Ukuhlakulela Isithakazelo Esivuswé Yi-Kingdom News No. 36
1 Ingabe usuqedile ukusakaza amapheshana e-Kingdom News No. 36 owanikeziwe? Le-Kingdom News ibuza umbuzo ofanele, okufanele sonke sicabange ngawo: “Inkulungwane Entsha Yeminyaka—Likuphatheleni Ikusasa?” Njengoba unyaka ka-2000 wawusondela, kwakunokwehluka okukhulu mayelana nokwakulindelwe ukuba inkulungwane entsha yeminyaka ikulethe. I-Kingdom News No. 36 icabangela ezinye zalezo zinto ezazilindelwe, isikhumbuze ukuthi izimo zezwe azisiniki sizathu sokuba nethemba. Okuwukuphela kwenkulungwane yeminyaka eyoletha ukuthula nokulondeka okufunwa abantu abaningi ukuBusa KukaKristu Jesu Kweminyaka Eyinkulungwane. Ukuthembela kwethu ekubeni ngokoqobo koMbuso wakhe kuye kwasishukumisela ukuba sisakaze i-Kingdom News No. 36 kubo bonke abantu esingabathola.
2 Ukusabela Kuyi-Kingdom News: Ukusakazwa kwe-Kingdom News esikhathini esidlule kwakufaka ugqozi emsebenzini wethu. Igatsha laseCanada labhala ngokuphathelene ne-Kingdom News No. 35: “Lo mkhankaso okhethekile uye wasekelwa ngentshiseko ngabamemezeli namaphayona ensimini, futhi kwajatshulelwa okuhlangenwe nakho okuningi okujabulisayo.” Akungabazeki ukuthi nawe uye wabonisa intshiseko efanayo ngokusakaza i-Kingdom News No. 36.
3 Umkhankaso wamanje we-Kingdom News kuhlelwe ukuba uphele ngo-November 17, 2000. Ingabe seniyihlanganise yonke insimu eyabelwe ibandla lenu? Uma kungenjalo, abadala bangase banicele ukuba niqhubeke nalo mkhankaso kuze kube sekupheleni kuka-November.
4 Kuze kube manje kuye kwaba njani ukusabela ekusakazweni kwe-Kingdom News No. 36 endaweni yakini? Abantu abambalwa bazogcwalisa isigqebhezana bacele ikhophi yencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? kanye nesifundo seBhayibheli sasekhaya. Nokho, iningi lalabo ababonisa isithakazelo endabeni yenkulungwane yeminyaka cishe ngeke basithathe isinyathelo kuze kube yilapho omunye woFakazi BakaJehova ephinda ebavakashela. Bonke ababonise isithakazelo kufanele bavakashelwe futhi. Yisiphi isikhathi esikahle sokwenza lokhu? Ukulandelela kufanele kwenziwe ngokushesha ngangokunokwenzeka.
5 Phawula okuhlangenwe nakho okwaba umphumela wokuphindela lapho kwakushiywe khona i-Kingdom News No. 35. E-Ireland, iphayona lashiyela umnini-sitolo sokudlela i-Kingdom News. Isigijimi samhlaba umxhwele lona wesifazane futhi wacela udade ukuba abuye. Udade wabuya ngemva kwezinsuku ezimbili, waqala isifundo seBhayibheli. EDenmark, kwashiywa i-Kingdom News endlini eyayingenamuntu. Ngalo lolo suku owesifazane owayehlala lapho wathumela isigqebhezana ehhovisi legatsha, elasithumela ebandleni lakuleyo ndawo. Lingakapheli isonto, odade ababili bamvakashela, kwahlelwa isifundo, futhi lona wesifazane waya emhlanganweni wokuqala ngqá eHholo LoMbuso!
6 Okufanele Ukusho Lapho Ubuyela: Kulula ukwenza izimpindelo lapho ushiye khona i-Kingdom News futhi kuyingxenye ejabulisayo yenkonzo yethu. Kutuswa ukuba uphathe i-Kingdom News No. 36 lapho ubuyela, ngoba umninikhaya angase angabi nayo ikhophi yakhe. Ungase uzame lokhu kusikisela okulandelayo.
7 Ngemva kokukhumbuza umninikhaya ukuthi ungubani, ungase uthi:
7◼ “Ngakushiyela ipheshana elinesihloko esithi ‘Inkulungwane Entsha Yeminyaka—Likuphatheleni Ikusasa?’ Akukukhuthazanga yini ukufunda ukuthi ukuBusa KukaKristu Jesu Kweminyaka Eyinkulungwane kuzoqala ngokushesha, kulethe izimo zePharadesi emhlabeni? [Mbonise imifanekiso yePharadesi kuyi-Kingdom News No. 36.] Ekhasini lokugcina, umenywa ukuba u-ode ikhophi yencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?” Mbonise incwajana, uvule isifundo 5, funda umbuzo wokuqala nesigaba 1 no-2, bese ucela umninikhaya ukuba aphawule. Funda futhi uxoxe ngombhalo owodwa noma emibili. Uma kungenzeka, cabangela omunye umbuzo nesigaba, khona-ke hlela ukubuyela niqhubeke nengxoxo.
8 Njengoba isipho sokulandelela ngo-November kuyoba incwajana ethi “Yini UNkulunkulu Ayifunayo?” noma incwadi ethi “Ulwazi,” ungase uthi:
8◼ “Ngesikhathi ngikuvakashele, ngakushiyela ikhophi yepheshana elinesihloko esithi ‘Inkulungwane Entsha Yeminyaka—Likuphatheleni Ikusasa?’ Likhuluma ngesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Sengibuyile ngizokubonisa insiza kufundisa esiyisebenzisayo. [Mbonise incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? uvule ikhasi lokugcina; noma umbonise incwadi Ulwazi, uvule amakhasi 188-9.] IMinyaka Eyinkulungwane okukhulunywa ngayo eBhayibhelini izoletha izimo ezinjengalezi ozibona kulo mfanekiso. Ukuze sifanelekele ukuphila ePharadesi, kudingeka singenise ulwazi oluqondile ngoNkulunkulu. Ngicela ungivumele ngikubonise kafushane ukuthi silitadisha kanjani iBhayibheli.”
9 Ukusakazwa kwe-Kingdom News No. 36 kuye kwasishukumisela ukuba sandise ukuhlanganyela kwethu enkonzweni, sinikeze ubufakazi obukhulu. Cishe lokhu kuye kwashukumisa isithakazelo sabantu abaningi ensimini. Ngosizo lukaJehova, imizamo yethu ehlangene yokuhlakulela lesi sithakazelo, iyophumela ekutholeni abengeziwe abanjengezimvu.—Math. 10:11; IzEnzo 13:48, 49, 52.