Kingdom News No. 36
Inkulungwane Entsha Yeminyaka—Likuphatheleni Ikusasa?
Inkulungwane Entsha Yeminyaka—Ingabe Iwukuqala Kwenkathi Entsha?
PHAKATHI kwamabili ngo-December 31, 1999, kwaphela ikhulu lama-20 leminyaka.a Ziningi izinhlekelele ezenzeke kuleli khulu leminyaka. Kodwa kwasungulwa nezinto ezintsha zobuchwepheshe, kwenziwa intuthuko ephawulekayo kwezokwelapha, kwaba nolwazi oluningi futhi umnotho womhlaba wakhula ngokushesha. Ngakho-ke, inkulungwane entsha yeminyaka iye yamukelwa abaningi njengophawu lwethemba nezinguquko. Ingabe kule nkulungwane yeminyaka kungenzeka kuphele izimpi, ubumpofu, ukunukubezwa kwendawo esizungezile nezifo?
Abaningi banalelo themba. Kodwa kunethuba elingakanani lokuba inkulungwane entsha yeminyaka ilethe izinguquko eziyokuzuzisa—izinguquko eziyokwenza ukuphila kwakho nokomkhaya wakho kulondeke? Cabanga nje ukuthi zisithinta ngezinga elikhulu kangakanani ezimbalwa nje zezinkinga esibhekene nazo.
Ukungcola
Amazwe athuthukile ngokwezimboni “abangela umonakalo endaweni esizungezile emhlabeni wonke kanye nokusakazeka kokungcola nokuphazamiseka kwesimiso sezinto eziphilayo.” Uma isimo esikhona siqhubeka, “imvelo izokhinyabezeka kakhulu.”—“Global Environment Outlook—2000,” United Nations Environment Programme.
Ukugula
“Ngonyaka ka-2020, izifo ezingathathelwana kulindeleke ukuba zibangele ukufa kwabantu abayisikhombisa kwabayishumi emazweni asathuthuka, uma kuqhathaniswa nokungaphansi kwengxenye namuhla.”—“The Global Burden of Disease,” Harvard University Press, 1996.
Abanye ochwepheshe bathi “ngo-2010, abantu [abayobe bephila] bayobe benciphe ngezigidi ezingu-66 emazweni angu-23 ahlaselwe kabi ubhadane lwesifo [sengculaza].”—“Confronting AIDS: Evidence From the Developing World,” umbiko we-European Commission ne-World Bank.
Ubumpofu
“Cishe abantu abayizigidi ezingu-1 300 baphila ngemali engaphansi kwe-dollar [R6] ngosuku, futhi abacishe babe izigidi eziyinkulungwane abakwazi ukuthola ukudla okuyisisekelo.”—“Human Development Report 1999,” United Nations Development Programme.
Impi
“Ubudlova bangaphakathi [emazweni ahlukahlukene] bungafinyelela amazinga angakaze abonwe. Bubangelwa [ukuhlukana] ngokobuzwe, ngokobuhlanga nangokwenkolo, . . . ubudlova obunjalo buyobangela . . . uhlobo lokuxabana oluyovama kakhulu eminyakeni engu-25 ezayo . . . , lubulale amakhulu ezinkulungwane zabantu unyaka ngamunye.”—“New World Coming: American Security in the 21st Century,” U.S. Commission on National Security/21st Century.
Ngakho-ke isasasa nenjabulo ngenxa yenkulungwane entsha yeminyaka kugqiba nje iqiniso lokuthi ukungcola, ukugula, ubumpofu nempi kuwusongo olukhulu kunanini ngaphambili. Umsuka walezi zinkinga ukuhaha, ukungathembani nobugovu—imikhuba engeke nje iqedwe ukucwaninga kwesayensi, ubuchwepheshe noma ezombusazwe.
Inkulungwane Yeminyaka Eyobusisa Isintu
UMLOBI wamandulo wake wathi: “Indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Umuntu akantuli nje ikhono kodwa futhi untula nelungelo lokubusa umhlaba. NguMenzi wethu, uJehova uNkulunkulu kuphela onelungelo nokuhlakanipha kokuxazulula izinkinga zesintu.—Roma 11:33-36; IsAmbulo 4:11.
Kodwa nini? Kanjani? Kunobufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi siseduze nokuphela ‘kwezinsuku zokugcina.’ Siza uvule iBhayibheli lakho, ufunde eyesi-2 Thimothewu 3:1-5. Lizichaza ngokucacile izici zobuntu abantu ababeyozibonakalisa phakathi nalezi “zikhathi ezibucayi.” Umbhalo kaMathewu 24:3-14 nokaLuka 21:10, 11 nayo ichaza “izinsuku zokugcina.” Igxila ezenzakalweni ezingokoqobo eziye zenzeka kusukela ngo-1914, njengempi yomhlaba wonke, izifo eziwumshayabhuqe nokuswelakala kokudla okusakazekile.
Maduzane ‘izinsuku zokugcina’ zizophela. UDaniyeli 2:44 uthi: “UNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa . . . uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso [yasemhlabeni], wona uqobo ume phakade.” Yileyo ndlela okwabikezelwa ngayo ukuthi uNkulunkulu uyomisa uMbuso, noma uhulumeni oyobusa umhlaba. NgokwesAmbulo 20:4, lo hulumeni ubusa iminyaka eyinkulungwane! Cabanga nje ngezinye zezindlela izimo zokuphila zaso sonke isintu eziyothuthuka ngazo phakathi neMinyaka Eyinkulungwane:
Ezomnotho. “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye.”—Isaya 65:21, 22.
Ezempilo. “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.” “Abakhé khona abayikusho ukuthi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24; 35:5, 6.
Isimo Sendawo. UNkulunkulu ‘uyochitha labo abachitha umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.
Ubuhlobo Babantu. “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova.”—Isaya 11:9.
Izigidi zinokholo kulezi zithembiso zeBhayibheli futhi ngenxa yalokho ziye zaba nethemba lokuhle kanye nombono oqondile ngekusasa. Ngenxa yalokho, ziyakwazi ukubhekana kangcono nezingcindezi kanye nezinkinga zokuphila. IBhayibheli lingaba kanjani amandla aqondisayo ekuphileni kwakho?
Ulwazi Oluholela Ekuphileni!
ISAYENSI nobuchwepheshe ngezinye izikhathi kungamangalisa! Nakuba kunjalo, ulwazi lomuntu aluzange lwenze ukuphila kulondeke futhi kujabulise kubantu abaningi. Okuwukuphela kolwazi olungafeza lokhu luchazwe eBhayibhelini kuJohane 17:3, othi: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.”
Ulwazi olunjalo lutholakala emakhasini eBhayibheli. Nakuba abaningi benemibono ephikisanayo naleyo ncwadi engcwele, bambalwa abake bazihlolela yona ngokwabo. Kuthiwani ngawe? Kuyavunywa, ukufunda iBhayibheli kudinga umzamo omkhulu. Kodwa kuwufanele. IBhayibheli liwukuphela kwencwadi ‘ephefumulelwe uNkulunkulu futhi enenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.’—2 Thimothewu 3:16.
Khona-ke, ungaqala kanjani ukuzijwayelanisa neBhayibheli? Kungani ungamukeli usizo loFakazi BakaJehova? Banikeza izigidi zabantu imfundo yamahhala emakhaya abo. Ukuze bakusize kulokhu, basebenzisa izincwadi ezihlukahlukene ezisekelwe eBhayibhelini, njengencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Inikeza izimpendulo ezicacile emibuzweni eminingi ongase ube nayo ngokuqondene neBhayibheli, njengalena: Ungubani uNkulunkulu? Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba? Uyini uMbuso kaNkulunkulu? IBhayibheli lingakuthuthukisa kanjani ukuphila komkhaya wakho?
Uma ungathanda ukuba omunye woFakazi BakaJehova akuvakashele ekhaya, siza ugcwalise isigqebhezana esingezansi. Bayokujabulela ukukunikeza ukwaziswa okwengeziwe mayelana nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane KoMbuso KaNkulunkulu!
□ Ngingathanda ukuthola incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Bonisa ulimi oluthandayo
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala
[Umbhalo waphansi]
a Lapha sikhuluma ngemibono yaseNtshonalanga mayelana nenkulungwane entsha yeminyaka. Ngokomthetho, inkulungwane entsha yeminyaka iqala ngo-January 1, 2001.