Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ie kk. 28-29
  • Kubalulekile Ukwazi Iqiniso Ngomphefumulo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kubalulekile Ukwazi Iqiniso Ngomphefumulo
  • Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhululeka Ekwesabeni Nasekuphelelweni Yithemba
  • Lithini IBhayibheli Ngokuphila Ngemva Kokufa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Ingabe Unomphefumulo Ongafi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • “Iqiniso Liyonikhulula”—Kanjani?
    I-Phaphama!—2012
  • Lokho IBhayibheli Elikushoyo Ngomphefumulo
    Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?
Bheka Okunye
Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?
ie kk. 28-29

Kubalulekile Ukwazi Iqiniso Ngomphefumulo

“Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.”—JOHANE 8:32.

1. Kungani kubalulekile ukuhlola izinkolelo zethu mayelana nomphefumulo nokufa?

BIZINKOLELO ezimayelana nokufa nokuPhila Ngemva Kokufa ngokuyinhloko ziwumphumela wesizinda somuntu esingokwenkolo nesamasiko. Njengoba sesibonile, zisuka ekukholelweni ukuthi umphefumulo ufinyelela umgomo wawo wokugcina kuphela ngemva kokuzalwa kabusha okuningi, ziya emqondweni wokuthi isikhathi sokuphila komuntu yisona esinquma isiphetho sakhe. Ngenxa yalokho, omunye umuntu angazizwa eqiniseka ukuthi uyogcina ethole ukuphila kokugcina lapho efa, omunye angaqiniseka ngokuthi uyofinyelela i-Nirvana, kanti omunye angaqiniseka ngokuthi uyothola umvuzo wasezulwini. Liyini-ke iqiniso? Njengoba izinkolelo zethu zithonya isimo sethu sengqondo, izenzo zethu nezinqumo zethu, akufanele yini sikukhathalele ukuthola impendulo yalowo mbuzo?

2, 3. (a) Kungani singathembela kulokho iBhayibheli elikushoyo ngomphefumulo? (b) Njengoba kusho iBhayibheli, liyini iqiniso ngomphefumulo?

2 Incwadi endala kunazo zonke emhlabeni, iBhayibheli, inikeza umlando womuntu kusukela ekudalweni komphefumulo wokuqala ongumuntu. Izimfundiso zalo azinawo amafilosofi namasiko abantu. IBhayibheli lilibeka ngokucacile iqiniso ngomphefumulo: Umphefumulo wakho unguwena, abafileyo abaphili nhlobo, labo abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayovuswa ngesikhathi sakhe esifanele. Ukwazi lokhu kungasho ukuthini ngawe?

3 “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula,” kusho uJesu Kristu kubalandeli bakhe. (Johane 8:32) Yebo, iqiniso liyakhulula. Kodwa iqiniso elimayelana nomphefumulo liyosikhulula kukuphi?

Ukukhululeka Ekwesabeni Nasekuphelelweni Yithemba

4, 5. (a) Iqiniso ngomphefumulo liqeda kuphi ukwesaba? (b) Ithemba lovuko lamenza kanjani waba nesibindi osemusha owayegulela ukufa?

4 “Abantu abaningi bayakwesaba ukufa futhi bazama ukungacabangi ngakho,” kusho i-World Book Encyclopedia. “Cishe igama elithi ‘ukufa’ alisaphathwa nakuphathwa eNtshonalanga,” kuphawula esinye isazi-mlando. Futhi kweminye imiphakathi kuvame ukusetshenziswa amagama enhlonipho anjengathi “akasekho” nelithi “udlulile emhlabeni” lapho kuchazwa ukufa komuntu. Empeleni lokhu kwesaba ukufa kuwukwesaba into engaziwa, ngoba kubantu abaningi ukufa kuyimfihlakalo. Ukwazi iqiniso ngokuthi kwenzekani lapho sifa kuqeda lokhu kwesaba.

5 Ngokwesibonelo, cabanga ngesimo sengqondo sikaMichaelyn oneminyaka engu-15. Wayenomdlavuza wegazi futhi egulela ukufa. Unina, uPaula, uyakhumbula: “UMichaelyn wathi wayengenandaba nokufa ngoba wayazi ukuthi kungokwesikhashana nje. Sakhuluma okuningi ngomhlaba omusha kaNkulunkulu nangabo bonke abayovuselwa kuwo. UMichaelyn wayenokholo olukhulu kakhulu kuJehova uNkulunkulu nasovukweni—engenakungabaza nokuncane.” Ithemba lovuko lakhulula lentombazanyana enesibindi ekunqotshweni ukwesaba ukufa.

6, 7. Iqiniso ngomphefumulo lisikhulula kukuphi ukuphelelwa yithemba? Bonisa.

6 Leli qiniso labathinta kanjani abazali bakaMichaelyn? “Ukufa kwentombazanyana yethu kwaba yinto ebuhlungu ukuzedlula zonke ezake zasehlela,” kusho uJeff, uyise. “Kodwa sithembele ngokuphelele esithembisweni sikaJehova sovuko, futhi sibheke phambili ekugoneni uMichaelyn wethu esimthandayo futhi. Yeka isikhathi esimnandi okuyoba yiso!”

7 Yebo, iqiniso ngomphefumulo likhulula umuntu ekuphelelweni yithemba okudangalisayo okungase kulethwe ukufa kothandekayo. Yebo, akukho lutho olungabuqeda ngokuphelele ubuhlungu nokudabuka okuzwayo lapho kufa omthandayo. Nokho, ithemba lovuko lidambisa ukudabuka futhi lenza kube lula kakhulu ukuthwala ubuhlungu.

8, 9. Iqiniso ngesimo sabafileyo lisikhulula kukuphi ukwesaba?

8 Iqiniso elingokomBhalo ngesimo sabafileyo liyasikhulula nasekwesabeni abafileyo. Kusukela bafunda leli qiniso, abaningi ababeke baboshwa amasiko ayizinkolelo-ze aphathelene nabafileyo abasazikhathazi ngeziqalekiso, amashwa, izintelezi neziphonso, futhi abasayenzi imisebenzi eyiziphihli yokushweleza kokhokho neyokubanqanda bangabuyi bazohlupha abaphilayo. Ngempela, njengoba abafileyo ‘bengazi lutho,’ imikhuba enjalo iyize.—UmShumayeli 9:5.

9 Iqiniso elitholakala eBhayibhelini mayelana nomphefumulo, ngempela liyakhulula futhi linokwethenjelwa. Kodwa cabangela nethuba elihle iBhayibheli elikuvulela lona.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]

Iqiniso ngomphefumulo likukhulula ekwesabeni ukufa, ekwesabeni abafileyo nasekuphelelweni yithemba ngenxa yokufelwa othandekayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela