2)
UmKristu kufanele akubheke kanjani ukuqamba amanga? (3)ukugembula? (3)ukweba? (3)ubudlova? (4) ukusebenzelana nemimoya? (5)ubudakwa? (6)
Umuntu angagqashula kanjani emikhubeni emibi? (7)
1. Izinceku zikaNkulunkulu zithanda okuhle. Kodwa kumelwe futhi zifunde ukuzonda okubi. (IHubo 97:10) Lokho kusho ukugwema imikhuba ethile uNkulunkulu ayizondayo. Yimiphi eminye yaleyo mikhuba?
2. Ubufebe: Ubulili ngaphambi komshado, ukuphinga, ukulala nesilwane, ukulala nesihlobo, nobungqingili konke kuyizono ezingathi sína kuNkulunkulu. (Levitikusi 18:6; Roma 1:26, 27; 1 Korinte 6:9, 10) Uma umbhangqwana uhlala ndawonye ungashadile, kufanele uhlukane noma ushade ngokomthetho.—Heberu 13:4.
3. Ukuqamba Amanga, Ukugembula, Ukweba: UJehova uNkulunkulu akanakuwaqamba amanga. (Thithu 1:2) Abantu abafuna ukwamukelwa nguye kumelwe bakugweme ukuqamba amanga. (IzAga 6:16-19; Kolose 3:9, 10) Zonke izinhlobo zokugembula zingcoliswe ukuhaha. Ngakho amaKristu awahlanganyeli kunoma yiluphi uhlobo lokugembula, njengama-lottery, imijaho yamahhashi, ne-bingo. (Efesu 5:3-5) Futhi amaKristu awebi. Awazithengi izinto aziyo ukuthi zebiwe noma athathe izinto ngaphandle kwemvume.—Eksodusi 20:15; Efesu 4:28.
4. Ukuqhuma Kwentukuthelo, Ubudlova: Intukuthelo engalawuliwe ingaholela ezenzweni zobudlova. (Genesise 4:5-8) Umuntu onobudlova akanakuba umngane kaNkulunkulu. (IHubo 11:5; IzAga 22:24, 25) Akulungile ukuphindisela noma ukubuyisela okubi ngenxa yezinto ezimbi abanye abangase bazenze kithi.—IzAga 24:29; Roma 12:17-21.
5. Iziphonso Nokusebenzelana Nemimoya: Abanye abantu bacela amandla emimoya lapho bezama ukwelapha ukugula. Abanye bangase baphonse izitha zabo ngeziphonso ukuze zigule noma bazibulale nokuzibulala. Amandla abangela lemikhuba uSathane. Ngakho amaKristu akumelwe ahlanganyele kunoma imiphi kuyo. (Duteronomi 18:9-13) Ukuhlala eduze noJehova kuyisivikelo esingcono kakhulu eziphonsweni abanye abangase baziqondise kithi.—IzAga 18:10.
6. Ubudakwa: Akukho lutho olungalungile ngokuphuza ingcosana yewayini, ubhiya, noma olunye uphuzo oludakayo. (IHubo 104:15; 1 Thimothewu 5:23) Kodwa ukuphuza kakhulu nobudakwa akulungile emehlweni kaNkulunkulu. (1 Korinte 5:11-13; 1 Thimothewu 3:8) Ukuphuza kakhulu kungonakalisa impilo yakho futhi kuphazamise nomkhaya wakho. Futhi kungakwenza uwele ngokushesha kwezinye izilingo.—IzAga 23:20, 21, 29-35.
7. Abantu abenza izinto uNkulunkulu athi zimbi ngeke “bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.” (Galathiya 5:19-21) Uma umthanda ngempela uNkulunkulu futhi ufuna ukumjabulisa, ungagqashula kulemikhuba. (1 Johane 5:3) Funda ukuzonda lokho uNkulunkulu athi kubi. (Roma 12:9) Jwayelana nabantu abanemikhuba yokuhlonipha uNkulunkulu. (IzAga 13:20) Abangane abangamaKristu avuthiwe bangase babe umthombo wosizo. (Jakobe 5:14) Ngaphezu kwakho konke, thembela osizweni lukaNkulunkulu ngomthandazo.—Filipi 4:6, 7, 13.
[Izithombe ekhasini 20, 21]
UNkulunkulu uyabuzonda ubudakwa, ukweba, ukugembula, nezenzo zobudlova