Ingabe Incwadi Ekufanele?
Eminyakeni engu-3000 edlule uSolomoni wathi: “Ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela.” (UmShumayeli 12:12) Lawo mazwi aseyiqiniso ngendlela efanayo nanamuhla. Ngaphandle kwezincwadi ezithile eziseqophelweni eliphezulu, unyaka ngamunye kunyatheliswa izinkulungwane zezincwadi ezintsha. Njengoba kunezincwadi eziningi kangaka okungase kukhethwe kuzo, kungani kufanele ufunde iBhayibheli?
ABANTU abaningi bafunda izincwadi ukuze nje bazijabulise noma babe nolwazi, noma mhlawumbe ngenxa yazo zombili lezi zizathu. Kungase kube okufanayo nangokufunda iBhayibheli. Kungavuselela umoya ophansi, futhi kujabulise. Kodwa iBhayibheli lingaphezu kwalokho. Liwumthombo oyingqayizivele wolwazi.—UmShumayeli 12:9, 10.
IBhayibheli liphendula imibuzo abantu asebenesikhathi eside becabanga ngayo—imibuzo ephathelene nesikhathi sethu esidlule, isikhathi sethu samanje kanye nekusasa lethu. Abaningi bangase babuze: Savelaphi? Iyini injongo yokuphila? Singayithola kanjani injabulo ekuphileni? Ingabe emhlabeni kuyohlale kunezinto eziphilayo? Ikusasa lisiphatheleni?
Bonke ubufakazi obuqoqiwe obunamandla obunikezwe lapha buqinisekisa ngokucacile ukuthi iBhayibheli linembile futhi kungethenjelwa kulo. Sesibonile kakade ukuthi iseluleko salo esiwusizo singasisiza kanjani ukuba siphile ukuphila okunenjongo nokujabulisayo. Njengoba izimpendulo zalo ngokuphathelene nesikhathi samanje zanelisa, ngokuqinisekile-ke izimpendulo zalo ngesikhathi esidlule kanye neziprofetho eziphathelene nesikhathi esizayo ziyakufanelekela ukuba sizihlole ngokucophelela.
Indlela Yokuzuza Okwengeziwe
Abantu abaningi baye baqala ukufunda iBhayibheli kodwa base beyeka lapho bethola izingxenye okunzima ukuziqonda. Uma nawe uye wabhekana nokufanayo, kunezinto ezithile ezingase zibe usizo.
Khetha inguqulo enokwethenjelwa ngolimi olusetshenziswa namuhla, njenge-New World Translation of the Holy Scriptures.a Abanye abantu baqala ngokufunda izindaba zamaVangeli zokuphila kukaJesu, ozimfundiso zakhe ezihlakaniphile, njengalezo ezanikezwa eNtshumayelweni yaseNtabeni, zibonisa ukusazi kahle isimo sabantu nezichaza indlela esingathuthukisa ngayo indlela yethu yokuphila.—Bheka uMathewu izahluko 5 kuya ku-7.
Ngaphezu kokulifunda lonke iBhayibheli, indlela yokutadisha ngokwezihloko ezithile ingaba ngefundisa ngempela. Lokhu kuhlanganisa ukuhlaziya lokho iBhayibheli elikushoyo ngesihloko esithile. Kungase kukumangalise ukwazi lokho iBhayibheli elikushoyo ngempela ngezindaba ezinjengomphefumulo, izulu, umhlaba, ukuphila, ukufa kanye noMbuso kaNkulunkulu—lokho oyikho nalokho ozokufeza.b OFakazi BakaJehova banesimiso sokutadisha iBhayibheli ngokwezihloko, abakunikeza mahhala. Ungabuza ngaso ngokubhalela abanyathelisi, usebenzisa ikheli elifanele ohlwini olusekhasini 2.
Ngemva kokuhlola ubufakazi, abantu abaningi baye baphetha ngokuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu, lowo imiBhalo embiza ngokuthi “uJehova.” (IHubo 83:18) Ungase ungaqiniseki ukuthi iBhayibheli livela phezulu. Kodwa kungani ungazihloleli wena? Siyaqiniseka ukuthi ngemva kokufunda, ukuzindla, futhi mhlawube nokuzibonela ngawakho ukuba yigugu kokuhlakanipha okungaphelelwa yisikhathi, uyophetha ngokuthi iBhayibheli ngempela liyincwadi yabo bonke abantu—incwadi ekufanele.
[Imibhalo yaphansi]
a Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Incwadi eye yasiza abaningi ekutadisheni iBhayibheli ngokulifunda ngokwezihloko ezihleliwe, ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, ekhishwa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.