Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jt k. 25-k. 26
  • Inhlangano Yabo Nomsebenzi Wabo Womhlaba Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inhlangano Yabo Nomsebenzi Wabo Womhlaba Wonke
  • OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inhlangano Yabo Yomhlaba Wonke Nomsebenzi
    OFakazi BakaJehova Ekhulwini Lamashumi Amabili
  • Ababonisi Abelusa Umhlambi
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Kwenziwani Ehhovisi Legatsha?
    Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Indlela OFakazi BakaJehova Abahlelwe Ngayo
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
Bheka Okunye
OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?
jt k. 25-k. 26

Inhlangano Yabo Nomsebenzi Wabo Womhlaba Wonke

KUNEMIZILA ehlukahlukene ehlobene esetshenziswa ekuqondiseni umsebenzi wokufakaza owenziwa emazweni angaphezu kuka-230. Konke ukuqondisa kusuka eNdikimbeni Ebusayo endlunkulu yomhlaba wonke eBrooklyn, eNew York. Unyaka ngamunye iNdikimba Ebusayo ithumela abameleli ezindaweni ezihlukahlukene emhlabeni wonke ukuyobonisana nabameleli bamagatsha kulezo zindawo. Emahhovisi amagatsha, kunamaKomiti Egatsha anamalungu amathathu kuya kwangu-7 engamela umsebenzi emazweni angaphansi kokuqondisa kwawo. Amanye amagatsha anamafektri okunyathelisa, amanye asebenzisa imishini yokunyathelisa enejubane elikhulu. Izwe noma indawo ekhonzwa yigatsha ngalinye ihlukaniswe ngezigodi, kanti izigodi zona zihlukaniswe ngezifunda. Isifunda ngasinye sinamabandla angaba ngu-20. Umbonisi wesigodi uyajikeleza ehambela izifunda ezisesigodini sakhe. Isifunda ngasinye siqhuba imihlangano emibili ngonyaka. Kukhona nombonisi wesifunda, futhi ngokuvamile uvakashela ibandla ngalinye elisesifundeni sakhe kabili ngonyaka, esiza oFakazi ekuhleleni nasekwenzeni umsebenzi wokushumayela ensimini eyabelwe lelo bandla.

Ibandla lendawo elineHholo LoMbuso liyisikhungo sokusakaza izindaba ezinhle emphakathini wakini. Izindawo ezingaphansi kwebandla ngalinye zihlukaniswa zibe amasimu amancane. Zabelwa oFakazi abazama ukuvakashela futhi bakhulume nabantu emzini ngamunye okuleyo ndawo. Ibandla ngalinye, elakhiwa oFakazi abambalwa kuya kwabangaba ngu-200, linabadala ababelwe ukunakekela imisebenzi ehlukahlukene. Ummemezeli ngamunye wezindaba ezinhle ubalulekile enhlanganweni yoFakazi BakaJehova. Bonke oFakazi, kungakhathaliseki ukuthi bakhonza endlunkulu yomhlaba wonke, emagatsheni, noma emabandleni, benza lo msebenzi wasensimini wokutshela abanye ngoMbuso kaNkulunkulu.

Ekugcineni imibiko yalo msebenzi ifinyelela endlunkulu yomhlaba wonke, bese kuhlanganiswa futhi kunyatheliswe INcwadi Yonyaka yaminyaka yonke. Futhi, unyaka ngamunye kukhishwa ishadi kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1. Lezi zincwadi ezimbili zinikeza imibiko enemininingwane yalokho okufezwa unyaka ngamunye ekunikezeni ubufakazi ngoJehova noMbuso wakhe ngaphansi kukaKristu Jesu. Eminyakeni yamuva oFakazi nabantu abathakazelayo abangaba ngu-14 000 000 baye baba khona eSikhumbuzweni saminyaka yonke sokufa kukaJesu. OFakazi BakaJehova bachitha amahora angaphezu kuka-1 000 000 000 ngonyaka bememezela izindaba ezinhle, futhi kubhapathizwa abasanda kuhlanganyela abangaphezu kuka-300 000. Izincwadi ezihanjiswayo zibalelwa emakhulwini ezigidi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela